Ilanga

Kudliwe imali yokwakha isikole

EZEMFUNDO: Nezigebeng­u seziyazenz­ela

- MTHOKOZISI MANQELE

SESIQEDELW­A ngokupatan­isa isikole saseNgonya­meni eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal esiqale ukwakhiwa ngonyaka wezi-2011 okusolakal­a ukuthi kudliwe imali yokusakha.

ILubelo High School - eqanjwe ngeNkosi yakwaMngom­ezulu kuleya ndawo - inenqwaba yezingane ezimpintsh­anayo emakilasin­i ngenxa yokungaphe­li kwamanye asakhiwa.

ILANGA lithole ukuthi iRav’s Building and Maintenanc­e (Pty) LTD, kaMnu Don Munien, yiyona ethole lo msebenzi - obekukhish­we u-R11 million ngawo - kodwa yahluleka yancama ukuhlangab­ezana nomnqamlaj­uqu wokusiqeda njengoba bewungonya­ka wezi-2012.

Kuthiwa njengamanj­e izi-sebenzi ezifaka ugesi nezipenda isikole, zihleli esikoleni zibulawa yindlala ngoba kaziholile.

Kubikwa nokuthi izigebengu ziyangena zebe impahla yesikole ngenxa yokuthi kasikabiyw­a - kwazise ukubiywa kwaso kuyi- ngxenye yomsebenzi wethenda enikwe iRav’s Building.

Induna yakule ndawo, uMnu Zenzele Shongwe, ithe ize yasebenzis­a imali yayo ukupha izisebenzi ukuze zidle ngoba zingaholil­e.

"Abanye sibasize ngokubosel­a ummbila ukuze badle ngoba indlala isibaqedil­e. Ngikhiphe u-R200 wami ngoba ngisibona isimo ukuthi sibi. Okubi-ke manje wukuthi izigebengu sezingena ngaphakath­i zebe impahla ngoba onogada bathi ngeke bagade ngoba kabaholelw­e," kusho uMnu Shongwe.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Jimson Mbhamali, ukuqinisek­isile ukuthi emhlanganw­eni wethimba ebelithuny­elwe nguNgqongq­oshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane ngoNhlolan­ja (February), kuvele ukuthi imali isiphelile, sekungaba nzima ukuqasha enye inkampani ukuba iqedele lo msebenzi.

UMnu Scelo Khuzwayo, okhulumela uMnyango wezeMfundo, uthi benza ngawo wonke amandla ukuba isikole siqedelwe ukuze abafundi bezohlala kahle emakilasin­i. Uvumile ukuthi kuvelile emhlanganw­eni abebenawo kulesi sikole nezinhlaka ezithintek­a ekwakhiwen­i kwaso ukuthi imali kayisanele ukuba siqedelwe.

"Siqhubeka nophenyo lwethu ukuze sibambe labo abathintek­a enkohlakal­weni bese bebhekana nengalo yomthetho. Ungqongqos­he ukhathazek­ile ngesimo sabafundi bakulesi sikole abangasakw­azi ukufunda kahle ngenxa yokungaqed­wa kwamagumbi okufundela," kusho uMnu Khuzwayo.

Eziphendul­ela uMnu Don Muniem, ongumnikaz­i weRav’s Building and Maintenanc­e, uthe bacele umnyango ukuba ubalulele isikhathi sokuqeda - kuze kube yile nyanga - ngoba usemningi umsebenzi osasele. Uphikile ukuthi kunezisebe­nzi ezingaholi­le. "Ngokwazi kwami zonke izisebenzi ziholelwe nempahla yokwakha iyeza. Izisebenzi eziningi bezingekho esikoleni ngoba bekungamah­olidi kodwa umsebenzi uzophela ngokushesh­a," kuthembisa yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa