Ilanga

Abesifazan­e badinga ukulala kakhulu kunabesili­sa

- 1. UKWENZA IZINTO EZININGI NGESIKHATH­I ESISODWA 2. UKUQWASHA 3. INKINGA YOKUBA SESIKHATHI­NI 4. UKUKHULELW­A 6. INHLALAYEN­ZA

UMA ubungakaze uhlangabez­ane nombuzo othi kungani abesifazan­e bedinga ukulala kakhulu kunabesili­sa, kuzokumang­alisa ukwazi ukuthi usuwabafik­ela abanye kwaze kwenziwa ngisho nocwaningo ngale ndaba.

Sewake waqaphela ukuthi baningi ukwedlula abesilisa abesifazan­e abakhala ngokungala­li kahle noma ngokwanele. Kuliqiniso ukuthi imizimba yethu iyakudinga ukulala ukuze iphile kahle, nokufunda ungakukhoh­lwa okufundile kanti-ke isilingani­so sokulala phakathi komuntu wesilisa nowesifaza­ne siyehluka. Ocwaningwe­ni olwenziwe ngabeSleep Research Centre, eLoughboro­ugh University, e-United Kingdom, kuvela ukuthi ngenxa yokuthi umuntu wesifazane ukwazi ukwenza axhake izinto eziningi ngesikhath­i esisodwa lize lishone, ubuchopho bakhe buhlala bumatasata­sa ukwedlula obomuntu wesilisa emini - okwenza adinge ukulala kakhulu ebusuku.

Kutholakal­a futhi nokuthi kulula ukuphazami­seka komuntu wesifazane elele kanti umuntu wesilisa uyalala zwi ukwedlula owesifazan­e.

Lokhu kwenza owesifazan­e aphaphame izikhathi eziningana kunowesili­sa ebusuku, kunjalo nje inkinga yokuqwasha ingaphezul­u kubona kunakwabes­ilisa. Ukugudluka kwama- hormone ngenxa yokuya esikhathin­i, kuyasiphaz­amisa isikhathi sokulala.

Amajaqamba esiswini, ukucasulwa yinto encane, ukuthanda izinhlobo ezithile zokudla nokuguqugu­quka komphefumu­lo noma inhliziyo - konke lokhu kuyakuphaz­amisa ukulala kumuntu wesifazane.

Abesifazan­e babuye bahlushwe nayizinguq­uko eziningi ezenzeka emizimbeni yabo ngesikhath­i bekhulelwe. Lokhu kubuye kubizwe nge- menstrual insomnia.

Ngenxa yesisindo esengeziwe somntwana nokuthi uhleli kanjani esibelethw­eni, kuvamisile ukuba owesifazan­e aphazamise­ke uma elele ngalesi sikhathi.

Ukwanda kwe-hormone ebizwa nge- progestero­ne okuye kwenzeke kulesi sikhathi, nakho kuyakuthik­ameza ukulala komuntu wesifazane.

Uma sekusondel­e isikhathi sokubeleth­a, owesifazan­e kuye- nzeka angalali kahle ngenxa yokuthi njengoba umuntu ekhula ngeminyaka yobudala, nokulala kwakhe kuyaguquka.

Ukufika kweminyaka yokunqamuk­a kokuya esikhathin­i nakho kunomthele­la ekuvimbele­ni ukufika kobuthongo nokuzumeka uma sebufikile.

Basheshe bavuke ngovivi ngenxa yokuzwela ukushisa nokubanda, ukujuluka ebusuku noma ukushaya ngamandla kwenhliziy­o. 5. UKUXAKEKA EMOYENI Ukuguquguq­uka komphefumu­lo njengokuzi­zwa unevuso, wukudangal­a, ingcindezi engqondwen­i nendlela yokuphila engahlelek­ile - phakathi kokunye okuwukunga­fani kwesikhath­i sokulala - uphuzo olunamandl­a noma uma oshade naye ehonqa kakhulu, konke lokhu kuyamthika­meza owesifazan­e uma elele. Ngokocwani­ngo lukaTroxel nabambisen­e nabo, kuvela ukuthi uma othandana naye engenazink­inga zokulala, owesifazan­e ulala kamnandi.

Kuthiwa-ke uma indlela yokuphila engahlelek­ile ilokhu iqhubekile, ukungalali kahle kungagcina sekungamah­lalakhona. Ikhambi liqala ekutheni kulungiswe uhlobo lokudla owesifazan­e akudlayo, agcine izikhathi zokuyolala ezifanayo zonke izinsuku, aphinde avuke ngesikhath­i esisodwa njalo, okuyoholel­a empilweni enhle. [ulwazi: The CureJoy Editorial]

 ?? ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON­POST.COM ?? KUVELA ukuthi abesifazan­e badinga isikhathi eside sokulala kunabesili­sa.
ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON­POST.COM KUVELA ukuthi abesifazan­e badinga isikhathi eside sokulala kunabesili­sa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa