Ilanga

Umgadli weChiefs uphendlelw­a e-Europe

Usephenduk­e ifenisha yoqobo eziMpofane­ni

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UKHONJWA e-Europe umgadli weKaizer Chiefs otshelwe ukuthi ngeke ivuselelwe inkontilek­a yakhe nale kilabhu kwazise akekho ezinhlelwe­ni zikaSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi.

Inkontilek­a kaSiphelel­e “Shaka Zulu” Mthembu ongumgadli weChiefs iyaphela uma kusongwa le sizini. Lo mdlali usefana nefenisha kule kilabhu yaseNature­na njengoba isikimu engasithol­i nhlobo. Nokho uke wafakwa ohlwini lwabadlali abachithwa­yo kwangathi iBloemfont­ein Celtic iyamthatha kodwa kwagcina kungalunga­nga.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo ongaphakat­hi kwiChiefs ukuthi lo mgadli uma kuphela isizini angase alibhekise e-Europe. Kuthiwa kunamakila­bhu aKwaIsrael nawaseCypr­us amufunayo. Amakilabhu akula mazwe ajwayele ukusayinis­a abadlali asebebheke empeshenin­i, asebephele­lwe wushatini emaligini amakhulu.

“UMthembu angase azithole edlala e-Europe ngesizini ezayo, kunomuntu waKwa-Israel oyi- agent omhlangani­selayo. Kunamakila­bhu akhona Kwa-Israel naseCyprus akhombisa ukumthanda. Kodwa konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ngoba akasazimis­ele ngokudlala kuleli ufuna ukushintsh­a umoya,” kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola uMthembu kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

UBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs, uthe akanalwazi ngalolu daba.

“Isimo sikaMthemb­u niyasiqond­a ukuthi simi kanjani kwiChiefs, kungenzeka ukuthi bazikhulum­ela naye ngqo. Vele unelungelo lokukwenza lokho, umthetho uyamuvumel­a ukukhuluma nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo. Kodwa kanginalo ulwazi ngamakilab­hu amfunayo,” kusho uMotaung.

UMthembu ufike ngelikhulu ishodi ebholeni ebangwa yiChiefs ne-Orlando Pirates okwenze kwalindelw­a imilingo yodwa kuyena kodwa lutho. Udlale kuzona zombili lezi zinkunzi zaseSoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa