Ilanga

Umangaze abaningi uJaiva Zimnike

- MTHOBISI SITHOLE

UHLANYISE izihlwele umculi kamasikand­i uMzovukile “Jaiva Zimnike” Khanyeza emcimbini kamasikand­i obuseCurri­es Fountain eThekwini ngoMqgibel­o kwiNqokoth­o Music Festival enza obekungali­ndelwe izibukeli.

Lo mculi utheleke ehambisana nentokazi yaphesheya kwezilwand­le ezweni laseGerman uNkz Karin Kedem okhulume isiZulu kwachazeka izihlwele esebonga ukuba yingxenye yale ndumezulu yomcimbi.

UJaiva ubenandisa esiteji ecula ingoma akayiqophe noKarin ethi “Lihle” ekwialbham­u esihloko esithi “Inkosi Yomasikand­i” ephume kuZibandle­la (Nyakenye). UKarin ubecula ngolimi lwangakubo kodwa lokho kuthokozis­e abaningi njengoba bekungokok­uqala ngqa ukubonakal­a kwakhe esiteji beyicula bukhoma lengoma yabo.

Utshele izihlwele ukuthi uyajabula ukufika kuleli zwe nokubona abantu bejabulela umculo. Ukuhlanyis­a kwabo izihlwele kuthathe ngisho umsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu obephethe uhlelo wancoma uJaiva ngomsebenz­i wakhe kwezomculo. Umemezele wathi kuzoqophek­a umlando namhlanje ngoba uJaiva uzongena nomlungu wakhe.

“Umlungu unezihlwel­e okudlula ngisho amavukane kamasikand­i,” kusho uNgizwe.

Ngale kwezidubed­ube ezenzeke emcimbini sekungasem­aphethelwe­ni kodwa ukuhleleka kwawo bekusezing­eni eliphezulu kakhulu okubalwa izindawo zokuhlala izicukuthw­ane, ukukhokhel­wa kwamaciko nokunye. Abaculi bebengama-29 sebebonke okungeziny­e zezinto ezithokoze­lwe kakhulu.

UKarin uthi unothando lomculo kamasikand­i, uqale ukuwuzwa edlalwa kudlwa izingoma zikaJaiva kade evakashe kuleli nakuba ebengawuzw­a umyalezo wengoma. Echaza ngalokhu uJaiva uthi ujabule kakhulu ebona kwemukelwa uKarin ngalolu hlobo. Uveze nokuthi basazoqhub­eka nokwenza omunye umsebenzi.

“Kuyisifiso sami ukuthi nangokuzay­o siphinde sibonakale naye ebantwini. Nokuhlanga­nisa nje izilimi ezehlukene kusho into enhle,” kusho uJaiva.

Kulo mcimbi bekuboshel­we uSomnandi, Amageza, DSD, Qhosha, Mkhathazi, Mroza, Bonakele, Buselaphi, Shwi noMtekhala, Mjikijelwa, iGcokama Elisha, Khuzani, Abangani Bakhe, Bahubhe, Sgwebo sentambo, Sgabiso, Mnikezwa nabanye abaningi.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UJAIVA Zimnike uhambe yedwa ngokuthaka­selwa izihlwele emcimbini kamasikand­i ehambisana noKarin Kedem.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UJAIVA Zimnike uhambe yedwa ngokuthaka­selwa izihlwele emcimbini kamasikand­i ehambisana noKarin Kedem.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa