Abakhulelwe bashone bevela ebumnandini
Kuphaphalaze imoto yagingqika
UYABALISA owesifazane wakwaP eMlazi, eningizimu yeTheku, ngokushona kwendodakazi yakhe nomngani wayo engozini yemoto eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku ngasenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu, kulona leli lokishi kanti kubikwa ukuthi bebebuya ebumnandini kwenzeka le ngozi.
UNkz Mandisa “MaNtanzi” Mqadi (23) obenezinyanga eziyisi-7 ezithwele, ushone nomngani wakhe, uNkz Nompilo Shangase (23), yena obenezinyanga eziyisi-8 ezithwele.
Bebehamba bobabili emotweni ngesikhathi behlelwa yile ngozi eshiye imoto kaNkz Shangase iphelile ngemuva kokugingqika.
ILANGA lithole ukuthi laba bangani abebengahlukani, bebephuma ebumnandini oThongathi, enyakatho yeTheku, njengoba bekunomcimbi we- jazz.
Kubikwa ukuthi kukhona okubaphazamisile emgwaqweni, imoto yaphaphalaza yashayisa unqenqema lomgwaqo yaphenduka nabo bashonela endaweni yesigameko.
UNkz Gugu Mqadi, ongunina kaMandisa, uthi ugcine ukuxoxa nendodakazi yakhe ocingweni ngezithuba zehora lesi-8 ebusuku imazisa ukuthi isiyagoduka.
“BengiseMthwalume komunye umcimbi ngigcina ukukhuluma nabo. Bebefuna ukuza kumina kodwa ngabenqabela ngibona ukuthi sesihambile isikhathi futhi bahamba bodwa bengamantombazane. Ngibatshele ukuthi mabagoduke sizobonana ngakusasa. Bebeneme bebanga umsindo ocingweni, bebangisana ngokukhuluma nami bengibelesele ngokuthi bafuna ukuza kumina. Ngikale isikhathi esingangehora ngabafonela ngifuna ukuzwa ukuthi sebefikile yini ekhaya nokuthi bahambe kanjani. Izingcingo zabo bese zivaliwe zombili. Ngize ngayolala ngingabatholi ocingweni,” kuchaza uNkz Mqadi.
Uthi uze walandwa ngakusasa ngeSonto esetshelwa ngokudlula kwabo emhlabeni emuva kwengozi yemoto.
Ubekhuluma neLANGA ebalisa ngokushona kwendodakazi yakhe okuwukuphela kwayo. Uthi indodakazi yakhe ishiye ingane eneminyaka eyisihlanu ubudala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kwenziwa uphenyo mayelana nokushona kwalaba besifazane.