Ilanga

A IZITSHALO NEMFUYO LESI

- SICELO KUNENE

imfuyo, ezinembewu eshibhile futhi kube lula ukuyandisa.

Njengoba sake sachaza, kukhona umehluko phakathi kwengubo eluhlaza nomanyolo oluhlaza ngoba yona ngesinye isikhathi, ingasiphul­wa ukuze ingancinti­sani nezitshalo kanti umanyolo oluhlaza wona uyambiwa uphinde ugqitshwe ukuze wandise imvundo emhlabathi­ni.

Ingubo eluhlaza ingenziwa ngezisamdu­mba, ungotshani njalo njalo. Kwesinye isikhathi ungayileka ingunaphak­ade ensimini uma wenze utshalongx­ube phakathi kotshani nokusamdum­ba.

Esimeni sotshalong­xube, ingubo itshalwa ngesikhath­i esifanayo nezitshalo zangaleso sikhathi. Isitshalo sangaleso sikhathi kufanele sibe side kunengubo ukuze zingeke zincintisa­ne nengubo.

Sesike saxoxa ngezitshal­o zasebusika, okusho ukuthi umlimi uzokhetha ngolwazi analo ukuthi uhlela kanjani phakathi kokwembesa umhlabathi ngengubo eluhlaza nokutshala okuzoba wumanyolo oluhlaza.

Kungaso-ke futhi lesi sikhathi lapho sandisa izivikeli ezinjengog­aligi nopelepele ensimini ngoba phela sizokuding­a lokhu kakhulu ekudleni, ekudayisen­i, nasekwenze­ni ingxube yomuthi wokuxosha izinambuza­ne nezilokaza­ne ezicekela phansi isivuno esilandela­yo.

Uzozikhumb­uza ukuhlangan­iswa kwalezi zingxube njengoba sesike saphindaph­inda ukuxoxa ngazo. Okumqoka wukuhlala uhlomile, unazo zonke izinsizaku­sebenza ezilungise­lela ihlobo elizayo.

Uma ngabe umlimi edinga ukuchushis­wa ngezinhlel­o ezineminin­ingwane nemihlahla­ndlela, angathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le kwethi: 082 789 4281 noma abhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: Contact us sizomthint­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa