KUNOMZANYANA ODINWA ACISHE AKUBAMBE NGEZANDLA
OMUNYE wozakwethu ucele ngibuyele odabeni lwabazanyana nabasizi basemakhaya. Ngike ngaluthi halamuzi phambilini lolu daba ngibavuna abazanyana ngithi bayavelelwa yithina esingomedemu abamnyama ngoba sigcina sibafukuzisa sedlula abezinye izizwe ezidume ngokuba nesihluku.
Ngaleso sikhathi bengikhuza ngithi masiyeke ukukalela abasizi basezindlini ukuthi umuntu makadle iqanda namuhla noma adle u-polony kusasa, yeka umsizi akhululeke adle lokho akuthandayo ngalolo suku ngoba nawe ukuba ngudadewenu noma yisihlobo sakho lesi esenziwa nje ngabe kawuyizwa kahle leyo nto. Empeleni sengike ngabezwa abasizi basezindlini bekhononda ngokuthi kule mizi yeziqumama eziyizinhlanga banikwa izinsalela nezikhokho, kuthi kuphekwe ukudla okusha namuhla yena kuthiwe makaqedele okusefrijini obekusale izolo ngoba bengafuni kuchithwe.
Isimanga ngabantu bakithi wukuthi kokunye uthi uyamzwela, umnike imfudumalo ekhaya lakho agcine esekhohliwe ukuthi empeleni ubezele ukuzosebenza belu. Ingani thina siqhuba phambili le nto yobuntu, okuyinto enhle isimanga, kepha hhewu! Uma esethe uyakuxhaphaza umuntu, ngeke ukholwe ukuthi kusenguyena lo owawumthathe wamfaka ngaphansi kwekhwapha, wamembulela namagxaba akho obusawathanda nawe, wamethula nasezihlotsheni zomndeni.
Ngiyakutshela mina, uma esedlonga umzanyana ukugolozela, ajike aqhubeke alale, ageze, adle khona la kwakho kodwa wena mninindlu ebe engakukhulumisi ngoba mhlawumbe ecikwe yinto ethile oyishilo noma obumthethisela yona. Ikuhlinele intokazi ubone ukuthi isiyadadlaza-ke manje, isidonse umlomo sekushoda kancane phela ikucele udede manje.
Kusuke sekufana nokuthi unomnakwenu khona la kwakho dade. Kubi nakakhulu kithina besifazane ngoba uma kuvuka lezi zipiyoyo zabazanyana, kazijwayele ukubathinta abesilisa bakulo muzi kwazise vele udaba lomsizi nomzanyana lujwayele ukusingathwa ngusisi noma ngumama wakulowo muzi.
Ngisho iphutha lingabonwa ngubaba wakhona kuqala, uzobikela umama bese kuba nguyena okhuluma nomsizi ngephutha, nanso-ke la yonakala khona. Afuthe izihlathi umntakwethu, uze ugcine sewesaba ngelinye ilanga ukumtshela uma kunento ongayithandanga ngoba sewucabanga leliya langa la akudinelwa khona izinsuku ezintathu emuva kokuba umqondise izigwegwe.
Uzithole sewulokhu uthi: “Hhayi, ake ngime ngizomtshela kusasa.” Ikusasa liphenduke iphambi kwakusasa ngoba usuyamsaba umzanyana, he-hee-heee.
Ngeke sazi, kuthiwa babuye basidlise njalo, basichele nangeziwasho benzela ukuba singabathethisi, mhlawumbe kusuke sekusebenza intelezi-ke nje, uzithole sewuthithibala, sewuthobela isisebenzi sakwakho. Kawukaze ufikelwe yisimo la sewumenqena umzanyana khona uze uncamele ukusukuma uzenzele okuthile? Bhasobha, kungenzeka ukuthi usekudlisile umsizi, kabadlali phela.
Uthi-ke uzakwethu usezishayele umthetho wokuthi uma eke waqeda unyaka nje umzanyana wengane noma umsizi wasekhaya, kumele amkhulule ahambe ngoba okulandela lapho kusuke sekuzoba wukujwayelana okwedlulele nje osekuzoze kunixabanise. Uthi-ke uzakwethu umzanyana wengane wokugcina umbhadame egqibele ukudla kuwodilophu, sekuze kwakhunta, kwabola. Uthi ubelokhu elizwa iphunga elithi shwi, anganaki kanti uzogcina epequlula athole ukuthi ingane kayifunzwa nhlobo, kuyaphakwa nje kukhiwe kabili kathathu kufihlwe kuwodilophu.
Uma esembuza, sekuyingxabano, sekunguye futhi kuqala umzanyana othi: “Ngoba sengathi ubona ukuthi ngiyehluleka wukugada ingane yakho, ngicela ukuvuka kusasa ngigoduke.” Yizwani nje bakithi! Cabanga-ke ukuthi omunye nomunye ubesethi kazi kuyosa nini ngoba bese bexabene. Sekungaze kube nengozi njalo kulezo zimo ngoba usuke ungamazi kahle umuntu osuke umqashile, kungenzeka unokugula okuthile nje okuhambisana nodlame, uma sewumxoshile nje angasuke afune ukukugila, aziphindiselele.
Kangilukhohlwa udaba olwenzeka kwesinye sezibhedlela la imenenja thizeni yabiza isisebenzi iyosinika incwadi yokuyoqondiswa izigwegwe kanti isisebenzi sizohosha isibhamu sidubule imenenja, yashona.
Uzakwethu-ke ufike emsebenzini eshunqa ethi into emcike nya wukuthi emuva kokuba umsizi wakwakhe ethe ucela ukuwuyeka umsebenzi, akaphindaba wenza lutho endlini laze lashona piqe ilanga, kwasa ngakusasa futhi yazihobela nje ekamereni intokazi, ithe isuka lapho yayichopha, yenza okudliwayo, yapakisha yahamba. Mana kancane-ke, uduba umsebenzi kepha uyaphinda ugeza khona la, uyadla futhi khona la!
Wukwedelela lokho. Noma ungeke umxoshise okomgodoyi umuntu kepha naye kumele akhombise ukwehlela ngezansi uma edinga ukuba nawe umcabangele. Ngivele ngabona ukuthi kusho ukuthi la bekuqondene amashinga ezintokazi ezithi mazilingane ngeminyaka, ingekho esakhumbula ukuthi yona phela yayiyosebenza, kumele yehlele ngezansi ngoba isancenge nendawo yokulala, ukugeza nokudla. KwiLANGA LangeSonto ngizochaza ukuthi kungani abantu abaningi bencamela abasizi nabazanyana asebekhulile ngokweminyaka ngoba bethi zigangile lezi zingane esiziqasha zisaphuma esikoleni. *UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhumana naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebook: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxumalo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo