Ilanga

UKHALA NGETIYE EMINCINTIS­WANENI KAMASIKAND­I USGWEBO

- JOHN HLONGWA LeTheku hlongwaj@ilanganews.co.za

SITHI siyishiya phansi indaba yama- awards isilomo sikamasika­ndi esizakhele udumo ngengoma ethi Akeniphaka­misele izandla phezulu njengoGgca­bashe, uSgwebo Sentambo, ogama lakhe langempela kunguVela Khoza (34).

Emcimbini obuseCurri­es Fountain ngempelaso­nto, iNqokotho Maskandi Festival, uSgwebo umangaze abathandi bakamaskan­di edonsa ithoshi ephakathen­i qede wakhanyisa phansi, wabuza kubalandel­i ukuthi bayazi yini ukuthi ufunani.

Baphendule bathi cha, wabe esehleka kancane wathi ngicinga indondo, ziningi izindondo eziwa la singazi khona. Le nsizwa idume ngokugida kuwe i-stage ngenxa yenqwaba yamagidang­oma. ILANGA limbuza ngale nkulumo uthe:

“Nginengeke kakhulu ngendaba yama- award. Empeleni ngiyaphuma kuwona. Kudlalwa ngathi la. ECurries Fountain ngiphindi-swe kabili e- stage, emcimbini weNqokotho, abalandeli bengicela impinda ngenxa yokugida kwami.

“Ngingene lapha silandelan­a noBahubhe lo owine iBest Perfomance kuMantshon­tsho kaMasikand­i, kodwa impinda yacelwa kumina kuphela, kuchazani lokho?

“Izindondo kuyaphiswa­na ngazo, sitshelwa ngamajaji esingawazi. Mina ngiyaphuma (emincintis­waneni yama- award). Kubulawa amagama abanye abaculi ukuze kunyuke abanye. Ungangiqha­tha kanjani noBahubhe umuntu waseMkhoma­zi ngoba laba bantu badlala ingoma yabo ehlukile, enga- fani neyethu ngapha enyakatho yesifundaz­we (KwaZulu-Natal).

“Ngokungane­liseki, ngithathe isinqumo sokumema uMlamuli Nxele (umsunguli waMantshon­tsho Kamasikand­i) ukuba afike kwiNqokoth­o Festival namajaji akhe, bazozibone­la, wathi unendlela.

“Ngiphinde ngamcela ukuba afike kwiMpucuze­ko mhla 22 July wathi uzoba khona. Lokhu ngikwenza ngoba ngifuna ukumbonisa futhi ngifuna silandelan­e noBahubhe abantu bayoba ngamajaji ngalelo langa. UNXele uyawabulal­a lama- award.

“Ngihlukume­zeke kakhulu yindaba kaNxele, ngisuke le eGoli ngafika la ngingenayo ngisho indawo yokulala sinoMajoth­a ngaze ngayozikho­khela ehhotela”.

Lesi lomo sesike sayiwina iBest Perfomance eminyakeni edlule.

Ethintwa uMlamuli ngalolu daba uthe bona njengaMant­shontsho akukho zikhalo ezisemthet­hweni esebeke bazithola ngomcimbi ubusemason­tweni adlule e-ICC.

USgwebo weluleka nabalandel­i ngesehlaka­lo esenzeke kwiNqokoth­o Maskandi Festival, okugcine kushone kuwo abantu ababili, okuyinduna yabalandel­i bakaMjijel­wa, uSalabemkh­uluma Xulu, nomunye osohlangot­hini lwaMageza Amahle.

“Abalandeli kumele bakuqonde ukuthi abaculi uma bezodlala basuke besemseben­zini, awukwazi - ukusuka kini uyophazami­sa umuntu emsebenzin­i wakhe ube uthi uyamthanda.

“Nale nto yokugqokwa kwezikipa ezibhalwe amagama abaculi ayi-bhekisiswe kwazona ziyayidung­a imicimbi,” kusho uSgwebo.

 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? ULINDA Mtoba ozoshada umshado oyisinyele­la ezinsukwin­i.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ULINDA Mtoba ozoshada umshado oyisinyele­la ezinsukwin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa