UKHALA NGETIYE EMINCINTISWANENI KAMASIKANDI USGWEBO
SITHI siyishiya phansi indaba yama- awards isilomo sikamasikandi esizakhele udumo ngengoma ethi Akeniphakamisele izandla phezulu njengoGgcabashe, uSgwebo Sentambo, ogama lakhe langempela kunguVela Khoza (34).
Emcimbini obuseCurries Fountain ngempelasonto, iNqokotho Maskandi Festival, uSgwebo umangaze abathandi bakamaskandi edonsa ithoshi ephakatheni qede wakhanyisa phansi, wabuza kubalandeli ukuthi bayazi yini ukuthi ufunani.
Baphendule bathi cha, wabe esehleka kancane wathi ngicinga indondo, ziningi izindondo eziwa la singazi khona. Le nsizwa idume ngokugida kuwe i-stage ngenxa yenqwaba yamagidangoma. ILANGA limbuza ngale nkulumo uthe:
“Nginengeke kakhulu ngendaba yama- award. Empeleni ngiyaphuma kuwona. Kudlalwa ngathi la. ECurries Fountain ngiphindi-swe kabili e- stage, emcimbini weNqokotho, abalandeli bengicela impinda ngenxa yokugida kwami.
“Ngingene lapha silandelana noBahubhe lo owine iBest Perfomance kuMantshontsho kaMasikandi, kodwa impinda yacelwa kumina kuphela, kuchazani lokho?
“Izindondo kuyaphiswana ngazo, sitshelwa ngamajaji esingawazi. Mina ngiyaphuma (emincintiswaneni yama- award). Kubulawa amagama abanye abaculi ukuze kunyuke abanye. Ungangiqhatha kanjani noBahubhe umuntu waseMkhomazi ngoba laba bantu badlala ingoma yabo ehlukile, enga- fani neyethu ngapha enyakatho yesifundazwe (KwaZulu-Natal).
“Ngokunganeliseki, ngithathe isinqumo sokumema uMlamuli Nxele (umsunguli waMantshontsho Kamasikandi) ukuba afike kwiNqokotho Festival namajaji akhe, bazozibonela, wathi unendlela.
“Ngiphinde ngamcela ukuba afike kwiMpucuzeko mhla 22 July wathi uzoba khona. Lokhu ngikwenza ngoba ngifuna ukumbonisa futhi ngifuna silandelane noBahubhe abantu bayoba ngamajaji ngalelo langa. UNXele uyawabulala lama- award.
“Ngihlukumezeke kakhulu yindaba kaNxele, ngisuke le eGoli ngafika la ngingenayo ngisho indawo yokulala sinoMajotha ngaze ngayozikhokhela ehhotela”.
Lesi lomo sesike sayiwina iBest Perfomance eminyakeni edlule.
Ethintwa uMlamuli ngalolu daba uthe bona njengaMantshontsho akukho zikhalo ezisemthethweni esebeke bazithola ngomcimbi ubusemasontweni adlule e-ICC.
USgwebo weluleka nabalandeli ngesehlakalo esenzeke kwiNqokotho Maskandi Festival, okugcine kushone kuwo abantu ababili, okuyinduna yabalandeli bakaMjijelwa, uSalabemkhuluma Xulu, nomunye osohlangothini lwaMageza Amahle.
“Abalandeli kumele bakuqonde ukuthi abaculi uma bezodlala basuke besemsebenzini, awukwazi - ukusuka kini uyophazamisa umuntu emsebenzini wakhe ube uthi uyamthanda.
“Nale nto yokugqokwa kwezikipa ezibhalwe amagama abaculi ayi-bhekisiswe kwazona ziyayidunga imicimbi,” kusho uSgwebo.