Ushintsho luyindlela yokuphila emhlabeni
KUMELE sikwamukele ukuthi izinto kazisoze zahlala zimi ngendlela eyodwa kuze kube ngunaphakade. Zolo lokhu kushaywe izandla uHlaudi Motsoeneng ( ose
sithombeni) wodumo ememezela izinguquko ezintsha esenamandla okuphatha eSouth African Broadcasting Corporation (SABC).
Phakathi kokunye kube wukumemezela ukuthi le nhlangano iyakuyeka ukushintsha izinkontileka zabasakazi minyaka yonke.
Ukusho lokhu kwavele kwawenza umqondo kwabaningi.
Lokhu kuthiwa kwenziwa ngenxa yesizathu sokuthi esikhathini esingangonyaka inkonyane isuke isathuka isisinga ngakho-ke ukubagixabeza ngeminyaka ethe xaxa kuwumqondo ophusile.
Kumenzele olukhulu ugazi ikakhulukazi kubasebenzi ngoba nabo bebehleli ngesinqe esisodwa, kungenasiqiniseko sokuthi umuntu uzobe esekhona yini ngonyaka olandelayo. Sekungabuye kubhekwe-ke ukuthi engabe kuyayisebenzela na lokhu inhlangano.
Esinye isinqumo asithathile esimangaze izwe kube wumgomo wokuthi kungabi bikho nesisodwa isiteshi seSABC esizodlala ingxenye encane yomculo wakuleli, wabeka umgomo ka-90% wodumo. Kuhlukanwe phakathi-ke ngalesi sinqumo sikaHlaudi wezimanga.
Ngakolunye uhlangothi abaculi bebethi ncinci kaMjoli ngoba bekusho ukuthi azokwanda amasenti abazowathola ngama- royalty.
Ngakolunye uhlangothi kube nenkinga yokujwayeza abalaleli umculo abangawazi noma abangawuthandi. Khumbula phela, iningi leziteshi liba nama- genre omculo eligxila kuwo. Kakuzange kumangaze ukukhala kwabeLotus FM ngokuthi sekwandiswe ikwaito nezinye izinhlobo zomculo waseAfrika kulo msakazo ekubeni bebedlala kakhulu osondelene neBollywood ne- pop.
Kube yisililo esifanayo naseMetro FM ikakhulukazi ngamasonto njengoba bekwaziwa igabe ngeR&B nengeningi kangako evu- tshelwe kuleli.
Izinhlelo zabo ezintathu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-6 ntambama bezizihambela zodwa ngaphambi kwesinqumo sikaHlaudi wezigigaba.
Kuyiqiniso ukuthi ukuze imboni yomculo isimame, idinga ukwesekwa yimisakazo.
Inkinga wukuthi imisakazo iyibhizinisi kanti uma usebhizinisini umuntu obaluleke kakhulu yikhasi-mende, hhayi wena mnikazi. Kufanele amakhasimende nokuyithi balaleli, sihlale sijabulile futhi senelisekile zikhathi zonke.
Ukungagculiseki ngokwenzeka emsakazweni kusho ukuthi kuzomele ngishintshe isiteshi, nokusho ukulahlekelwa kwalowo msakazo.
Ukungagculiseki kwethu kwenza sehle isibalo sabathenga izikhangiso kwazise basuke bencipha abantu abazozikhangisa kubo. Kakumangazi nje ukuthi namuhla kuthiwe iSABC ayenzi kahle ezimalini bese kusolwa izinqumo zakhe lo mnumzane. Singakulindela ukuthi zishintshwe izikhonkwane ashiye ezimisile eSABC njengoba sekunabaphathi abasha.
Ziyashintsha-ke vele izinto emhlabeni, kuyenzeka olunye ushintsho luthele izithelo eziconsisa amathe nezinothile ngomsoco kodwa kuyenzeka futhi luthele izithelo ezomile ezibhedayo.