Ilanga

AKANAVALO NGENGOMA UMSAKAZI

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ISILOMO somsakazo, iGagasi FM, sithi sinethemba lokuthi eminye imisakazo ngeke ijaje ingoma yaso ngokuthi singumsaka­zi walesi siteshi kodwa, izobheka ubumnandi bengoma. UMzokhona Gumede odume ngelikaMzo­koloko kulo msakazo usanda kukhipha ingoma esihloko sithi “Ngena Enganeni” ayihlangan­ise noMaMillio­n.

Le ngoma eyi- remix yengoma ekhishwe nguMamilli­on nyakenye isiqalile ukudlala ezindaweni zobumnandi nakweminye imisakazo yomphakath­i. Uthi kuyimanje umatasa uhlela ukuba neminye imisakazo emikhulu ikwazi ukuyidlala le ngoma.

“Akungikhat­hazi nakancane ukuthi ngisakazel­a iGagasi ngoba ngiyazi ukuthi imisakazo ngeke ibheke lokho kodwa izobheka ubumnandi bengoma nokuthi iyahambisa­na yini nenqubo mgomo yesiteshi,” kusho uMzokoloko oshayela uhlelo lwasekusen­i olubizwa nge-I Love Mornings With Mzokoloko. Uthi kumjabulis­ile ukuthi nalo iGagasi seliyifaki­le ohlwini lwezingoma ezidlalwa emsakazwen­i.

“Okunye okungijabu­lisile wukuthi no-Oskido ohlelweni lwakhe ngoMgqibel­o kwiMetro FM uyidlalile, wakhombisa ukuyithand­a kakhulu,” kusho uMzo.

Uthi sekunesikh­athi esemculwen­i njengoba eqale eminyakeni yama-2000 esaziculel­a nabangani bakhe.

“Ikhona esayenza nabanye abangani bami esihloko sithi “Shela Kwasani” ukuba yalithola ithuba le ngoma yayizobhin­cisela nga- nxaye inqwaba yezingoma,” esho ehleka.

Uthi muva nje usebenze noScelo Gowane njengoba becule ndawonye kwenye esihloko sithi “Mtshele” edlalwe kakhulu emisakazwe­ni eyahlukene. Uphinde wenza enye yakhe ethi “Ngicela Uxolo” ekhiqizwe nguyena uGowane.

UMzo uthi uyayithoko­zela indlela abantu abayithand­a ngaye ingoma yakhe noMamillio­n ezindaweni ezahlukene kanti usezinhlel­weni zokwenza i- music video.

“Kuleli sonto lizophela sesiyiphot­hulile. Kodwa ngizozwa ngeMabala Noise ngoba iyona eyengamele le ngoma,” esho. Uhlela ukukhipha i-album egcwele ngasekuphe­leni konyaka.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GAGASI ?? UFUNA bamjaje ngengoma yakhe abasakazi bezinye iziteshi, hhayi ngokuthu ungumsakaz­i weGagasi uMzokoloko oshayela uhlelo lwasekusen­i olubizwa nge I love Mornings With Mzokoloko.
ISITHOMBE NGABE: GAGASI UFUNA bamjaje ngengoma yakhe abasakazi bezinye iziteshi, hhayi ngokuthu ungumsakaz­i weGagasi uMzokoloko oshayela uhlelo lwasekusen­i olubizwa nge I love Mornings With Mzokoloko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa