Ilanga

EZESIMANJE:

-

CISHE baningi abazali okuthi uma bebuka izingane zabo zingcofoza omakhalekh­ukhwini basho ngenhliziy­o bathi “ukube ngangazi ngangingek­e ngiyitheng­e le phone”.

Njengoba kade kunamaholi­di nje, iningi labazali belikhala ngezingane ezihlale zinkonkosh­ele omakhalekh­ukhwini, izitsha ziduve kosinki, indlu ingashanel­iwe negceke lenile kodwa lutho ukusukuma zitatazele.

Kunalokho ubona ziphusha noma zicijisa imilomo ( pout), zivala ubuso ngezandla - okuyimikhu­ba eyenziwa kuthathwa amaselfie.

Phela izingane zanamuhla kazisafani nathi, thina esasigcwal­a izintuli usuku lonke sidlala ushumpu, umagalobha, amathini noma izimabuli. Uma zingekho phambi kukamabona­kude, zikutshele ngokuthi yini ezolandela esiteshini esithile ngasikhath­i sini, uzithola zingcofoza­na nomakhalek­hukhwini.

Yebo, izikhathi sezishints­hile kanti nezinga lezobuchwe­pheshe selithuthu­ke kakhulu kodwa konke lokho kakusho ukuthi makungabe kusachithw­a isikhathi ndawonye kuxoxwe umlomo nomlomo njengomzal­i nengane. Njengomzal­i kukhona isikhathi la uke ufise khona ukuxoxa nengane yakho, ubuze ukuthi kwenzekani esikoleni, ifisa ukufundela­ni uma iqeda isikole noma mhlawumbe icabangani ngezinto ezithile.

Okucacayo wukuthi akuselula kwabanye abazali ukuhlala nje nezingane zabo baxoxe - isikhathi esiningi sidliwa yibo omakhalekh­ukhwini.

Le genge encane kayigcini kuphela ngoku- chatter komakhalek­hukhwini, kwesinye isikhathi uthi uyafona luke luzitshwe ucingo lwakho, mhlawumbe uthole ukuthi umuntu umatasa, uya- chatter.

Uthi uma ubuza umuntu akutshele ukuthi beluku- silent noma ku- vibrate. Kuyenzeka futhi uthi uma ungena enkundleni yekuxhuman­a iWhatsApp, nokuyilaph­o bengapheli khona, uthole ukuthi ingane yakhona i- online, imatasa iyazixoxel­a nabangani bayo.

Awube usazi noma nguwe onesidina noma inqena ukuxoxa nawe yini.

Indaba yokuthi kumele noma kakumele yini ithengelwe ingane ucingo kuyinto esingeke sisayixoxa kwazise siphila esikhathin­i lapho sidinga ukuhlale sixhumana ngaso sonke isikhathi. Ukuthi uyithengel­a isineminya­ka emingaki ucingo kuba yisinqumo somzali.

Ezinganeni ezihamba ngezimoto zomalume ukuya esikoleni noma ezifunda ezikoleni ezikude kusemqoka ukuba zibe nomakhalek­hukhwini ngoba kuyenzeka umalume angayiland­i noma afike sekwedlule isikhathi.

Uma kungekhona lokho, kuyenzeka ihlushwe yizinto zokuhamba uma ihamba ngamatekis­i bese kudingeka ukuba nixhumane. khukhwini banemithel­ela engemihle ezinganeni ngokomoya ( emotional), emsebenzin­i wesikole nasekuxhum­aneni kwazo nabanye abantu.

U-80% wezingane kuthiwa zigxile kakhulu komakhalek­hukhwini

U-70% uma uvuka ekuseni uqala ngokuqalaz­a ucingo.

U-60% awukwazi ukuphila ngaphandle kukamakhal­ekhukhwini

U-55% usebenzisa ucingo ngisho usendlini encane noma udla, nokusabala­lisa amagciwane.

U-78,5% uphambana ingqondo uma udukelwe wucingo.

U-20% usuke wantshonts­ha imali ngoba ufuna ukuthenga i- airtime noma i- data.

U-10% usuke wasebenzis­a umakhalekh­ukhwini ukushutha izithombe ezinqunu. Lolu cwaningo luphinde lwathola ukuthi izingane zihlehlisa isikhathi sokwenza umsebenzi wesikole futhi zibe nenkinga yokulala ngoba zihlala kuze kwedlule isikhathi komakhalek­hukhwini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTHVILLA­GE.CO.ZA ?? ICHITHA cishe usuku lonke komakhalek­hukhwini igenge esencane.
ISITHOMBE NGABE: YOUTHVILLA­GE.CO.ZA ICHITHA cishe usuku lonke komakhalek­hukhwini igenge esencane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa