Ilanga

IKHUNGETHW­E YIZINKINGA IKINGDOM STARS

- MZWAMANDLA ZONDI NGOMGQIBEL­O ECape Town: NGESONTO ECape Town: zondim@ilanganews.co.za

ISHAYWA wukungasit­holi isikhathi esanele sokuziqeqe­sha ndawonye iKingdom Stars emele iKwaZulu-Natal kwiBrutal Fruit Netball Premier League.

IStars izotholana phezulu nezingqwel­e zanyakenye iCrinums ngoMgqibel­o ngo-18h00 eCape Town. Le midlalo iqale ngenyanga edlule eThekwini, njengoba isifudukel­e eCape Town kanti eyandulela eyamanqamu neyamanqam­u izokuba seBloemfon­tein ngoNhlangu­lana (June).

IMenenja yeStars, uPhindile Thusini, itshele ILANGA ukuthi banenkinga yokungakwa­zi ukuziqeqes­ha ndawonye kwazise abadlali abaningi bayasebenz­a. Uthi bazogibela ngawo uMgqibelo ekuseni okuzokwenz­a abadlali bafike bekhathele eCape Town ukulungise­lela umdlalo ozokuba kusihlwa.

“Kunzima ukuhlangan­isa abadlali ngenxa yokuthi bahlala kude abanye bayasebenz­a. Nginethemb­a lokuthi sizokwenza kahle ngoMgqibel­o ngoba nayo iCrinums izinto kaziyihamb­eli kahle.

Okuhle wukuthi uzokube ekhona uPrecious Mthembu (ongukapute­ni) obengekho ngeledlule ngenxa yomsebenzi. Esikwatini sabadlali abali-15 sizohamba nabali-12, abagadli abane, abasesiswi­ni abane nezitobha ezine,” kusho uPhindile.

IStars emidlalwen­i emithathu inephuzu elilodwa njengoba ihlulwe kwemibili yadlala ngokulinga­na kowodwa kanti iCrinums kayikaze inqobe ngisho owodwa umdlalo. Isiyonke imidlalo yeBrutal Fruit Premier League imi kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU ECape Town: Baobabs vs Fireballs 18h00, Flames vs Jaguars 20h00.

Aloes vs Stings 12h00, Baobabs vs Jaguars 14h00, Flames vs Sunbirds 16h00, Crinums vs Stars 18h00.

Diamonds vs Fireballs 10h30, Aloes vs Crinums 12h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ULOUISA Leballo uzozama ukuvikela isicoco sakhe kwiWomen Spar 10km Challenge ngoMgqibel­o eBhayi.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ULOUISA Leballo uzozama ukuvikela isicoco sakhe kwiWomen Spar 10km Challenge ngoMgqibel­o eBhayi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UNOGAZI nakubaland­eli uPrecious Mthembu ongukapute­ni weKingdom Stars ezolibangi­sa eCape Town ngoMgqibel­o ukuyodlala kwiBrutal Fruit Netball Premier League.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UNOGAZI nakubaland­eli uPrecious Mthembu ongukapute­ni weKingdom Stars ezolibangi­sa eCape Town ngoMgqibel­o ukuyodlala kwiBrutal Fruit Netball Premier League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa