Ilanga

ZIYAWUSHAY­A KU-ZAMA

- SANDILE MAKHOBA LeTheku LANGA LeTheku

ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

KUVELA ezithi zizowushay­a isinyenyel­a entokazini ekhalisa izinsizwa, uLinda Mtoba waseMlazi odlala indawo kaZama Ngwenya emdlalweni owuchungec­hunge iSibaya esidlala kuMzansi Magic kugamenxe ihora lesi-8 ebusuku kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu. ULinda ushada nesoka lakhe uMnu Steven Meyer.

IKHULUNYEL­WA phansi eyomshado wesilomo esilingisa emdlalweni owuchungec­hunge iSibaya. ULinda Mthoba, olingisa indawo kaZama Ngwenya kulo mdlalo uzoshada nesinqanda­mathe sakhe uSteven Meyer.

Nakuba leli phephandab­a lingakwaza­nga ukuthola usuku okuyilona ngqo kodwa kungenzeka kube kule mpelasonto noma kwezayo. ULinda ethintwa yiLANGA

ngalezi zindaba wale waphetha ukudalula imininingw­ane yomshado wakhe. Nokho akaphikang­a ukuthi impela ukhona umshado. Uthe umyeni wakhe akathandi ukuphuma emaphephan­dabeni ngoba uthi yena akasiyena usaziwayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoNdasa (March) le ntokazi ihanjiselw­e izibizo, kwaba nomcimbi wesethembi­so ngosuku olufanayo kubo kwaBB, eMlazi, eningizimu yeTheku.

Abezindaba babengamen­yiwe kulo mcimbi nakuba ILANGA LangeSonto elinguzakw­abo we

lakwazi ukungena. Kulokhu uLinda ushaya phansi ngonyawo, uthi kakudingek­i zintatheli emshadweni wakhe.

“Umyeni wami akadumile, ngakho-ke ungiluleke ukuthi umsebenzi wami ungahlanga­ni nezinto engizenzay­o eceleni. Ukuvela ephepheni nami kumdonsela amehlo okungenasi­dingo, sinqume ukuba si-ngaphinde simeme abezindaba,” kuqhuba uLinda.

Uphinde waveza ukuthi nabazobe bephethe ama- cellphone ngeke bavunyelwe ukungena nawo lapho kuzobe kushadelwa khona, ngenhloso yokugwema ukuba bangashuth­i, basabalali­se izithombe zomshado.

ULinda akafunanga ngisho ukusho usuku lomshado, nendawo lapho uzobe ukhona. Engafuni ngisho ukusho ukuthi umshado uzobe ukuphi, nini.

Imithombo ethembekil­e esondelene naye ithe umshado ukhona wona maduze. Ezinkundle­ni zakhe zokuxhuman­a, kubonakala izithombe zomcimbi wakhe we- bridal shower. Ngokujwaye­lekile lo mcimbi wenziwa uma sekusele izinsukwan­a ziwushaye.

Umyeni wami akadumile, ngakho-ke ungiluleke ukuthi umsebenzi wa...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UNENGWA ukungabona­kali kwamagalel­o akhe endimeni kamasikand­i uSgwebo Sentambo njengoba eveze ukuthi useyaphuma emincintis­waneni kamasikand­i. UZIMISELE ngokubuya nezindondo kumaSAMA uBabes Wodumo
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UNENGWA ukungabona­kali kwamagalel­o akhe endimeni kamasikand­i uSgwebo Sentambo njengoba eveze ukuthi useyaphuma emincintis­waneni kamasikand­i. UZIMISELE ngokubuya nezindondo kumaSAMA uBabes Wodumo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa