Basiqedile isithunzi salo mculo abalandeli
OKWENZEKE emcimbini kamaskandi, iNqokotho Maskandi Festival, ngoMgqibelo eCurries Fountain, kududulana abalandeli bakaKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose nabakaMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, kufanele ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika - kakhulukazi abangamaZulu - kubaphoxile. Izidubedube eziholele ekufeni kwabantu ababili, kwalimala abathathu ngenxa nje yokwehlukana kwemibono kubalandeli balo mculo, zisibulele zasiqeda isithunzi sikamaskandi. Iyasidida indlela abalandeli balo mculo abaziphatha ngayo.
Kungani uma ngabe belandela abaculi abathile ngokwehlukana bese beqoma ukudubulana babulalane? Kungani bengacelani udede esigcawini badudulane ngomzaca phambi kwezinduna zabo bese kuthi owophile ayogezwa emfuleni. Izizwe zizobuka amaZulu njengabantu abayizilwane - kwazise phela umasikandi udume ngokuthi ngowawo, lokho kufakazelwa ngamaciko ashaya lo mculo. Okubi kakhulu wukuthi umhleli walo mcimbi, uMnu Charles Dlamini, usegijima uya kwabezindaba uyokhomba ngenjumbane uKhuzani mayelana nalolu dungunyane kanti yena uKhuzani ukhomba uMjikijelwa “iChalaha” Ngubane naye Mnu Dlamini.
Kuyadabukisa ukuba kufe abantu kodwa kube nabantu abamatasatasa bekhombana ngeminwe sengathi kufe izilwane nje. Zikhona nje izinkantolo, kungani abantu beyofakaza kwabezindaba ukuthi ngubani owenzeni futhi ngubani ongenzanga ini?
Indaba yobudlwembe emicimbini kamaskandi kayiqalanga kwiNqokotho, kudala yaqala.
Uma kungabhekwa emuva ngesikhathi sokucokofulana kukaMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa noKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, zisukile izidubedube.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangowezi-2012, kwenzekile emcimbini obuseMlazi Mega City. Lokhu okwenzekile kufana nebhomu ebelilokhu libala kancane, kancane ukuthi lizoqhuma.
Empeleni besizothi nje, yize abantu abaningi bondla imindeni ngomaskandi kodwa sibona kungaba yinto enhle ukuba imiswe imicimbi kamaskandi kuze kube abalandeli bawo bafunda ukuthi ukulandela amaciko ahlukene bengabantu, kakulona icala.
Siyanxusa impela ukuba uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi enze okuthile ukuze imiswe imicimbi ehambisana nalo mculo.
Kuqaqamba izinhliziyo uma sicabanga izinto ezinhle abanye abalandeli balo mculo abazenzayo ukuzithokozisa, okugcina kuthokozisa nabantu abangahlangene nawo. Indlela nje abawagqokela ngayo amaciko abo, yenza nomunye umuntu akuthande lokho kodwa okwenzeke ngoMgqibelo kucishe konke okuhle okwenzeka kumaskandi.
Sinxusa izikhulu zikahulumeni nabaholi basezindaweni zasemakhaya ukuba bangalinge banikezele ngelungelo lokusingatha imicimbi kamasikandi ngoba phela kusho ukuthi kuzophela abantu. Abalandeli bazonela bona into iyinhle. Lo mculo ufukulwe kanzima ngabantu abanjengoWelcome “Bhodloza” Nzimande, ungashaywa mkhuba - ngoba kuthhiwa yinto yamaqaba. Manje yibona futhi abantu bawo lo mculo abawuthela ngosheko. Siyanxusa ukuba amaphoyisa asebenze ubusuku nemini ukuze abophe ababulali nabo bonke abebeyingxenye yodweshu.
Siyacela ukuba nabaculi bazehlise babumbane. Yize sibona kumele ivalwe okwesikhana imicimbi ehambisana nalo mculo kodwa siyaleseka iphuzu likaMnu Nzimande lokuba abahleli bayo banikwe ithuba lokuyokhuluma emisakazweni ngezokuphepha nakho konke nje okunye okuphathelene nemicimbi abasuke bezoyihlela ukuze kuzongena kugxile emiqondweni yabazokuba yingxenye yayo ukuthi kalufakwa lubuya nodaka noma kumele baziphathise okwabantu abakwaziyo ukucabanga.
Uma ukwazi ukucabanga, ngeke usuke nje uthathe isibhamu udubule omunye umuntu ngoba nakhu nje yena uthanda omunye umculi wena uthanda omunye. Izigameko ezifuze lesi saseCurries Fountain, zitshela izizwe ukuthi thina bantu abamnyama kasazi ukuthi ukwahlukana kwezinto yikhona okwenza impilo ibe mnandi emhlabeni.
Zizokwenza ukuba ezinye izizwe zisibuke njengabantu abangenangqondo. Kulele kubona abalandeli bakamaskandi ukusukuma bathi kwanele ngalezi zigameko ezithunaza lo mculo nomuntu omnyama.
Lo mculo ufukulwe kanzima ngabantu abanjengoBhodloza, ungashaywa mkhuba ngoba kuyinto yamaqaba.