ODABENI LOKUTHI UMNU WELCOME “BHODLOZA” NZIMANDE NAMAKHOSI OSELWA AGXEKA UKUDUBULANA EMCIMBINI KAMASKANDI, INQOKOTHO MASKANDI FESTIVAL, NANSI IMIBONO YAKUFACEBOOK:
LESI sigameko sicekela phansi imizamo ye“Ngulube encane” yokuwubeka kuleli zinga osukulo manje, ngenxa nje yabantu abaphethe abangatsheli abaculi iqiniso. Abaculi abathintekayo kumele bavalwe emisakazweni yonke nasemicimbini bangaqashwa ukuze balungise le nto yabo ngeqiniso ngoba sasingazi ukuthi ukulandela umaskandi kufana nokujoyina umbutho wezempi. Abaculi mabafundiseke ngokuthi umculo yibhizinisi. Phumlani Muthwenyongo Langa
LE nto iyekwe kakhulu ngabasakazi balo mculo ngoba kunabasakazi abawone bawuqeda lo mculo wethu esiwuthandayo ngokuthi babhebhezele inzondo, belokhu bethi kunezingoma “zehawu” - ihawu lokwenzani? Bethi abantu bethukana kuthiwe bayangcweka, nanso-ke imiphumela yokungcweka. Kukhanya amakhandlela kweminye imizi namuhla, kusemnandi uma kunje? Kusangcwekwa na? OBhodloza bazilamula zalamuleka izinsizwa ezazingaboni ngasolinye ngoba babengachemile, uma abaphathi bemisakazo behluleka ukulawula abasebenzi babo kungcono bayeke ukusakaza umaskandi. Lezi zingoma ezinochuku mazingadlalwa futhi abasakazi abafunde ukuyigada into abayikhipha ngemilomo yabo bese nathi bathandi bomculo sifunde ukuziphatha kahle, siyeke ukubanga ithambo elingenanyama. Impi kayibuyiseli lutho. King Nkosi
BACEKELA phansi umsebenzi wale ngoma eyahlukanisa unyaka kaMroza. Leya ngoma yalufaka uthando lukamaskandi kuthina ebesingawujwayele, sagcina siwuthokozela. Uma sekwenzeka into enje sesiyamangala. Kubangwani le engaka, sekungaze kufe abantu? Ave nisiphoxa singamaZulu, zonke izizwe zigiya ngathi. Dennis Phumlani Mdletshe
KUKHULUMA abantu abakhulu-ke manje oBhodloza abawazi kangcono umaskandi ukuthi bawususephi njengoba usuwonokala usukuleli zinga nje. Ukhuza kufanele uBhodloza futhi kuyadinga bamhloniphe uma esekhulumile, bayeke le ngxabano, kube isipho abamupha sona ukuze ajabule uma ebuka le micimbi namaciko akithi, hhayi le nto abayenzayo laba bafana. Helicopter-yodumo Vuh Phungula KwaWoza
ABANTU abaqale udweshu ngabakaMthandeni, baphazamisa uKhuzani esteji. Kuthe sekucula uMthandeni nabakaKhuzani benzanjalo, bamphazamisa. Yilapho-ke kukhishelwane khona izibhamu. Smangele Smah
SAZE savelelwa yilabo “qhawelami”, sekungaze kuphume imiphefumulo pho? Ibuhlungu le nto eyenzekayo ngoba bayasebenza laba baculi bethu esibathandayo, thina siklwebhana sodwa ngenxa yalaba bafana abancane kangaka. Lafa elikaMthaniya, abantu beqhathwa yizingane, konke la sihlangana khona siklolodelana ngalezi zingane ezincane ncu. Mandla Maxwell
LO mbhemu makayeke ukufaka amambatha nalelijazi aligqokayo ngoba ubulalisa abantu. Uyazi yena ukuthi wayibonaphi le nto kepha yena uyalazi iqiniso. Engikwaziyo wukuthi udala ulaka angeke alumele. Mkhuzeni nina bangakubo. Nkosinathi Cele
KUNOMUNTU oqale ukudubula esingaqondanga noma ubeyisecurity yini kodwa ubengasesteji, bekusakhanya. Wuyena obe yimbangela yokuba abantu bagcine sebedubulana ngoba wenze into obekungamele ayenze. Uma amaphoyisa ezosebenza ngempela kumele kuqalwe ngaye ukuboshwa. Jobzin Jobe
MININGI imiculo futhi inabalandeli kepha akukaze kuliwe. Kumele bavalwe bonke labo qadolo bakamaskandi, kudlalwe laba abangahlangene nezimpi njengoBahubhe, Ithwasa Lekhansela, Phuzekhemisi, Mqabulashesha nabanye abangahlangene nalo mbhedo. Lunga Zuma
NIYAHLUPHA bakithi, nisuka emakini niyosusa izimpi le? Balandeli ake niziphathe kahle, nifaka lawa madoda aculayo enkingeni. Bongani Patrick
KUBI kakhulu okwenzekile, laba baculi kumele bavalwe emisakazweni nasemicimbini kamaskandi, kunini bekhuzwa ngale nto yabo yokudelela! Ntshebe Mfoka Ngola Nzimande
MAKUBE ngabalandeli abangasavunyelwa emicimbini ngoba bayaphapha. Baholani sebeze bebulalane nje? Yingani uKhuzani noMthandeni singake sibabone nje nabo beshayana? Okusho khona ukuthi kabaqonde kulwa bona kodwa abalandeli bayaqina. Zakhona Ka Bhebhe Mhlongo
OKWETHU thina ndlu emnyama ngokwezandla, kubulalana abalandeli nje ngabantu ababili abangakaze bona basikazane ngempama nangelilolwa ilanga leli kodwa sekuphuma isidumbu ngomculo wabo, hhayi! Kunzima, le nto yenu iya ehlathini, ukuphuma lapho iya eweni. Bongah Boh Mthiyah