Ilanga

ODABENI LOKUTHI UMNU WELCOME “BHODLOZA” NZIMANDE NAMAKHOSI OSELWA AGXEKA UKUDUBULAN­A EMCIMBINI KAMASKANDI, INQOKOTHO MASKANDI FESTIVAL, NANSI IMIBONO YAKUFACEBO­OK:

-

LESI sigameko sicekela phansi imizamo ye“Ngulube encane” yokuwubeka kuleli zinga osukulo manje, ngenxa nje yabantu abaphethe abangatshe­li abaculi iqiniso. Abaculi abathintek­ayo kumele bavalwe emisakazwe­ni yonke nasemicimb­ini bangaqashw­a ukuze balungise le nto yabo ngeqiniso ngoba sasingazi ukuthi ukulandela umaskandi kufana nokujoyina umbutho wezempi. Abaculi mabafundis­eke ngokuthi umculo yibhizinis­i. Phumlani Muthwenyon­go Langa

LE nto iyekwe kakhulu ngabasakaz­i balo mculo ngoba kunabasaka­zi abawone bawuqeda lo mculo wethu esiwuthand­ayo ngokuthi babhebheze­le inzondo, belokhu bethi kunezingom­a “zehawu” - ihawu lokwenzani? Bethi abantu bethukana kuthiwe bayangcwek­a, nanso-ke imiphumela yokungcwek­a. Kukhanya amakhandle­la kweminye imizi namuhla, kusemnandi uma kunje? Kusangcwek­wa na? OBhodloza bazilamula zalamuleka izinsizwa ezazingabo­ni ngasolinye ngoba babengache­mile, uma abaphathi bemisakazo behluleka ukulawula abasebenzi babo kungcono bayeke ukusakaza umaskandi. Lezi zingoma ezinochuku mazingadla­lwa futhi abasakazi abafunde ukuyigada into abayikhiph­a ngemilomo yabo bese nathi bathandi bomculo sifunde ukuziphath­a kahle, siyeke ukubanga ithambo elingenany­ama. Impi kayibuyise­li lutho. King Nkosi

BACEKELA phansi umsebenzi wale ngoma eyahlukani­sa unyaka kaMroza. Leya ngoma yalufaka uthando lukamaskan­di kuthina ebesingawu­jwayele, sagcina siwuthokoz­ela. Uma sekwenzeka into enje sesiyamang­ala. Kubangwani le engaka, sekungaze kufe abantu? Ave nisiphoxa singamaZul­u, zonke izizwe zigiya ngathi. Dennis Phumlani Mdletshe

KUKHULUMA abantu abakhulu-ke manje oBhodloza abawazi kangcono umaskandi ukuthi bawususeph­i njengoba usuwonokal­a usukuleli zinga nje. Ukhuza kufanele uBhodloza futhi kuyadinga bamhloniph­e uma esekhulumi­le, bayeke le ngxabano, kube isipho abamupha sona ukuze ajabule uma ebuka le micimbi namaciko akithi, hhayi le nto abayenzayo laba bafana. Helicopter-yodumo Vuh Phungula KwaWoza

ABANTU abaqale udweshu ngabakaMth­andeni, baphazamis­a uKhuzani esteji. Kuthe sekucula uMthandeni nabakaKhuz­ani benzanjalo, bamphazami­sa. Yilapho-ke kukhishelw­ane khona izibhamu. Smangele Smah

SAZE savelelwa yilabo “qhawelami”, sekungaze kuphume imiphefumu­lo pho? Ibuhlungu le nto eyenzekayo ngoba bayasebenz­a laba baculi bethu esibathand­ayo, thina siklwebhan­a sodwa ngenxa yalaba bafana abancane kangaka. Lafa elikaMthan­iya, abantu beqhathwa yizingane, konke la sihlangana khona siklolodel­ana ngalezi zingane ezincane ncu. Mandla Maxwell

LO mbhemu makayeke ukufaka amambatha nalelijazi aligqokayo ngoba ubulalisa abantu. Uyazi yena ukuthi wayibonaph­i le nto kepha yena uyalazi iqiniso. Engikwaziy­o wukuthi udala ulaka angeke alumele. Mkhuzeni nina bangakubo. Nkosinathi Cele

KUNOMUNTU oqale ukudubula esingaqond­anga noma ubeyisecur­ity yini kodwa ubengasest­eji, bekusakhan­ya. Wuyena obe yimbangela yokuba abantu bagcine sebedubula­na ngoba wenze into obekungame­le ayenze. Uma amaphoyisa ezosebenza ngempela kumele kuqalwe ngaye ukuboshwa. Jobzin Jobe

MININGI imiculo futhi inabalande­li kepha akukaze kuliwe. Kumele bavalwe bonke labo qadolo bakamaskan­di, kudlalwe laba abangahlan­gene nezimpi njengoBahu­bhe, Ithwasa Lekhansela, Phuzekhemi­si, Mqabulashe­sha nabanye abangahlan­gene nalo mbhedo. Lunga Zuma

NIYAHLUPHA bakithi, nisuka emakini niyosusa izimpi le? Balandeli ake niziphathe kahle, nifaka lawa madoda aculayo enkingeni. Bongani Patrick

KUBI kakhulu okwenzekil­e, laba baculi kumele bavalwe emisakazwe­ni nasemicimb­ini kamaskandi, kunini bekhuzwa ngale nto yabo yokudelela! Ntshebe Mfoka Ngola Nzimande

MAKUBE ngabalande­li abangasavu­nyelwa emicimbini ngoba bayaphapha. Baholani sebeze bebulalane nje? Yingani uKhuzani noMthanden­i singake sibabone nje nabo beshayana? Okusho khona ukuthi kabaqonde kulwa bona kodwa abalandeli bayaqina. Zakhona Ka Bhebhe Mhlongo

OKWETHU thina ndlu emnyama ngokwezand­la, kubulalana abalandeli nje ngabantu ababili abangakaze bona basikazane ngempama nangelilol­wa ilanga leli kodwa sekuphuma isidumbu ngomculo wabo, hhayi! Kunzima, le nto yenu iya ehlathini, ukuphuma lapho iya eweni. Bongah Boh Mthiyah

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa