Kusolwe indlala nesomiso
Ngokumitha kwamantombazane
KUSOLWE indlala nesomiso ngokwenyuka kwezinga lokukhulelwa kwezingane eBhekabantu KwaMhlabuyalingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal.
Lokhu kuhlaluke ngoLwesihlanu ngesikhathi le ndawo ivakashelwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni nokuPhathwa Kwayo, uNkk Faith Muthambi, obeyohlola isimo nendlela okuphilwa ngayo kule ndawo.
Le ndawo ihlanganisa izigodi ezintathu ezinkulu okuyiseMbangweni, KwaNdaba nesaKwaSkhemelele. Igudle umngcele ohlukanisa iNingizimu-Afrika neMozambique kanti ihlaselwe kakhulu wubugebengu.
Izimoto ezintshontshiwe zigijima kuyona le ndawo ziweliswe umngcele. Phakathi kwezinto ezihlaluke kulo mcimbi wukuthi le ndawo isesemuva kakhulu ngentuthuko.
Ugesi namanzi kakubonwa. Inkinga enkulu kakhulu neshaqise uNkk Muthambi ngeyobubha ayizekelwe nguMnu Solomon Mkhombo, oyimeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, noMnu Nkululeko Mthethwa oyimeya yaKwaMhlabuyalingana.
Zombili lezi zimeya zisho ngazwi linye ukuthi kayikho indawo enezinga eliphezulu lokukhulelwa kwezingane, ezinye ziyoziganisa njengaseBhekabantu.
“Le ndawo iseceleni kakhulu nomasipala wethu, injalo nje inabantu abaningi abanezinkinga, ezinye zazo ezingaxazulule- ki. Inkinga yokukhulelwa kwezingane ihamba phambili kakhulu lapha, sikholwa wukuthi uma kungaqalwa uhlelo lwezolimo - ngoba ukudla nezitshalo kuyavuma enhlabathini yakhona - kungaba ngcono.
“Izingane ziyakhulelwa, ezinye ziphethe ngokuziganisa. Sicela uhulumeni ulusukumele udaba lwabantu baseBhekabantu. Enye inkinga ehlasele lapha ngeyabantu abangenabo omazisi, abanye bakhala ngokuthi kabanayo nemali yokugibela ngoba kuhanjwa amabanga amade ukusuka lapha uye eManguzi. Kudingeka imali engaphezulu kukaR-200,” kusho uMnu Mkhombo.
UNkk Muthambi uzithathile izikhalo zomphakathi wathembisa ukubuya nezimpendulo emuva kwezinyanga ezintathu.
“Engikuzele lapha wukuzobheka ukuthi niphila kanjani. Sengizwile enikhala ngakho. Ngicela ukubuya ngoNtulikazi (July) nezimpendulo ezimaqondana nazo zonke izikhalo zenu.
“Kuwumsebenzi wami nomnyango engiwuholayo ukuphuma siyobheka ukuthi abantu baphila kanjani. Isibonelo nje, sifikile lapha sinomengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ukuzokhuza umhlola wokuntshontshwa kwezimoto ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu-Afrika neMozambique, okuyinkinga ehlalise lubhojozi umphakathi wakulesi sifunda, ikakhulukazi abantu abanezimoto eziphakeme.
“Esikwenzile senyuse isibalo samaphoyisa emngceleni. Ngikhuluma nje osonkontileka bamatasa nokwakha kabusha isiteshi samaphoyisa saseManguzi esesinomphathi omusha,” kusho yena.
Ngemuva kwalokho, ungqongqoshe wethule uhlelo lwamaalamu azohlala kwabathile, ikakhulukazi labo abasezinhlakeni zobuholi bomphakathi namakomidi alwa nobugebengu emphakathini okuthiwe bazowakhalisa uma kukhona okusolisayo.
La ma-alamu abizwa ngeMy Memeza.
Ikhansela lendawo, uMnu Davide “Mdavu” Tembe, lithe kubathokozise kakhulu ukwethulwa kwala ma-alamu ngoba azobamba elikhulu iqhaza ekulweni nobugebengu.
“Indawo yakithi isentshenziswa kakhulu yizigebengu ezintshontsha izimoto zabantu. Kusiphatha kabi lokhu ngoba thina kasintshontshi kodwa kusuka abantu bakwezinye izindawo bazogila umkhuba lapha.
“Eyokukhulelwa kwezingane iyinkinga kakhulu. Nokho-ke sesitholile ukuthi konke lokhu kudalwa yindlala egcina iholela ekubeni izingane zingene ogibeni. Ezinye zazo zikhuleliswa ngabantu abangaziwa abafike bazikhohlise ngemali balale nazo maqede bashaye bachithe,” kusho uMnu Tembe.
Kubukeka indlela yabaholi bakazwelonke ebheke eMkhanyakude ivuthwa njengoba ngaphambi kokuba kuye uNkk Muthambi, bekuye uMengameli Zuma obephelezelwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, bona abandulelwe nguMnu Nathi Nhleko obengungqongqoshe wamaphoyisa ngaleso sikhathi.