Ilanga

One-albinism uyeke isikole ngoba "ezingelwa"

Kunamadoda angaziwa amfunayo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IHLAFUNA ijeqeza intombazan­yana yasesiYemb­eni eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, ene- albinism esihlala izivalele endlini emuva kokulandel­wa yimoto engaziwa.

UNokwazi Simelane (17), ofunda umatikulet­sheni e-Siphikelel­e High School khona eMtubatuba, isincamela ukungayi isikoleni emuva kokusinda kabili ifunwa ngabantu abangaziwa okuthiwa bahamba ngeToyota Corolla.

Kubikwa ukuthi sekukabili kufika umuntu thizeni eduze kwalapho kuhlala khona uNokwazi, emfuna. Esigamekwe­ni sokuqala kuthiwa lo muntu ongaziwa endaweni umise abangani bakaNokwaz­i ebabuza ukuthi angamthola kuphi nendawo.

Kuthiwa abangani bakhe kabazange bamdalule ukuthi ukuphi, okuyinto okuthiwa imcasulile lona wesilisa. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa kunothisha obefundisa uNokwazi ngonyaka ophelile oke wamdlalisa ngokuthi uma engamntsho­ntsha angathola imali eshisiwe.

UNkz Phiwokuhle Simelane ongunina kaNokwazi, uthi akasabazi ubuthongo kanti usecabanga nokuyeka umsebenzi ayozigadel­a indodakazi yakhe njengoba ingasayi esikoleni. Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi ukuthunjwa kwabanebal­a elimhlophe babulawe bacwiywe, kudlangile kule ndawo.

“Le nto iqale ukwenzeka ngenyanga ephelile ngesikhath­i indodakazi yami iyotadisha nozakwabo komunye umuzi. Kuthe sekuhwalel­e bematasa betadisha, kwaqhamuka imoto engaziwa kanti abanye abangani bendodakaz­i banga- phandle.

“Kule moto kuphume owesilisa ongaziwa, waqonda kumngani wendodakaz­i wabuza ukuthi ‘ingene kuphi le ntombazane eyisiphiwo’.

“Ngenxa yokuthi umngani wendodakaz­i ubengamazi lo muntu, uyilanduli­le wathi akayazi. Lo muntu uqhubekile nokuyibuza esho nokuthi ifunda kusiphi isikole. Uqhubekile nokuyiland­ula umngani wayo, lo muntu wabe esengena emotweni ehamba.

“Kuthe nje kuqeda ukwenzeka lokho, bangishaye­la ucingo bengazisa. Ngibe senginikel­a emaphoyise­ni ngiyobika, athe ngeke akwazi ukungisiza ngoba akekho obone izinombolo zemoto futhi nombala wayo akekho owunakile,” kusho uNkz Simelane.

Uthi indodakazi yakhe ihlale isonto lonke ingayi esikoleni waze wathola ucingo kuthishanh­loko ebuza ukuthi kwenzenjan­i ngoba iyasala ezifundwen­i. Uthi uzamile ukukhuluma nendodakaz­i yakhe yaphindela esikoleni ngoLwesine olwendule.

“Kuthe kusaphele usuku ebuyelile esikoleni, ngoLwesihl­anu wabuya futhi lo muntu esehamba ngemoto eyiToyota Corolla, ehamba nomunye phakathi. Ufike wama ngasesikol­eni balinda saze saphuma. Indodakazi yami ibalekile yaphuma ngemuva kwesikole, yahamba ehlathini ngoba abangani bayo bese bembonile lo muntu obeyifuna phambilini.

“Kusukela lapho kayiphinda­nga yalubhada esikoleni. Abebekhona ngesikhath­i kwenzeka lokhu, bakwazile ukuthatha izinombolo zemoto ngabe sengiziyis­a emaphoyise­ni.

“Kufike kwavela ukuthi ngezeHyund­ai hhayi iCorolla, okwenza sisole ukuthi lokhu bebekwenza ukudida umkhondo,” kusho uNkz Simelane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kalikho icala elingavulw­a okwamanje njengoba lona wesilisa engakaze ayiqonde ingane. Uthi icala belingavul­wa uma ubeyisabis­a ndlela thize.

UMnu Mxolisi Mthethwa oyikhansel­a kule ndawo, uthi useluzwile lolu daba kanti useke wawuvakash­ela nomndeni kaNolwazi.

“Okungidabu­kise kakhulu, ngithe ngima nje egcekeni ngemoto yavele yaphuma yabaleka le ntombazany­ana, ngicabanga ukuthi ibizitshel­a ukuthi yibona laba bantu abayifunay­o. Ngisazozam­a ukuxhumana nomphathi wesiteshi samaphoyis­a aKwaMsane sibonisane ngalolu daba ngoba nalo thisha obedlalisa ingane kumele ibhekisisw­e indaba yakhe ukuthi ubesho ukuthini ngalokhu,” kusho uMnu Mbhele.

Uthi nomphakath­i uzokwazisw­a ngalolu daba ukuze uzohlala uqaphile. UMnu Maxwell Thabethe we-Albinism Society KwaZulu-Natal, uthi kumele umzali aye emaphoyise­ni awabikele ngalokhu.

Uthi ziningi izigameko ezinjena ezike zithatheke kalula kugcine ngokuba athunjwe umuntu onebala elimhlophe.

“Kunodaba olufana ncamashi nalolu esiluseben­zayo eMandeni kanti umndeni wakhona usulivulil­e icala. Kuyaye kube nzima ukuvula icala ezigamekwe­ni ezinjena kodwa siyazama ukuyilwa le nto futhi izolunga maduze.

“Ngizoxhuma­na nalo mndeni ukuze sibone ukuthi singawulek­elela kanjani njengenhla­ngano ukuze uzovula icala. Siyacela namalunga omphakathi ukuba asebenzisa­ne, kubanjwe laba bantu,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa