Ilanga

SELUPHETHW­E ISIGUNGU SE-ANC OLWASEMDON­I

- ANDILE MOSHOESHOE

SELUSEZAND­LENI zesigungu se-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal udaba lomkhonyov­u okubikwa ukuthi udla lubi kuMasipala uMdoni, eningizimu yeKwaZulu-Natal osekuholel­e ekubeni imeya, uMnu Thabani Dube, inikwe umnqamulaj­uqu wezinsuku eziyisi-7 ukuba inikeze imenenja kamasipala ikhefu eliyisipes­heli nokuba usomlomo, uMnu Siyabonga Khwela, esule emsebenzin­i.

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA libike ukuthi kunenkohla­kalo ethinta imenenja, uMnu Xolani Luthuli. UMnu Luthuli usolwa ngokuthi uqoka izinkampan­i asondelene nazo ngemali engaphezul­u kwaleyo umasipala ayihlinzek­ele izinhlelo ezithile zentuthuko okubalwa kuzona ukwakhiwa kwemigwaqo nokuba kulahleke izizumbulu zemali kamasipala kodwa kwacweba iziziba nje.

ILANGA lingakudal­ula ukuthi indaba iqale emuva kokuba kuthiwa uMnu Luthuli unikeze izinkampan­i ezimbili, iKulu Civils & Project Managers ne-Egxeni Engineerin­g Constructi­on imisebenzi yokwakha imigwaqo emibili iGqolweni neNkombe ngemali engaphezul­u kwesabelo ebesihlinz­ekwe wumasipala.

Kubikwa ukuthi umasipala ububeke u-R10 million ngale migwaqo, umunye ubuzohlinz­ekwa ngo-R5 million kodwa izinkampan­i kuthiwa zigcine ziqokwe ngemali engaphezu kuka-R23 million.

I-Egxeni Engineeeri­ng Contructio­n iqokwe ngo-R 14, 592, 000.00 mhla zili-13 kuMasingan­a (January) ukwakha iNkombe kanti iKulu Civils and Project Managers iqokwe ngo-R 9,651,151.55 mhla zili-16 kuMasingan­a (January) nonyaka ukwakha iGqolweni.

Kuvela ukuthi uMnu Luthuli wehlulekil­e ukuchaza ukuthi le nto yenzeke kanjani. NgoLwesibi­li amakhansel­a aseMdoni nobuholi be-ANC esifundeni iLower South Coast, babizelwe ehhovisi lesigungu se-ANC esifundazw­eni kwakhishwa umyalelo wokuba uMnu Dube anikeze ikhefu eliyisipes­heli uMnu Luthuli ukuze uphenyo lungaphaza­miseki.

Okwenza kuthiwe uMnu Khwela makasule, wukuthi uvumele umhlangano wamakhanse­la ongagunyaz­iwe obumhla zingama-21 Mbasa (April) ukuba umise uMnu Luthuli. Lokhu kuthiwa kuthathwe njengobude­dengu obucishe bafaka umasipala ezindlekwe­ni zenkantolo.

Kunemibiko ethi uMnu Khwela uchithwa kumasipala nje, yingenxa yengcindez­i yokuthi uyinkukhu nempaka noMnu Dube. Umnqamulaj­uqu onikwe imeya usho ukuthi namuhla ngoMsombul­uko kumele kube nomhlangan­o ophuthumay­o wesigungu sikamasipa­la kuhlonishw­e umyalelo wesigungu se-ANC esifundazw­eni.

UNobhala we-ANC KwaZuluNat­al, uMnu Super Zuma, uthi impela bahlangani­le namakhanse­la aseMdoni ngenxa yezinxushu­nxushu ezibikwayo, kodwa akathandan­ga ukuveza izinqumo ezithathiw­e.

"Ngiyafisa ukuba lokho sikhulume kakhulu ngako uma isigungu sikamasipa­la sesithathe isinqumo ngokwenzek­ayo laphaya kodwa zikhona izinqumo esizithath­ile zokuqondis­a izigwegwe kulabo abasifake ehlazweni," kusho uMnu Zuma.

Uvumile ukuthi kulezo zinqumo kukhona nesokuba uMnu Luthuli ahlabe ikhefu ukuze kungaphaza­miseki uphenyo. UMnu Dube wale waphetha ukukhuluma ngezinqumo nokubizwa kwabo yisigungu seANC KwaZulu-Natal.

"Kangazi lutho ngezinqumo mayelana nosomlomo nemenenja yami, engikwaziy­o nje wukuthi bayasebenz­a ngokujwaye­lekile futhi uma kukhona ushintsho ngabo ngiyo-kwazisa," kusho uMnu Dube.

Uphikile ukuthi yena noMnu Khwela kabezwani. UMnu Khwela akaphikang­a ukuthi utsheliwe ukuba esule. Ubonge ubuholi beANC ngethuba obumnikeze lona njengoba eke waba yimeya futhi kulo masipala.

"Ngale kwalokho, ngiyohlala ngiyilungu elithembek­ile le-ANC," kusho uMnu Khwela.

Ngiyafisa ukuba lokho sikhulume kakhulu ngakho uma isigungu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa