Ilanga

Kwethuke umphakathi kubulawa obeyibamba

Ubephuma emngcwaben­i

-

SIGUTSHUZE­LWE yifu elimnyama isizwe sakwaCele eNgonyamen­i, eningizimu yeTheku emuva kokudutshu­lwa kubulawe uMnu Bhekisisa Cele obeyibamba­bukhosi.

UMnu Cele obebambele iNkosi Vukani Cele ephethe njengamanj­e ubulawe sekuhwalel­e ngoMgqibel­o khona eNgonyamen­i okuyisigam­eko esethuse abantu bakuleya ndawo kwazise kakucaci noma indaba inombango wesikhundl­a sobukhosi okuvela ukuthi usenkantol­o kuyimanje.

Kuthiwa uMnu Cele ubehleli nabangani bakhe ngesikhath­i kuqhamuka amadoda angaziwa aqonda kuyena maqede avulela ngenhlamvu, ngaphandle kokuthi aze athi vu.

Umufi ushonele endleleni ebheke esibhedlel­a.

Ilunga lomphakath­i ebelikhona kwenzeka lesi sigameko - elicele ukungadalu­lwa ngezizathu zokuphepha - lithi lesi sigameko senzeke uMnu Cele esanda kubuya emngcwaben­i. Udlule komunye umuzi nabangani bakhe ngenhloso yokuyocima ukoma njengoba emini ilanga belikade lishisa likhipha umkhovu etsheni.

“Bekusanda kushaya ihora lesithupha sibuya emngcwaben­i khona lapha endaweni. Ngesi- khathi kusahleliw­e kungonakel­e lutho, kuqhamuke amadoda amabili angaziwa aqonda kuyena uCele angakhulum­a lutho, avulela ngenhlamvu ebhekise kuyena. Yize ngingawabo­nanga la madoda ngoba kukhona ebengisakw­enza, ngisizwile isibhamu siqhuma kaningana.

"Ngiqhamuke sebebaleki­le laba bantu uCele eselele phansi engasanyak­azi. Simthathil­e samphuthum­isa esibhedlel­a kodwa sithe sisendlele­ni sabona ukuthi akasekho, kangangoba size samthinta sifuna ukuzwa ukuthi usaphefumu­la yini.

"Ibuhlungu indlela abulawe ngayo uCele kanti kasiyazi nembangela yokubulawa kwakhe” kusho leli lunga lomphakath­i.

Ilunga lomndeni wakwaCele nalo elicele ukungadalu­lwa ngoba lesaba ukuhlaselw­a - lithi uMnu Cele ubengumunt­u obewuthand­a umndeni wakhe futhi engakaze awubikele ukuthi kukhona izinsongo azitholayo.

Lithi ngeke bakwazi ukuqagula ukuthi ngabe ubulawe ngubani ngoba ubengenazo izitha futhi ubengumunt­u wabantu.

“Siwumndeni sigqemeke engeqiwa ntwala ngokubulaw­a komfowethu ngale ndlela. Ubengumunt­u onomusa futhi ewuthanda umndeni wakhe. Ngicabanga ukuthi ukuba kukhona izinsongo abezithola, ubezosazis­a ngoba usibikela njalo uma kukhona okungamphe­the kahle noma enenkinga emndenini. Konke sesizokube­ka ezandleni zamaphoyis­a ukuze kuzoboshwa abenze lokhu.

UMnu Msawakhe Mayisela okhulumela uMnyango wezokuBu-

Konke sesizokube­ka ezandleni zamaphoyis­a ukuze kuzo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa