AMATHEMBA NGOKWEHLA KUKAGESI EMINYAKENI EZAYO
KUNETHEMBA lokuthi intengo kagesi ingase yehle yize kungaziwa ukuthi lokho kuyokwenzeka mhla kwabusa yiphi inkosi njengoba kuthenjelwe ekutheni kungase kwenzeke uma inkampani ewuphehlayo, i-Eskom, isiqede ukwakha iziteshi zayo ezimbili ezisebenzisa amalahle futhi yakhokha nezikweletu zayo.
Lokhu kushiwo nguSihlalo weEskom, uDKt Baldwin “Ben” Ngubane engqungqutheleni, iWorld Economic Forum (WEF) ngeledlule eThekwini.
“Ngesikhathi kuqedwa iziteshi ezakhiwe ngeminyaka ye-1980, amanani (kagesi) ehle ngendlela emangalisayo.
"Ukwakhiwa kwezintsha njengamanje, kuholele ekubeni inyuke intengo kagesi kodwa sinethemba ukuthi uma sesiqedile (ukwakha) izokwehla,” kusho uDkt Ngubane oke waba ngundunankulu waKwaZulu-Natal ngaphansi kwefulegi leNkatha Freedom Party (IFP), waba ngusihlalo weSABC.
Usizi emakhasimendeni e-Eskom luqale ngowezi-2008 ngesikhathi kuqalwa uhlelo lokwakhiwa kweziteshi ezintsha.
Kulesi sigaba sengqungquthela uDkt Ngubane abekhuluma kusona -esimayelana nokuhlinzeka izakhamizi zase-Afrika ngogesi kudingidwe kakhulu eyokuqubuka kwabaphehli bakagesi abazimele.
UMengameli waseSenegal, uMnu Macky Sall - ngesikhathi kudingidwa lolu daba lokuqhakazisa i-Afrika ngogesi - uchaze abakubonile ezweni lakhe ngokuba khona kwabaphehli bakagesi abazimele, kusukela ngonyaka we-1998.
Uthe abaphehli abazimele basize ukuba umbuso ungabe usagxila ekukhiqizeni ugesi kodwa ubhekane nokuwusabalalisa emakhasimendeni.
Lokho kwenze ukuba ukuphehlwa kwawo kwenyuke ngama40%.
UMnu Jay Ireland ongumengameli nesikhulu esiphezulu seGeneral Electric Power Africa, uthe ugesi ophehlwa yizinkampani ezizimele uzodinga uxhaso lwezinkampani ezizimele.