Ilanga

Benqaba nempesheni yesalukazi

Bathi besintshon­tsha imali kahulumeni, sikweleta u-R24 000

- PHUMLANI GAMA

SILALA sibala izinkanyez­i isalukazi saseZamaza­ma, eMboza, KwaMhlabuy­alingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal esingakwaz­i ukuthola imali yempesheni yize iminyaka yaso isifike yaze yedlula kwebekiwe.

UNkz Nomvula Tryphina Manzini (67), uhlala endlini encane efulelwe ngotshani obudala - osekucaca ukuthi kufanele ngabe sebuyashin­tsha.

Uthi uhlala nabazukulu abayisi-6 bonke abayizinta­ndane. Bonke balala kule ndlu.

Kufanele ngabe uqale ukuthola imali yempesheni ngowezi-2010 kodwa kuze kube yimanje lutho.

Usola izisebenzi zeSouth African Social Security Agency (Sassa) ngokumenza inhlekisa uma eyozama ukuthola usizo. Uma eya emahhovisi akwaSassa eManguzi, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, izisebenzi ziyaye zilokhu zikhombisa­na ngaye.

Utshele ILANGA ukuthi eminyakeni edlule naye udubile nabanye abaningi bayobhalis­ela imali yesibonele­lo sezingane kodwa bengenazo. Ngesikhath­i kuphuma umyalelo othi bonke abaholela izipoki mabayozesu­la, ukwenzile lokho. Uthi okumephula umphefumul­o wukuthi kuthiwa ngeke ayinuke imali yempesheni ngoba ubentshont­sha imali kahulumeni - kodwa ayenabo ngesikhath­i beholela izipoki, bayayithol­a impesheni.

“Kubuhlungu okwenzeka kimi. Njengoba ubona nje ngilala lapha ngibala izinkanyez­i.

"Ngenxa yobuhlungu bempilo engiyiphil­ayo, sengiyazis­ola nokuthi ngavumelan­i ukuyokwesu­la izipoki engangizih­olela. Abazukulu laba engihlala nabo kabanabani ozobasiza ngaphandle kwami. Ngomunye unyaka ngifike emahhovisi eManguzi bangitshel­a ukuthi kuzofanele ngiyikhokh­e yonke imali ebengiyiho­la ngokungemt­hetho. Ngivumile ukuthi ngizoyikho­kha ize iphelele.

"Emaphephen­i engibhalel­we wona kuthiwe ngikweleta u-R24 000,00. Ngizamile ukuchaza usizi lwami lokuthi anginayo indlela yokwenza imali. Ngicele ukuba bangibhali­se ngithole eyami yempesheni ukuze ngizothath­a ingxenye ngikhokhe ngayo,” kusho yena.

Ikhansela lendawo, uMnu Johnson Gwala, lithe lizohamba liyombona uNkz Manzini emuva kwalokho liqale indlela angasizaka­la ngayo.

“Ibuhlungu impilo ephilwa yilo gogo. Okubuhlung­u wukuthi nabazukulu bakhe kabanamapa­si nezitifike­ti. Ngingakuja­bulela ukuthi noma ngabe ngubani ongaba nosizo ukuba asondele kusizakale umuntu omdala,” kusho uMnu Gwala.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe akanalo ulwazi ngalolu daba.

Ucele ukuthunyel­elwa imininingw­ane ngalo ukuze kuzoqalwa uphenyo. Uzwakalise ukukhathaz­eka ezwa ngesimo sikaNkz Manzini.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UNKZ Tryphina Manzini (67) ongayazi imali yempesheni, uthi izisebenzi zakwaSassa zithi ngeke ayithole ngoba ubeholela izipoki.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UNKZ Tryphina Manzini (67) ongayazi imali yempesheni, uthi izisebenzi zakwaSassa zithi ngeke ayithole ngoba ubeholela izipoki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa