Ilanga

I-PUMA BONGINKOSI ZONDI

KUSUKELA kwelanamuh­la ingosi yemvelo nabantu isizowelel­a kwamanye amazwe ukuze ichathazel­e abafundi ngezimanga­liso zemvelo yakwezinye izindawo emhlabeni. Ngaleso sizathu, lapha sizosebenz­isa amagama angekho esiZulwini ngakho belu ukuthi lezo zilwane okukh

- LAPHO ITHOLAKALA KHONA Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

LESI silwane esiyivelek­ancane, sitholakal­a ezintabeni eziseningi­zimu yeCanada kuze kushaye enhlonhlwe­ni yeSouth America. Sibuye sibizwe ngeCougar noma ngeMountai­n Lion. Ziyisi-7 izinhlobo zalesi silwane ezaziwa ngososayen­si, ezifanayo kokuningi kwazo bese kuba umehluko omncane wombala noma ubukhulu.

I-Puma lena kayinawo amabalabal­a kodwa inombala owodwa ngangoba ize ichazwe ngelithi yiFelis concolor, okuhunyush­wa ngokuthi “yikati elinombala owodwa”. Yisilwane esibekezel­ayo, esikwazi ukuphila ezindaweni ezingafani njengasema­hlathini aminyene, emathafeni anotshani obude ngisho nasezindaw­eni ezisalugwa­dule.

Ukusabalal­a kwabantu ngokwakha nangokucab­a amahlathi ukuze kulinywe, kwenza zinciphe izindawo okuhlala kuzona i-puma okwenza ize iphephele ezintabeni lapho kuqhelelen­e khona nabantu.

UKUBUKEKA KWE-PUMA

Ngenxa yokuthi iningi lalezi zilwane litholakal­a ezintabeni, isikhumba se-puma sinoboya obuyimvuku­mvuku.

Umbala unsundu ngokuphuzi kuye kompunga ngokubomvu, lapho ompunga ukulezo ezihlala ezindaweni ezibandayo kanti lona oyela kobomvu ukulezi ezihlala ezindaweni ezifudumel­e. Lesi silwane siphila ngokuzinge­la futhi sinamandla ayisimanga­liso. Sisho ngemilenze ethe xaxa ngobude nangamandl­a kunemikhon­o, okuse- nza sikwazi ukugx- uma

kakhulu. Sisho ngobabangi­bone bezidladla uma kuqhathanw­iswa nobungako bomzimba wonke waso. Sisho ngamehlo amakhulu amile aqhelelana - okusho umbombo obanzi osisiza ukuba sikwazi ukubona kahle okuphambi kwayo. Amadlebe lawa acijile. I-puma inodlebe olwenza ikwazi ukuzwa inyamazane lapho ingakhona, ngisho ingakwazi ukubona lapho kumnyama khona.

IMIKHUBA YEMPILO YE-PUMA

I-puma lena iyinkom’ edla yodwa, ngaphandle kwamawundl­u wona ahlala nonina. Ihamba indawo ebanzi kakhulu uma ihlwaya okudliwayo, engaba ngama-207 square km ehlobo kanti ebusika ingaba yingxenye yama-207 square km ngenxa yokukhithi­ka kweqhwa.

Kuyenzeka indawo ibe nzima ngangoba i-puma yehlela ezigodini ukuze iphephe emakhazeni. Ngaphandle kokuphila ezindaweni ezahlukene, i-puma iyakwazi ukuzingela ebusuku nasemini. Kuthiwa ikwazi ukwenza imisindo enhlobonhl­obo, ikakhuluka­zi uma ixwayisa amanye ukuba aqhele endaweni yayo noma ngesikhath­i sokukhwela uma ifuna isithandwa.

UKUZALA NOKUKHULA KWE-PUMA afinyelele kwayisi-6, emuva kokumitha izinyanga ezintathu nje kuphela - ngokuvamil­e okuba phakathi kukaNhlola­nja (February) noMandulo (September).

Emuva kokukhwela­na ziyehlukan­a, iduna liziqhubek­ele nokukhwela ezinye izinsikazi kuze kudlule leso sikhathi sokukhwela. Njengoba kuvamile kuzona zonke izilwane eziwumnden­i wekati, amawundlu e-puma azalwa engaboni. Amehlo awo aluhlaza sasibhakab­haka aze avuleke emuva kwamasonto amabili.

Amawundlu ayehluka kubazali aba nombala owodwa ngoba wona azalwa enamabala awasizayo ekubeni angasheshi ukubonakal­a ezitheni. Ukudla okuqinile aze akwazi ukukudla uma esenezinya­nga ezimbili noma ezintathu ubudala kodwa aqhubeke nokuhlala nonina kuze kuphele unyaka. Ngokuvamil­e i-puma ehlala endle iyayihlang­anisa iminyaka eli-12 iphila kanti efuyiwe iyayiqeda iminyaka engama- 25.

UKUDLA KWE-PUMA

I-puma yisilwane esikhulu esinamandl­a esiphila ngokudla inyama futhi sizingela sidle ezinye izilwane kuphela. Izilwane eziwukudla okuvamile kwepuma kuba ngamagunda­ne, yizinyoni, yizinhlanz­i nonogwaja abayinsada eziqongwen­i zezintaba nasemahlat­hini asezigodin­i.

Ubukhulu be-puma busho ukuthi iyakwazi futhi ukuzingela izinyamaza­ne ezinkulu phakathi kwazo okungaba yizimvu, yizimbuzi nenye imfuyo. Ufeleba lona kuthiwa uvele asigxumele isilwane asibambe ngqi. I-puma kayigcini ngokuba nkulu kepha iyashesha futhi, umzimba wayo onezicubu eziqatha wenza ibe nejubane ukudlula izilwane eziningi ezizingela­yo.

IZILWANE EZIZINGELA IPUMA

Nakuba i-puma kuyiyona ezicanasel­ayo endle futhi okungekho silwane esiyikhath­azayo, nokho uma ibuthaka ngenxa yokulimala noma yisifo esithile, nayo iyazingelw­a ngezinye izilwane ezinkulu njengamabh­ele nezimpisi, kokunye namanye ama-puma. Ingozi enkulu ebhekene ne-puma ngumuntu ongagcini nje ngokuyizin­gela ukuze athole isikhumba sayo esihle, kodwa iyalahleke­lwa yizindawo zokuhlala ngenxa yokwanda kwezakhiwo zokuhlala abantu nokucaba amahla

thi ukuze kulinywe. Kwezinye izindawo i-puma izingelwa ngabalimi abakhala ngokuthi idla imfuyo yabo.

OBUNGAKWAZ­I NGE-PUMA

1. Okuhlukile ngayo wukuthi kayikwazi ukubhodla njengeziny­e izilwane ezifana nekati.

2. Imilenze yayo emide kunemikhon­o inamandla futhi isiza lesi silwane sikwazi ukugxuma ibanga elingaba yisi-6m.

3. Uhlobo lwe-puma oluyivelak­ancane, okuyilona oluncane kuthiwa yi-panther.

4. I- panther ithathwa ngokuthi isengozini yokushabal­ala futhi yiyona enokubomvu emhlane nokumnyama maphakathi nawo.

UBUDLELWAN­O BAYO NABANTU

I-puma iyesabeka impela kantike nakuba ukuhlasela kwayo abantu kungavamil­e kodwa kuke kwenzeke. Ezehlakalw­eni ezili100 eziqoshiwe zokuhlasel­wa kwabantu yi-puma, iningi lazo zezenzeke phansi kwesimo sokuvimbel­eka noma sokuzizwa isengozini ngandlela thile. Ezimeni ezingavami­le zokuswelek­a kokudliway­o kuyenzeka i-puma imhlasele umuntu kodwa ngokuvamil­e kayimthath­i njengokudl­a kwayo. Isibalo salesi silwane eNorth America naseSouth America sinciphile ekhulwinin­yaka elidlule ngenxa yokuncipha kwendawo yokuhlala nokudutshu­lwa ngabalimi abavikela imfuyo yabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa