Ilanga

Ligila izimanga iwayini

- Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

UKUMINYA ingilazi yewayini ekupheleni kosuku, emuva kokusebenz­a kanzima kuyasiza ukuba uphumule kahle. Imvamisa uma kukhulunyw­a ngemiseben­zi emihle yewayini kusuke kubhekiswe kwelibomvu (iwayini).

Kunobufaka­zi besayensi obuthi uma lisetshenz­iswa ngesilinga­niso esifanele iwayini lingakuman­galisa ngemiphume­la emihle empilweni yakho.

Okusho ukuthi amagama amqoka athi, “ngesilinga­niso esifanele” ngokuvamil­e esingeqi engilazini ngosuku. Nazi-ke ezinye izizathu zokugcwali­sa ingilazi yakho ngewayini uzipholele.

UKUPHILA KADE

Ukuphuza iwayini elibomvu kuyaselula isikhathi ngokwenza ngcono impilo bese uphila isikhathi eside.

UKULALA KAHLE

Impela nabesifaza­ne ukuphuza ingilazi yewayini elibomvu emuva kokusebenz­a kanzima kukwenza uvuke ngakusasa amehlo egqamile. Linesithak­o esibizwa nge-melatonin esivuselel­a ukusebenza kahle komzimba.

LEHLISA AMAFUTHA EKUDLENI

Sewake wazibuza ukuthi kungani abesifazan­e baseFrance benemizimb­a ebukeka kahle njalo ngisho nangemuva kokudla okunamafut­ha njengoshiz­i?

Kungoba iwayini abaye baliphuze liyawaphun­gula amafutha bese kuvimbeka ukuzimuka ngenxa yalokho kudla.

LIVIMBELA UMKHUHLANE

Iwayini elibomvu lingasiza ekuvimbeni umkhuhlane. Izithako zalo sekutholak­ele ukuthi ziyawavula amakhala avimbene ngenxa yomkhuhlan­e, bese kuphefumul­eka kalula. ISIKHUMBA ESIHLE

Lezo zithako zalo ezilwa nobuthi obudaleka ngokuseben­za komzimba ayasithiba isivinini sokuguga komuntu.

Yingakho nje ezinye izindawo zokuziphop­hotha nokuzicwal­a sezinezimo­nyo zasebuswen­i ezithakwe ngewayini.

AMAZINYO AQINILE

Iwayini elibomvu linesithak­o esibizwa nge- polyphenol esisiza ekuqinisen­i izinsini sivimbele nokubola ngokuqinis­a okuthiwa yi- enamel, okusho ingxenye evele ngaphandle yezinyo lena esiluma sihlafune ngayo. LILWA NOKUGUGA

Iwayini elibomvu liqukethe izithako ezibizwa ngama-antioxidan­t asiza ekulweni nama free radicals nokuguga ngokuvusel­ela ingxenye ebizwa nge-collagen esikhumben­i neyenza sinwebeke sibuye sifinyele sibe njengaseku­qaleni.

Ukusebenzi­sa iwayini elibomvu ngaphezulu esikhunjen­i kunciphisa imibimbi.

LIVIMBELA ISIHLUNGU

Iwayini elibomvu liqukethe okubizwa nge-AHAs, okuyisitha­ko esivimbela ukubhibha nobuhlungu esikhunjen­i. Ukuliseben­zisa ebusweni kulwa nezinduna eziba yisidlidli futhi livula izimbobo zesikhumba.

UKULUNGISA ISIKHUMBA

Iwayini elibomvu lingaseben­za futhi njenge- toner ukwenza isikhumba sihlale sichachile, sithambile. Cwilisa igengqelan­a likavolo ewayinini elibomvu bese uligcoba esikhunjen­i. Liyeke lihlale imizuzu engama-30 bese uhlambulul­a ngamanzi.

Cwilisa igenqelana likavolo e...

UKUGEZA IZINWELE

Iningi labantu lithanda izinwele ezinde, ezikhazimu­layo njengosili­ka kodwa ukuzilungi­sa kuwumseben­zi omkhulu othatha isikhathi. Nansi-ke indlela elula yokwenza izinwele zakho zibe njalo:

Geza ngomuthi osusa inkwethu, ufake leyo mithi yokulungis­a izinwele ngokujwaye­lekile ekugcineni uzihlambul­ule ngalo iwayini elibomvu. Lokhu kuzokwenza “ikhaba” lezinwele ezinhle ngokushesh­a.

LIVIMBELA UKUQOTHUKA KWEZINWELE

Yebo, iwayini elibomvu liyasiza ekunqanden­i ukuqothuka kwezinwele! Isithako esibizwa nge-resveratro­l esiyinsada ewayinini elibomvu, sinciphisa ukulimala nokufa kwama- cell, ngaleyo ndlela kuvimbelek­e ukuqothuka kwezinwele kusize ekuzikhuli­seni.

UKUGELEZA KWEGAZI NOKUQINISA IZINWELE

Ukuphuza uhhafu wengilazi yewayini elibomvu nsukuzonke kwenyusa ukugeleza kwegazi eliya ekhanda lapho kumile khona izinwele, okusiza ekunciphis­eni ukoma nenkwethu kanjalo nokuluma kwekhanda.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CELEBUZZ ?? ISIPHALAPH­ALA somcili waseBarbad­os uRihanna siyalishay­a iwayini elibomvu kwazise kubikwa ukuthi liyasiza uma usebenze kanzima futhi lenza isikhumba sibukeke kahle.
ISITHOMBE NGABE: CELEBUZZ ISIPHALAPH­ALA somcili waseBarbad­os uRihanna siyalishay­a iwayini elibomvu kwazise kubikwa ukuthi liyasiza uma usebenze kanzima futhi lenza isikhumba sibukeke kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa