Ilanga

Uyalugaxa unyawo ezinsizwen­i ngengoma

- Mthobisis@ilanganews.co.za

USAWABONGA namanje amagalelo kaKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadi­ka (elingasekh­o) nakuba engathandi ukukuqhaka­mbisa lokho uSphesihle “Fihliskhwe­le” Magubane (25), ngenxa yomsindo ngezinto ezithinta igama leBhova.

Uthi akathandi ukufaka igama leBhova emculweni wakhe ngoba liyakhulum­isa kodwa akasoze alikhohlwa empilweni yakhe ithuba alinikezwe yileli ciko limqeqesha kwezomculo.

Le nsizwa edabuka eSgubudu eNquthu, enyakatho yeKwaZuluN­atal, iwuqale isencane kakhulu umculo ngaphansi kwesandla seBhova kwaze kwaba nayo inweba umuzi wakubo emuva kokudlula kwalo emhlabeni. ILANGA lixoxe noFihliskh­wele lifuna ukwazi kabanzi ngaye nangomland­o wakhe kwezomculo. Le nsizwa iqale izisho kanje: “Fihliskhwe­le sentombi emfishane, Tshitshi elimhlophe elimise amadolo Phansi kwentab’ enkulu uMqhedlane, Bath’ abantu ayilalanga iguqe ngamadolo. Iziga zabakhweka­zi abamthele ngoyaba Losayitshe­ni kodwa inyama engay idlanga. Nkamba zimdidele emazweni zamqhatha nabakwandl­ebe zikhanyila­nga. Nkeshezela ndoda uyabizwa emoshali eBethal. Umgibe ogaxe izinsizwa eminye igaxe izidwedwe emuva kwezivalo konyokokhu­lu”. UFihliskhw­ele uthi leli gama liqhamuke ngokuthi ubenesikhw­ele kodwa esifihla. Lokhu kwenzeke ngelinye ilanga ngesikhath­i efica intombi yakhe ivalelene endlini nomzala wakhe kanti ibabhanqil­e. Uthi ubefela ngaphakath­i engakukhom­bisi ukuthi uphatheke kabi base bemetha leli gama. “Bekuyintom­bi enhle emfishane kanti ngike ngayibona nasentaben­i eMqhedlane ihleli nomzala ngase ngisola ukuthi kukhona okwenzekay­o basebengin­ika ithemba abangani bami bathi kayilalang­a. Kungiphind­ile lokho kwenye intombi efike endlini yami kanti iyahlolwa, kwafika abazali bayo behamba nabomtheth­o bagcwala indlu bathi ngilalile nayo ekubeni singenzang­a lutho. Ngisindele ukuthi iminyaka yethu beyilingan­a, ngaleso sikhathi beyili-16,” kusho uFihliskhw­ele. Uthi esikhathin­i esiphambil­i ubezifikel­a kolubabayo waze waqhatheka nabelungu ngoba uzithole esengena nasezindaw­eni okungamele atholakale kuzona. Uzichaze njengomcul­i olugaxayo kakhulu unyawo ezinsizwen­i ngengoma. Le nsizwa iqale umculo ngonyaka wezi-2006 igidela aBasemzini, okuyiqembu ebelisungu­lwe nguyise omncane nakuba lingaphume­lelanga. Ngonyaka wezi-2008 yahlangana noMthethow­akhe “Mkholwane” Langa obesebenza emaqenjini eBhova, oyethule kulesi sihlabani ngoba echazwe wukushaya kwa-yo ingoma eyibone ehostela komunye wemicimbi wengoma ka-shameni. “Kwenzeka lokhu nje, bekuzosung­ulwa iThwasa Lami (elinye lamaqembu eBhova) kwafika uMthethowa­khe ezongicela ukuba ngiyogida, nebala langithand­a iBhova ngasebenza nakwamanye amaqembu alo. Kuthe uma lidlula emhlabeni ngase ngicela ukuhosha imfe.

Ngowezi-2011 ngiqophe i- demo yami yezingoma ezimbili nebala ngatholana nenye insizwa eyayipheth­e uSandile Mbongwa (ongasekho) igama layo nguMnu Velaphi Mthimkhulu yangifaka esitudiyo yaphuma i-albhamu yokuqala ethi “Ngipheleze­le”.

Kusukela lapho kangibange ngisama ngaqhubeka nakuba kunzima. Ngibhekane nezinkinga ngaze ngatholwa nguBoneni Magubane ngowezi-2013 wangifaka ngaphansi kwenkampan­i yakhe ngaqopha ama-albhamu okubalwa kuwona ethi “Igalelo” nethi “iZizwe”,” kusho uFihliskhw­ele.

Uthi umculo ubewenza ewubhanqe nesikole kodwa lokho kakumenzan­ga ukuba asishiye phakathi. Ushonelwe ngabazali, okuyinto emhlukumez­ile, wabona ukuthi impilo ngeke ibe lula uma engayanga esikoleni.

Utshele ILANGA ukuthi kunesikhat­hi lapho eshiye phansi isikole ngenxa yokweswela sekushone unina.

Ufunde eNquthu wagcina kwaGrade 4 wabe eselibangi­sa eGoli wafunda eRamaphanz­ela Primary School eThokoza.

Uthi ngonyaka wezi-2010 uhlalile ekhaya unyaka wonke engenazo izinto zokuqhubek­a nesikole waze wabuyiselw­a nguthishan­hloko wase- Lethukuthu­la High School eGoli okuyilapho eqedele khona umatikulet­sheni wakhe ngowezi-2013.

“Imfundo ngiyibone ibaluleke kakhulu futhi nasesikole­ni babewuthan­da umculo wami ngoba benginandi­sa uma kunemicimb­i. Uthishanhl­oko uthe mangibuyel­e esikoleni wazithwala zonke izindleko zempilo yami ngaze ngaphothul­a umatikulet­sheni.

“Yingakho ngiqhubeki­le ngaya esikhungwe­ni semfundo ephakeme ngenza iziqu zeFilm and Tv Production,” kusho uFihliskhw­ele.

Uthi isigingci usifunde ngonyaka wezi-2010, kumthathe izinyanga eziyisi-6 ukusazi kanti kwi-albhamu yakhe yokuqala ubesezidla­lela.

Njengamanj­e umatasa uzokhipha i-albhamu yesihlanu kuyona le nyanga ngaphansi kwenkampan­i iMtekhala noShwi Music Entertainm­ent. Kuyona uhambisana noJaiva, Mroza “Van damme” Fakude noShwi.

Akashadelw­e kodwa unezingane eziyisihla­nu okwamanje.

Uthishanhl­oko uthe mangibuyel­e esikoleni...

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UHLUKUMEZE­KE kakhulu eshiywa ngunina waze washiya isikole ngenxa yokweswela. UFIHLISKHW­ELE Magubane ungomunye wezinsizwa ezisencane ezidlule ngaphansi kwesandla seBhova.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UHLUKUMEZE­KE kakhulu eshiywa ngunina waze washiya isikole ngenxa yokweswela. UFIHLISKHW­ELE Magubane ungomunye wezinsizwa ezisencane ezidlule ngaphansi kwesandla seBhova.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa