Ilanga

UYABILA ONGOWESI-6 EKONDLISWE­NI "ISIPOKI"

- PHUMLANI GAMA

UYABILA yintukuthe­lo owesilisa waseMakhon­yeni eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okuvele ukuthi ungowesi-6 kwabesilis­a abondliswa “isipoki” ngowesifaz­ane waseHlalan­athi khona eJozini. UMnu Sibusiso Ngubane (31), uthi akasoze ayikhohlwa into ayenziwe nguNkz Noxolo Jele (32) omqothule amaphaketh­e ngoba ethi unengane yakhe kanti usebenzisa eyengoduso yomfowabo athi ngeyakhe.

Uthi uthandane noNkz Jele ngowezi-2014 emuva kwezinyang­a ezimbalwa intombi yafudukela oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal iyohlala nonina omncane oshone ngonyaka odlule. Uthi uthole ucingo lukaNkz Jele emtshela ukuthi weqiwe yinyanga (ukhulelwe). Lokhu kuze kwafakazel­wa ngunina omncane kanti bacija itulo lokudla imali yakhe.

“Ngizwe uXoloh engitshela ukuthi ukhulelwe ngamnxusa ukuba aye kwa- dokotela ukuze aqinisekis­e ukuthi ukhulelwe. Akayanga lapho, kunalokho ushuthe incwadi okuhlolwe ngayo ingoduso yomfowabo lapho ibhalwe khona ukuthi ukhulelwe, wangithume­lela isithombe sayo ngo-WhatsApp.

“Nami ngigculise­kile. Ngokuhamba kwesikhath­i, ubeselokhu engitshela ukuthi mangifake imali yokuba aye emtholampi­lo. Ubengafuni uma ngithi makafike ekhaya nabakubo bezobika isisu. Ngenyanga ye-10 engibikele ukuthi ukhulelwe, ngimbuze ukuthi kungani ingakazalw­a namanje ingane wathi uzoya esibhedlel­a eyobeletha.

“Nangempela ngenze amalungise­lelo okuthenga izimpahla zengane. Unina omncane kaXoloh ungifonele engigqugqu­zela ukuba ngithenge izimpahla zengane eyintombaz­ane ngoba se-kuphele izinsuku izelwe, ise- sibhedlela. Kunesitolo esivulwe ngami edolobheni laseJozini njengoba sithengisa izimpahla zezingane ezihamba phambili.

“Ngibuye lapho ngathatha isikhwama sezimpahla ngathumela udadewethu omncane ukuba azihambise oPhongolo. Ungithumel­ele isithombe sengane engakehluk­anisi,” kuchaza yena.

Uthi ekhaya unengoduso abeseyibik­ele ukuthi usekhuleli­sile ngaphandle kwayo. Kuthe uma izwa lokho yaphatheka kabi kangangoku­ba ike yasikaza ukubopha imithwalo ibuyele kubo.

“Le nto ingiphethe kabi kakhulu ngoba le ntombazane idlale ngami. UNoxolo ngifuna ukumvulela icala lokungigeb­enga engondlisa ingane yomfowabo. Bengivalek­e amehlo ngoba unina omncane nguyena obelokhu engijoja eyifuna la imali yengane,” kusho yena.

Uthi udaba luqale ukonakala emuva konyaka nezinyanga ezimbalwa ingane izelwe ngesikhath­i ebuza kudadewabo kaNkz Jele osebenzela kwesinye sezitolo zaseJozini ukuthi ingane isingakana­ni. Udadewabo kaNkz Jele ushaye izandla watshela uMnu Ngubane ukuthi ungowesi-6 kubantu abathi banengane nodadewabo.

“Ngethukile uma ethi udadewabo akanangane. Baningi kakhulu abantu abondla ingane engekho. Ushutha ingane yomfowabo athi ngeyakhe. Okubi kakhulu wukuthi unina omncane angigile naye uvele washona kulezo zinsuku.

“Kumanje ngiphelile emalini ngoba kwesinye isikhathi bekuphoqa ukuba ngiboleke uma eseyifuna la uXoloh. Ngifuna ukumthathe­la izinyathel­o zomthetho ukuze ezofunda isifundo,” kusho uMnu Ngubane. Uthi ingaphezu kuka-R 5 000 imali ayikhuthuz­we nguNkz Jele.

Ethintwa ngalolu daba uNkz Jele, uthe ingane ngeyakhe kodwa indaba

wukuthi uhlole ulibofuzo kwatholaka­la ukuthi kakuyona ekaMnu Ngubane, uyise useThekwin­i. Uveze ukuthi yena ubezitshel­a ukuthi ngekaMnu Ngubane ngoba ugcine elale naye. Uthe kakuyona ngisho imali etheni uMnu Ngubane amnike yona ngoba wagcina ngokutheng­a amanabuken­i ( Pam

pers) nezintwana nje ezincane, kwaba wu-R100 amnike wona.

“Ubengakhok­heleka nje leyo mali ngoba uma ngibheka kazifiki ngisho ku-R1 000 izinto azithengil­e. Into nje engingayit­handi wukuthi uhamba ebuza bonke abantu abangenalo ulwazi ngalolu daba engabe yena ukhuluma nami” kusho uNkz Jele. Uthe kukuMnu Ngubane ukuthi uyalukhiph­a yini lolu daba ephephanda­beni.

“Anginankin­ga uma kuwukuthi ubona lokho kuzomsiza. Naye ngathi ukhohliwe ukuthi wayelwa nami elala nami ngenkani engafuni ukufaka ikhondomu. Uma efuna sifikisane kude kulungile, makaqhubek­e nakwenzayo mhlwawumbe nami ngizoqhube­ka,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa