Ilanga

Masilwe nokulahlwa kwezingane

- Nkk Thokozile Gumede, USIHLALO weNkatha Freedom Party Women’s Brigade

MHLELI: Kwelakho elihamba phambili, bengicela ungiphe isikhala ngidlulise ukukhathaz­eka kwami ngendlela abantu besifazane asebelahla noma abalaxaza ngayo imiphefumu­lo engenacala, okuyizinga­ne abasuke beqeda ukuzibelet­ha ngenxa yezimo ababhekene nazo.

Into eyenza ngiphawule noma ngiveze uvo ngalolu daba, wukuthi unyaka nonyaka isibalo sezingane ezitholaka­la zilahliwe siyakhuphu­ka.

Kakukuhle futhi kakulula ukuba uma ungumuntu wesifazane uvula iphephanda­ba, ulalela umsakazo noma ubuka kumabonaku­de kuvele izindaba eziyaye zikunyanti­se umzimba uzwe kusika kuwena.

Kuyesinda, ngakho ngiyafisa ukuba njengoba sisezinhla­keni kumele sisukume sibheke indlela esingakwaz­i ukuba sibambisan­e ngayo ngoba lezi zingane zisuke zingenacal­a futhi nabo onina basuke benengcind­ezi abasuke bebhekene nayo.

Ngibhala nje, bengifunda lona udaba kwelinye lamaphepha­ndaba ukuba sekutholak­ale ingane ilahliwe enxanxathe­leni yezitolo eMgungundl­ovu.

Kayincane le nto, bengifisa ukuthi kubeneqhaz­a elibanjwa wumnyango wezempilo ubambisene nowezokuth­uthukiswa komphakath­i kukhushulw­e umkhankaso wokuhlela, obonakala usufadabel­e bese kwandiswa kuphinde kuxhaswe izindawo zokwamukel­a lezi zingane lapho bengazishi­ya khona - ngaphandle kwemibuzo - abakhulelw­a besebancan­e.

Ngaphezu kwakho konke, imiphakath­i, amasonto nosopoliti­ki kumele bakhuthaze ukubalulek­a kwemindeni, ivuselelwe ukuze isizane ibambisane ezinkingen­i. Lokhu ngicabanga ukuthi kuyoba nomthelela omuhle ngoba kuzobanika ithemba lokuba bakwazi ukubhekana nezingane zabo bangazilah­li nje.

Ngiyafisa njengoba sikule nyanga yama-Afrika ukuba sibe neqhaza esilibamba­yo emiphakath­ini singomama, sibenendle­la yokungenel­ela silekelele labo bantwana abasuke bebhekene nalezi zinkinga ngoba lokhu okwenzekay­o kuthunaza imiphakath­i yethu, nokuthi thina bantu besifazane sinesihluk­u.

Ake sizame ndlela zonke ukulwa nenkinga yokulaxazw­a kwabantwan­a bebancane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa