Masilwe nokulahlwa kwezingane
MHLELI: Kwelakho elihamba phambili, bengicela ungiphe isikhala ngidlulise ukukhathazeka kwami ngendlela abantu besifazane asebelahla noma abalaxaza ngayo imiphefumulo engenacala, okuyizingane abasuke beqeda ukuzibeletha ngenxa yezimo ababhekene nazo.
Into eyenza ngiphawule noma ngiveze uvo ngalolu daba, wukuthi unyaka nonyaka isibalo sezingane ezitholakala zilahliwe siyakhuphuka.
Kakukuhle futhi kakulula ukuba uma ungumuntu wesifazane uvula iphephandaba, ulalela umsakazo noma ubuka kumabonakude kuvele izindaba eziyaye zikunyantise umzimba uzwe kusika kuwena.
Kuyesinda, ngakho ngiyafisa ukuba njengoba sisezinhlakeni kumele sisukume sibheke indlela esingakwazi ukuba sibambisane ngayo ngoba lezi zingane zisuke zingenacala futhi nabo onina basuke benengcindezi abasuke bebhekene nayo.
Ngibhala nje, bengifunda lona udaba kwelinye lamaphephandaba ukuba sekutholakale ingane ilahliwe enxanxatheleni yezitolo eMgungundlovu.
Kayincane le nto, bengifisa ukuthi kubeneqhaza elibanjwa wumnyango wezempilo ubambisene nowezokuthuthukiswa komphakathi kukhushulwe umkhankaso wokuhlela, obonakala usufadabele bese kwandiswa kuphinde kuxhaswe izindawo zokwamukela lezi zingane lapho bengazishiya khona - ngaphandle kwemibuzo - abakhulelwa besebancane.
Ngaphezu kwakho konke, imiphakathi, amasonto nosopolitiki kumele bakhuthaze ukubaluleka kwemindeni, ivuselelwe ukuze isizane ibambisane ezinkingeni. Lokhu ngicabanga ukuthi kuyoba nomthelela omuhle ngoba kuzobanika ithemba lokuba bakwazi ukubhekana nezingane zabo bangazilahli nje.
Ngiyafisa njengoba sikule nyanga yama-Afrika ukuba sibe neqhaza esilibambayo emiphakathini singomama, sibenendlela yokungenelela silekelele labo bantwana abasuke bebhekene nalezi zinkinga ngoba lokhu okwenzekayo kuthunaza imiphakathi yethu, nokuthi thina bantu besifazane sinesihluku.
Ake sizame ndlela zonke ukulwa nenkinga yokulaxazwa kwabantwana bebancane.