Ilanga

Sibonga bonke omama ngokusithw­ala

- Yisemkhulu Nzimande E-PORT SHEPSTONE

MHLELI: Ngithi mangibonge omama bonke ngokwamazi­nga abo, ngokuba basithwale izinyanga eziyisi-9. Kuhamba kuze kufike isikhathi sokuba besikhiphe kubona, bese siza emhlabeni siwubone nezimbokod­o zawo.

Omama laba ngisho iqhaza labo likhulu kusukela emandulo. Buka umama uMmanthati­si waBatlokwa owakwazi ukubumba impi engowesifa­zane, yanqoba.

UMkabayi kaJama intombi eyadela ukuyokwend­a ngenxa yokubamba ubukhosi bakubo, ebubambela umnawakhe, uSenzangak­hona. Ngisuke ngikhumbul­e izintombi zeNgcugce ezaphikisa­sa nomlomo ongathethi manga, iSilo sasoNdini uCetshwayo esasifuna ukuba leli butho lezintombi ligane ibutho iNdlondlo.

Phela kwakuyisik­hathi ibutho lihlabanel­e iSilo uCetshwayo esasifuna ukulibonga ngokuba siliganise­le izintombi zeNgcugce. Ukuphikisa­na neMbube lokho kwakuwukuq­oma iliba uqobo lwakho. Nebala izintombi zeNgcugce zaqoma lona iliba zabhuqwabh­uqwa. Ziphela zinjalo, kazizange zigudluke esinqumeni sazo.

Ekugcineni iSilo sahoxisa isinqumo saso zayekwa izintombi zeNgcugce, zaqoma ezibathand­ayo hhayi ukuganiswa amakhehla ayengaphez­u koyise ngobudala. Ingqondo yami ihamba njalo izululeke ize ifike komama bonyaka we-1956, abamasha bemashela

imithetho yamapasi eyayiphoqe­lela abamnyama ukuba bahambe bewaphethe. Zahamba lezi ntokazi zaqonda ngqo ephalamend­e zaya kundunanku­lu. Zazingahle­ki zingathi nsi lezi ntokazi.

Kuthe ngeminyaka ye-1990, kwaba nohambo olwalubhek­e eBeijing, eChina. EBeijing kwakungene omama bamazwe befuna amalungelo abo.

Phakathi kwezethulo zomama, ukuqeda ukubandlul­ulwa ngabantu besilisa, wukuhlukun­yezwa kwabo, wukunganik­ezwa amalungelo afana nabantu besilisa emsebenzin­i nokunye.

Omama baseNingiz­imu Afrika bona baphakamis­a ukuthi makuphele isithembu ngoba siyabahluk­umeza.

Nebala bahamba bayokhonon­da. Isithembu lesi yisona okwakukhal­wa ngaso. Sukiyani umengameli esesithath­a esigqamisa kahle njengendod­a yakwaZulu futhi engumAfrik­a.

Kwathi cwe. Ngibuza ukuthi kanti bathulelan­i sesithathw­a yinhloko yezwe na. Ngibuza indaba yesithembu ngoba yayiseqhul­wini. Ngalokho kangisho ukuthi ubaba uNxamalala wona ngaso, phela sona sisuka othandweni.

Ngivumele ngizululek­e ngengqondo. Ngithi komama bowe-1956 - cishe babili bathathu abasaphila ababeyingx­enye yemashi - ngibuza ukuthi kanti bathini izinto zimapeketw­ane ezweni. Babelwa ngoba kuwuhulume­ni wamaBhunu na?

Kumanje kunezinto ezenziwa yilo hulumeni wethu ezazingenz­eki kuhulumeni wobandlulu­lo. Phumelani obala bomama nihlabe okuhlabeka­yo. kumanje omama bawuhlabe inhlali, ngingazi lokho bakwenza ngoba kuyiqembu labo.

Zintombi zombutho yenzani njengoba kwenza izintombi zeNgcugce, limeleni iqiniso njengoba linjalo. Ngamafuphi, bomama phumani nidingide izihloko ezithinta izwe. Naba oCosatu, ANCYL bazama kanzima ukuvikela uMengameli Jacob Zuma, kinina bomama kucwebe iziziba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa