Sibonga bonke omama ngokusithwala
MHLELI: Ngithi mangibonge omama bonke ngokwamazinga abo, ngokuba basithwale izinyanga eziyisi-9. Kuhamba kuze kufike isikhathi sokuba besikhiphe kubona, bese siza emhlabeni siwubone nezimbokodo zawo.
Omama laba ngisho iqhaza labo likhulu kusukela emandulo. Buka umama uMmanthatisi waBatlokwa owakwazi ukubumba impi engowesifazane, yanqoba.
UMkabayi kaJama intombi eyadela ukuyokwenda ngenxa yokubamba ubukhosi bakubo, ebubambela umnawakhe, uSenzangakhona. Ngisuke ngikhumbule izintombi zeNgcugce ezaphikisasa nomlomo ongathethi manga, iSilo sasoNdini uCetshwayo esasifuna ukuba leli butho lezintombi ligane ibutho iNdlondlo.
Phela kwakuyisikhathi ibutho lihlabanele iSilo uCetshwayo esasifuna ukulibonga ngokuba siliganisele izintombi zeNgcugce. Ukuphikisana neMbube lokho kwakuwukuqoma iliba uqobo lwakho. Nebala izintombi zeNgcugce zaqoma lona iliba zabhuqwabhuqwa. Ziphela zinjalo, kazizange zigudluke esinqumeni sazo.
Ekugcineni iSilo sahoxisa isinqumo saso zayekwa izintombi zeNgcugce, zaqoma ezibathandayo hhayi ukuganiswa amakhehla ayengaphezu koyise ngobudala. Ingqondo yami ihamba njalo izululeke ize ifike komama bonyaka we-1956, abamasha bemashela
imithetho yamapasi eyayiphoqelela abamnyama ukuba bahambe bewaphethe. Zahamba lezi ntokazi zaqonda ngqo ephalamende zaya kundunankulu. Zazingahleki zingathi nsi lezi ntokazi.
Kuthe ngeminyaka ye-1990, kwaba nohambo olwalubheke eBeijing, eChina. EBeijing kwakungene omama bamazwe befuna amalungelo abo.
Phakathi kwezethulo zomama, ukuqeda ukubandlululwa ngabantu besilisa, wukuhlukunyezwa kwabo, wukunganikezwa amalungelo afana nabantu besilisa emsebenzini nokunye.
Omama baseNingizimu Afrika bona baphakamisa ukuthi makuphele isithembu ngoba siyabahlukumeza.
Nebala bahamba bayokhononda. Isithembu lesi yisona okwakukhalwa ngaso. Sukiyani umengameli esesithatha esigqamisa kahle njengendoda yakwaZulu futhi engumAfrika.
Kwathi cwe. Ngibuza ukuthi kanti bathulelani sesithathwa yinhloko yezwe na. Ngibuza indaba yesithembu ngoba yayiseqhulwini. Ngalokho kangisho ukuthi ubaba uNxamalala wona ngaso, phela sona sisuka othandweni.
Ngivumele ngizululeke ngengqondo. Ngithi komama bowe-1956 - cishe babili bathathu abasaphila ababeyingxenye yemashi - ngibuza ukuthi kanti bathini izinto zimapeketwane ezweni. Babelwa ngoba kuwuhulumeni wamaBhunu na?
Kumanje kunezinto ezenziwa yilo hulumeni wethu ezazingenzeki kuhulumeni wobandlululo. Phumelani obala bomama nihlabe okuhlabekayo. kumanje omama bawuhlabe inhlali, ngingazi lokho bakwenza ngoba kuyiqembu labo.
Zintombi zombutho yenzani njengoba kwenza izintombi zeNgcugce, limeleni iqiniso njengoba linjalo. Ngamafuphi, bomama phumani nidingide izihloko ezithinta izwe. Naba oCosatu, ANCYL bazama kanzima ukuvikela uMengameli Jacob Zuma, kinina bomama kucwebe iziziba.