OweChiefs uveza isizathu esibakhiphe embangweni
Udalula abakufuna emidlalweni esele
USOLA isigcwagcwa akholwa wukuthi yiso esenze baphuma embangweni wesicoco se-Absa Premiership umdlali weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandeli bale kilabhu.
IChiefs izogadulisana nePolokwane City kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-18h00 eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IChiefs iya kulo mdlalo nje vele sekucacile ukuthi ngeke isasithola isicoco seligi emuva kokuba idlale ngokulingana ngo-1-1 neLamontville Golden Arrows eFNB Stadium, eSoweto ngoMgqibelo owedlule.
USiphiwe “Shabba” Tshabalala ovutha engabaselwe kulezi zinsuku uthi kuzofanele basukume njengoba kucaca ukuthi ezakhe zihaqwe yisigcwagcwa.
“Uma ubheka selokhu kuqale isizini silahla amaphuzu emidlalweni okusuke kufanele ngabe siyayinqoba kodwa kugcine kusibhedele.
“Bheka nje kamuva sikhavwa umdlalo sesihambile nawo kuvele kungacaci ukuthi kwenzakaleni sonke sisale sibuzana.
“Kuyacaca ukuthi kukhona isigcwagcwa esihamba naso okuzofanele sisisukumele kungaze konakale izinto eziningi,” kusho uTshabalala.
Uthi uyavuma ukuthi sekuphelile ngabo kwiligi kodwa lokho akuchazi ukuthi bazogebisa amakhanda.
“Sifuna ukuyinqoba yonke imidlalo esele ukuze sibone ukuthi amaphuzu esizowathola azosibekaphi.
“Sizoqala ngawo lo mdlalo wePolokwane City. Siyakuqonda ukuthi ifuna ukuqinisa indawo yayo kwi- top 8 kodwa nathi sifuna ukusonga siphezulu kwi- log.
“Lo mdlalo uzoba mnandi ngoba nePolokwane idlala ibhola elihle. Kodwa-ke esikuyela kulo mdlalo ngamaphuzu amathathu hhayi okungaphansi kwalokho,” kusho uTshabalala.
URodney Ramagalela umgadli wePolokwane uthi ngeke bayidedele iChiefs nangengozi.
“Ngikholwa wukuthi yiChiefs enengcindezi hhayi thina.
“Kulo mdlalo kuzobe kugcwele abalandeli babo ngoba balandelwa yonke indawo ngakho-ke bazobe bezele iwini okuzobafakela ingcindezi.
“Esizokwenza nje thina wukubehlula ukuze siqinise indawo yethu kwi- top 8,” kusho uRamagalela. NGOLWESIHLANU EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Chippa United 20h00. EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC 15h00.
Polokwane City vs Kaizer Chiefs 18h00. E-Athlone Stadium: Ajax Cape Town vs Bloem Celtic 20h15.