LISOLWA NGOKWEBA ISEKELA-MEYA
LIZIFAKE ehlazweni iphini lemeya kamasipala waKwaZulu-Natal elisolwa ngokweba izicathulo zikanokusho kwesinye sezitolo zasoPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi lolu daba lukhulunyelwa phansi ngaphansi kukamasipala waleli sekela-meya njengoba luthinta umuntu omkhulu futhi ohloniphekile.
Ngokuthola kweLANGA, leli sekela-meya lingene kulesi sitolo liyokhononda ngezicathulo ebelizithengile phambilini, lifuna ukuba zishintshwe. Kuthiwa kube nokuhilizisana phakathi kwakhe nemenenja yesitolo kwazise bebenqaba ukumshintshela izicathulo. Kuthiwa lokhu kulicasulile isekela-meya lavele lathatha ezinye izicathulo lashaya lachitha nazo.
Umthombo weLANGA uthi lolu daba sekukhona abazama ukulunyathela ngoba luthinta umuntu ohlonishwayo endaweni. Uthi lubikiwe emaphoyiseni kodwa kuze kube manje, akaze aboshwe umsolwa ngoba nakhu emkhulu futhi ehlonishwa.
“Ngokuzwa kwethu, "u" (egagula isekelameya) ubekade ethenge izicathulo kulesi sitolo, kasazi noma ubesezigqokile yini. Uziphindisele esitolo ngoba engaseneme ngazo. Ufike wahilizisana nabasesitolo ngoba benqaba ukumshintshela lezi zicathulo.
“Kuthe uma ebona ukuthi kabamshintsheli, wazijikijela le kude maqede wathatha ezinye ezikanokusho bebuka esitolo, waphuma nazo", kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokweba elivuliwe emuva kokuba owesifazane ethathe izicathulo esitolo engazikhokhelanga. Uthi okwamanje bekungakaboshwa muntu kanti amaphoyisa asaphenya.