LE NKULUMO IBEKA ABAHLENGIKAZI ENGCUPHENI
MHLELI: Siwumphakathi waKwaXimba phansi koMkhambathi, kuWard 1 ngaphansi kukakhansela Musa Mkhize njengombutho wezisebenzi, sesithi masidlulise ukukhathazeka kwethu ngoba umnyango kawuqhamuki nasixazululo, uyabaleka.
Ngowezi-2015 emuva kokuba izisebenzi zihlaselwe ebusuku ngamalunga omphakathi ngenxa yokungabikhona konogada, kunenkulumo yekhansela esibikelwe ukuthi layethula embizweni yaKwaXimba ngoMgqibelo mhla zili-18 Ndasa (March) wezi-2017.
Sifisa ukuyiqondisa ngokuthi linephutha uma lithi abahlengikazi emtholampilo kabafuni ukusebenza. Lokhu kufaka izisebenzi engcupheni yokuhlaselwa wumphakathi. Kunezidingo umnyango okumele uzilungise ngokuvulwa komtholampilo amahora angama-24. Umnyango uyazazi izikhalo zezisebenzi nezidingo zazo ngokusebenza komtholampilo ubusuku nemini. Sacela umhlangano nabaholi bomphakathi esazibika kubona ngezinkinga zomtholampilo, uNkz Msimango noNkk Mpanza bahlela ukuwuhlehlisa sesifikile ngoba kuthiwa ikhansela lithe ngeke lize lapho.
INkosi Mdluli yaxolisa, iNkosi Mlaba nayo yajika endleleni ngoba yayihlela umcimbi womphakathi waKwaXimba la kwamenyezelwa emphakathini ukuthi amanesi kawafuni ukusebenza, okuyiphutha nokho. Ukubala nje okumbalwa: Ezokuphepha zidinga onogada abaqeqeshiwe ngokulekelela ezimeni eziphuthumayo, ukungabikhona kwama-ambulensi, ukushoda kwezisebenzi nezinsizakusebenza ezibalulekile njengezokubelethisa.
Okunye sitshelwe ukuthi kulungisiwe kodwa kakwenzekile. Ikhansela-ke lesabisa izisebenzi, lenza umathanda kulo mtholampilo. Siphoqe umhlangano emuva kokuhlaselwa kwamanesi ebusuku la kwakugwazwe khona ilunga lomphakathi ejoyintini lashona. Lo mhlangano besilokhu siwucela kusuka ngoMfumfu (October) wezi-2016 saze sacela ukungenelela kukaHOD, sahlangana ngoMasingana (January) wezi2017. Lokho kakusiniki isithombe sokusebenza ngokubambisana.
Udaba lwezisebenzi umnyango kawukaze ululandele ngisho sesicela ukuba bathunyelelwe usizo ngokomnyango lokwelashwa ngokwengqondo kuze kube namuhla, akekho ozimisele ngokuphendula nokusazisa.
Siyawazisa-ke umphakathi osebenzisa lo mtholampilo ukuthi uphoqwa yisimo sokunganakwa wumnyango nokuthi kawusazi ukuthi ngubani umqashi. Ikhansela kwathiwa kumele liyekwe lenze into eliyithandayo, okuyindida ngoba esikwaziyo wukuthi wumnyango wezempilo oqasha izisebenzi ngokwesidingo somnyango, kasikaze sibone isisebenzi esiyinesi siqashwa ngokobukhansela.