LENA SEKUYI-ANC YEZIKHUNDLA NAMATHENDA
MHLELI: Kayikho into ebuhlungu lapha emhlabeni njengokuthi uthi unomlando omuhle bese uwubhidliza ngetshe kugcine kusele igama kuphela. Umbutho wabantu okuyi-African National Congress (ANC) wasungulwa yizinjulabuchopho emuva kokuba sezibonile isidingo sokuthi makusungulwe umbutho owodwa ozolwa, ubhekane ngqo nababusi bobandlululo.
Phela yibona ababecindezele, bebusa ngobandlululo, sengathi oMnu Pixley ka-Isaka Seme, oJordan Ngubane nezinye izingqalabutho zi-ngalala ngokuthula. Unyaka we-1912 mkhulu impela, ikakhulukazi kuma-Afrika ngoba i-ANC iyiqembu lokuqala ngisho e-Afrika jikelele.
Ubunzima edlule kubona i-ANC buyaziwa njengokuboshwa kobaba eRobben Island, bedingiswa befela ekudingisweni abanye befela endleleni. Muva le ANC eholwa nguMengameli Jacob Zuma nesigungu sakhe sebewufihliza wonke lo mlando. Lena sekuyiANC yezikhundla namathenda, kangangokuthi ngisho umuntu obengayifuni nakuyibona useyiyona ngoba nakhu kunamathenda atanyuzwayo.
Namhlanje sekungeyenkohlakalo esuka phezulu ekhanda ize iyoshaya ezinyaweni. Noma sekutholakele ukuthi umengameli wephule umthethosisekelo okuyiwona oyibhayibheli lokubuswa kwezwe - kodwa umengameli anqabe ukuphuma esikhundleni. Abalandeli nesigungu sakhe imbala bayamvikela. Kufanele phela ingani imali yabakhokhi bentela iyatanyuzwa.
Kakuseyona i-ANC eyaziwayo eyaya ekudingisweni ukwenza impilo yabantu ibe ngcono. Isilwela impilo yama- com- rade nezikhulu ezisondelene nawo ukuba baphile kahle. Kakuseyona i-ANC eyalwa nobandlululo ngoba amaBhunu ayenikana wodwa umnotho, kepha nayo seyidla umnotho nabathile. Sekuyi-ANC eyindlovukayiphikiswa njengeNP, yona eyayingqokloza ngesibhamu okuphikisana nayo.
Nayi i-ANC seyimi ngesibhamu ephalamende kuvikelwa umengameli. Labo mama ababili, uNkk Baleka Mbete noThandi Modise, ngabatshali bamasosha yikhona i-ANC izoba yindlovukayiphikiswa. Lezi zidubedube ezenzeka ephalamende zintsha, ziqale manje ngesikhathi sikaZuma. Lena yi-ANC yenkohlakalo, okwakha isithombe entsheni esakhulayo sokuthi kayikho into embi ngenkohlakalo ngoba uma usolwa ngayo uzobongwa.