Kugqugquzelwa ababhali ukucikoza ngesiZulu
I-UKZN nethuba eliyinqgayizivele
KUSHUNYAYELWA ivangeli lokuba ababhali bacikoze ngesiZulu ukuze kwakheke isizwe esifundile kutshaleke nesiko lokufunda, ikakhulukazi kubafundi baseNingizimu Afrika. I-University of KwaZulu-Natal (UKZN) isinxuse osonkondlo ukuba bakhiphe amangwevu babhale izinkondlo ezizogqugquzela abantu ukuba bathande izilimi zomdabu.
Umqondisi wehhovisi lokuhlelwa nokuthuthukiswa kolimi kule nyuvesi, uDkt Langa Khumalo, uthi ucwaningo luveza ukuthi izinga lokufunda liphansi entsheni yaseNingizimu Afrika, okuyikhona abafuna ukulwa nakho.
Uthi leli thuba kumele balithathe ngazo zombili ababhali kwazise izinkondlo ezihlabahlosile zizoshicilelwa encwadini yenyuvesi. Utshele leli phephandaba ukuthi isihloko okusetshenzwa ngaphansi kwaso sithi “Umsoco wolimi” okuhloswe ngakho ukuba umbhali aveze noma ngabe yini ngokubaluleka kolimi lwesiZulu. “Ngokwezimiso zenqubomgomo nohlelo lolimi kule nyuvesi, wukuba siluphakamise silubeke kwelinye izinga njengoba ezinyangeni ezedlule kade sethula ngokusemthethweni izincwadi zezindaba ezimfushane ebesizibhalelwe ngabafundi.
“Ngalokhu sigqugquzela isiko lokubhala nokunikeza ababhali ithuba lokuba baveze imizwa yabo,” kusho uDkt Khumalo. Uthi isifiso sabo esikhulu wukuba lezi zinkondlo uma sezishicilelwe encwadini eyodwa, inikwe umnyango wezemfundo emazingeni aphansi ukuba uyisebenzise nasezikoleni ukuze kuzokuba nokuxhumana kwezinga lemfundo yasenyuvesi neyesamazingeni aphansi.
Ngokwenqubo-mgomo yalo mncintiswano, kakuvumelekile ukuba umbhali awungenele ngenkondlo esetshenzisiwe ngaphambilini kolunye ushicilelo, kungenelwa ngenkondlo eyodwa futhi kakuvumelekile ukuba ibhalwe ngesandla.
Abaphumelele bazothintwa yinyuvesi. Ifomu lokungenela lihambisana nombhalo wombhali, liyatholakala ku: http://ulpdo.ukzn. ac.za noma uzihambisele mathupha emahhovisi okuthuthukiswa nokuhlelwa kolimi ophikweni lwaseHoward College, eThekwini kuyona le nyuvesi. Kuyavalwa ukuthunyelwa kwezinkondlo mhla zili-15 kuNhlangulana (June).
Ngalokhu sigqugquzela. isiko lokubhala nokunikeza ababhali ithuba lokuba baveze imizwa yabo kusho uDkt Khumalo. Uthi isifiso sabo esikhulu wukuba...