Bavale imigwaqo ngenxa yamanzi
Bathi babangisana nezimbongolo
KUSHONE owesilisa kwadubuleka ababili ngoLwesibili ngesikhathi kunombhikisho ngokugqoza kwamanzi eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Kakukaziwa ukuthi laba badutshulwe ngubani. Umphakathi wakule ndawo uthi usukhathele wukuphuza amanzi emaxhaphozini aphuza izimbongolo nezinkomo. Bekushubile umphakathi uvale amahhovisi kamasipala ngengidi, izisebenzi okubalwa kuzona nemeya, zehluleka wukungena ngoLwesibili kanti nayizolo ngoLwesithathu bekunzima.
Umphakathi uvale umgwaqo ngamatshe washisa amathayi, ubuza ukuthi kuthiwa mawuphuzeni kuphi kwazise kuthathwe namathangi obusuthembele kuwona njengoba amaloli athwala amanzi abefike awuchathekele kuwona. Ngokusho kwelinye ilunga lomphakathi - elingathandanga ukudalulwa igama lalo - lama thangi angama-20 abefakwe iwadi newadi eMsinga.
Kuthe ekuqaleni kwale nyanga alandwa kwathiwa athathwa wuMasipala wesiFunda uMzi- nyathi. “Kusale amathangi amabili nawo angenalo ngisho iconsi njengoba amaloli esengasafiki ukuzothela amanzi kuwona. Umphakathi waseMsinga njengoba ungaka nje, unganikezwa kanjani amathangi amanzi amabili?
"Ngeke size siyeke ukuvala imigwaqo kuze kube sinikwa amanzi. Izingane ziyagula kumanje ngenxa yokuphuza amanzi angcolile,” kusho leli lunga lomphakathi. IMeya yaseMsinga, uNkk Princess Ngcobo, ithe inkinga yamanzi eMsinga indala. Ithi abantu bese bewathunyelelwa ngamaloli amanzi kodwa uMasipala wase- Mzinyathi wawathatha.
“Ukusebenzisana okuhle kakukho phakathi kwethu noMzinyathi. Ngesikhathi befika bezofaka lawo mathangi, kabasitshelanga lutho noma sebewathatha kabazange basitshele lutho. Yithina esize saya kubona basitshela ukuthi bawaphindisele emuva enkampanini i-Aqua lapho bebewaqashe khona ngoba ingasekho imali yokuwarentela.
"Bathi ngamathangi angama-20 beberenta u-R8 million ngenyanga. Bewarentele izinyanga ezili18 ngaphambi kokuwabuyisela emuva. Ukube bebewathenga - noma ngabe kuthiwa lilinye belibiza u-R8 million - ngabe bathenga cishe abalelwa ema-20 hhayi ukurenta imali engaka. Sathi noma sibakhuza sithi kunganjani athengwe la mathangi kunokuba arentelwe, baqinisa amakhanda,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthi kabazange basebenze izolo njengoba bebevalelwe, into ayenzile wukuthi unikele khona kuMasipala waseMzinyathi eyobuza yona indaba yamanzi. "Ngesikhathi uMnu Mbangiseni Yengwa eseyimeya eMzinyathi, wayenza izindlela zokudonsa amanzi, eminye imiphakathi ibisi- watholile. Ushiye esikhundleni kunabantu abebengakawatholi. Kunokuba umasipala (uMzinyathi) uqhubeke nalolu hlelo, ugijimele ukurentela amathangi,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthi owesilisa oshonile ngowasesigodini emaRomeni kodwa ngeke adalule amagama akhe njengoba engakayi emndenini. Ibamba lemenenja kuMasipala waseMzinyathi, uMnu Sakhele Zulu, livumile ukuthi kumanje uMsinga unamathangi amabili amanzi. Lishone elayizolo lithe bazohlangana noMasipala waseMsinga babheke ukuthi bangasebenzisana kanjani nomasipala ngoba unawo amathangi kodwa ashoda ngemithombo yokukha amanzi.
UMnu Zulu uthi bethemba ukuthi umphakathi lizoshona elanamuhla unawo amanzi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi bali18 ababoshiwe ngombhikisho onodlame eMsinga. Uthi baboshelwe ukudala udlame emphakathini nokuzitapela ezitolo zosomabhizinisi bendawo.
Amaphoyisa asazothatha izitatimende kulaba ababili abadutshuliwe.