BAYIGXOBILE KUXOSHWA OZAKWABO
BABEKE phansi oshoki othisha baseMlazi Comtech High School eMlazi izolo ngoLwesithathu ngemuva kokuxoshwa kozakwabo abali-18 abaholelwa ngabazali ngenxa yezinkinga zemali ezikhungethe lesi sikole.
KUPHAZAMISEKE ukufunda izolo ngoLwesithathu eComtech High School eMlazi, eningizimu yeTheku emuva kokuba kuxoshwe othisha abali-18. Othisha bakulesi sikole babeke phansi oshoki ngemuva kokuba umhloli exoshe othisha abaholelwa ngabazali ngenxa yokungabikhona kwezimali kulesi sikole.
ILANGA lihambele kulesi sikole izolo ngoLwesithathu lafika abafundi begcwele igceke behla benyuka, bengafundi othisha beyigxoba esangweni, belibeka ngembaba elokuthi ngeke babuyele esikoleni umhloli engakafiki ukuzolungisa inkinga ayidalile.
UMnu Muzi Zulu, ongusihlalo weSouth African Democratic Teachers‚ Union (Sadtu) esiyingini iVictoria Mgxenge, uthi into eyenziwe ngumhloli exosha othisha abaningi kangaka ngesikhathi esisodwa, iphambene nomthetho, kabahambisani nayo ngoba ingaphazamisa abafundi.
“Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, labo thisha baxoshwe ngoMsombuluko belindele ukuthi bahole. Baxoshwe benganikiwe iholo labo. Batshelwe ukuthi isikole sibhekene nenkinga yezimali, kuzanywa ukwehlisa izindleko ngokuxoshwa kwabo,” kusho uMnu Zulu.
Uthi othisha batshelwe ngomlomo ukuthi sewuphelile umsebenzi, okuyinto athi kayilungile.
“Sithole ukuthi bafikele esikoleni ngoMsombuluko wabatshela ukuthi umsebenzi usuphelile bangabe besavuka ngakusasa ngoba isikole kasinayo imali yokubakhokhela.
Othisha banqume ukweseka ozakwabo abaxoshiwe futhi abangaholile ngokuthi babeke phansi oshoki kuze kulungiswe indaba yeholo labo lenyanga abayisebenzile,” kusho uMnu Zulu.
ILANGA lithole ukuthi ngonyaka ophelile kuhlakazwe isigungu sabazali ngoba kutholakale ukuthi iningi labantu abakusona kabanazo izingane ezifunda kulesi sikole, kumanje singaphansi komlawuli wabahloli abahlukene okuyibona abanqume ukuchitha labo thisha. Lesi sikole sesike saba sematheni ngezinkinga zezimali, sikweleta uMasipala weTheku ngogesi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthi bebengakezwa lutho ngalolu daba. Uthi bazoxhumana nabahloli bathole ukuthi kwenzenjani.
Sithole ukuthi bafikile esikoleni ngoMsombuluko wabatshela ukuthi umsebenzi usuphelile bangabe besavuka ngakusasa...