Akungacashwa ngesiko ukuqola abantu
AMASIKO njengoba kuyinto eyaqhamuka nathi bantu abamnyama, sibona ukuthi nawo ayachibiyeleka njengoba kwenzeka nasemthethwenisisekelo wezwe. Kuyaziwa ukuthi umthethosisekelo ufana nencwadi engcwele izwe okumele lilandele okubhalwe kuyona.
Indaba yowesilisa wakwaNdlela eGomane, eMpendle ILANGA elishicilele udaba lwakhe ngoMsombuluko ethi ufuna ilobolo lakhe ngoba intombi isimfakele incwadi yesivimbelo - ithi sekuphele iminyaka imalile, yena uthi bebenezinkinga abethi zizolungiswa, ubengayazi eyokuthi sekuhlukenwe. Kasisho ukuthi sidudula umkhankaso wokushintshwa kwamasiko kodwa sibona kubuhlungu ukuba kuthiwe izinkomo umuntu kakumele abuyiselwe zona bese kubalwa indaba yokuthi uselalile nowesifazane noma sebenezingane okanye ubengamthengi. Sibona ukuthi le nto izodala ukuba igqoze imishado kwande ukukipita ngoba abesilisa bazobona beqolwa kucashwe ngamasiko.
Kunzima ukusebenza ubeke imali yokulobola bese umuntu ekutshela ukuthi akasakuthandi uyise esegingile, bese kuthiwa ngeke ulithole ilobolo lakho, okungenani linda alotsholwe kwenye indawo bese zidluliswa-ke izinkomo zalowo mbhemu zinikwa wena. Sibona ukuthi kumele ibhekwe indaba yokuthi ngubani odale ukuba ubudlelwano bufike esiphethweni phakathi kwabathandanayo. Esikhathini esiphila kusona abantu sebelotsholiswa ngisho ngemali engaphezu kuka-R70 000, bese kuthi kungakacatshangwa ngisho nosuku lomgcagco intombi bese ishaya ichitha nomunye umbhemu ongakhiphanga ngisho utiki. Iqiniso nje akekho ongakujabulela lokho aze athi kulungile abasekhweni mabadle yena ebe ekhala.
Uma kungowesilisa osephutheni lokonakala kobudlelwano, siyavumelana nokuthi ilobolo lakhe malingabuyiselwa emuva kodwa uma kuphazame umlotsholwa, sicabanga ukuthi kumele libuyele ukugwema inzondo. Indaba yokuthi silokhu sivika ngesiko ngeke isisize ngoba abantu abaningi kabasayingeni kwakuyingena. Sinxusa nabazali bezingoduso nababayeni ukuba bangaqhubeli phambili izinkinga ezinganeni zabo ngokuphikisana ngokumele kwenzeke. Yize insizwa isuke ingayithengi intombi uma iyilobola - kusuke kuyindlela yokubonga nokwakha ubuhlobo. Isimo esiphila ngaphansi kwaso senza umuntu abone kudlalwa ngaye ukuthi angasebenza iminyaka efemini eqongelela imali yokulobola kodwa kuthi sekulotsholiwe, intombi bese ishintsha umqondo.
Izizwe zabeNguni - okufaka namaZulu - ziyaziwa ngokuthanda amasiko azo, okungelona icala. Inkinga kunamasiko abukeka ecindezela abathile. Kwakhona nje ukuthi kugcinwe impahla ekhishwe ngumuntu eningasahoshelani naye, sikubuka kuyinkinga ngoba phela nizokwakha indlu, bese ethi niyakhe ngemali yakhe, nithenge imoto athi yimali yakhe, nifundise izingane athi zifunde ngemali yakhe. Yonke into enizobe seniyenza ngemali yenu izohlale ilandelwa ngamazwi amumethe inzondo negqubu - okungagcina kuphazamisa nabantu abadala asebalala. Indaba yelobolo masiyiphathe ngendlela abasemandulo ababeyithatha ngayo, okuyindlela yokugqugquzela ubuhlobo, hhayi ukuba siyenze ibhizinisi.
Imali isetshenzelwa kanzima ngakho-ke sibona ukuthi ukuthathwa kwayo umnikazi wayo ekhala, kudala ubutha. Ayimbijana amasiko esingathi asahanjiswa njendlela ayehlelwe ngayo ngokhokho ngenxa yokuthi izikhathi ziyashintsha. Abaqambi bamasiko babenzela ukuba adale ubumbano nokuhloniphana phakathi kwabantu baleso naleso sizwe, hhayi ukuba agqugquzele ubutha. Uma-ke umuntu eselotsholiwe, wakhehlwa, wasuka lapho wayoqoma, leyo nto ngeke inambitheke kahle kumyeni wakhe. Uma ebuzwa ngemikhuba yakhe, bese ethi akasafuni ukuba sebudlelwaneni, kumele abazali bakhe bangabhaci ngesiko bese belokhu bephumputha becinga inalithi ebumnyameni. Sibona ukuthi ukugwema inzondo engaholela ekubeni lobu buhlotshana obebukhona, bungabe seboniwa yinto enhle ebizanywa ukwakhiwa.
Amasiko abeNguni mahle kodwa akhona okucacayo ukuthi sekunzima ukuwalandela. Siyazi ukuthi kuthiwa izinkomo zelobolo kazibuyeli kubo komyeni kodwa lokho kubukeka njengokuqothula indoda ephaketheni - ikakhulukazi etabalase kanzima izama ihlanganisa ukuze ilobole. Izokwenzenjani uma-ke isifuna ukulobola omunye umuntu engakalotsholwa lo ebimlobolile - ukuze izinkomo zombhemu zidlule ziye kuyena? Sikhule kuthiwa uma umuntu wesifazane ezama ukubeletha kungenzeki, bekuphuma isalukazi sishaye indlu yakwagogo bese ekhululeka lowo ozithwele. Abantu bebesoka ezintabeni njengoba amaXhosa esenza, manje sebesokwa ezibhedlela ukubavikela ukuba bangafi - okuyinto evamile e-Eastern Cape naseMpumalanga uma kuyisikhathi yokusoka.