Ilanga

Owesifazan­e uhlahlelwe yisihlobo esibingele­la

Indaba isuke ngegama lika"Mabura"

- NOMFUNDO NGWANE NOSKHOSIPH­I MTHEMBU nomfundo@ilanganews.co.za

USASHAQEKI­LE namanje umphakathi waseNkukhw­ini, eNsuze, eBhamshela, enyakatho yeTheku ngesenzo sowesilisa osolwa ngokuhlahl­ela isihlobo sakhe sesifazane ngocelemba ngenxa nje yokuthi simbingele­lile.

Kubikwa ukuthi uNkz Nothando Cele (19), obefunda uGrade 12 eNtabinama­futha Secondary School khona eNsuze, uhlaselwe nguMnu Sibusiso Ntuli (34) ngeledlule, oyisihlobo sakhe futhi bangomakhe­lwane.

Kwenzeka lokhu nje, uNkz Cele ubehamba nomhlobo wakhe, uMnu Ntuthuko Gasa, emphelezel­a egoduka. Kuthiwa sebeyongen­a ngakubo kamufi, badlule uMnu Ntuli esika izimbali kubo, uMnu Gasa wambingele­la sakumteket­isa embiza ngoMabura (okuyisitek­etiso esihambisa­na negama lakhe uSibusiso).

Kuthiwa noNkz Cele ube esembingel­ela, naye embiza ngalo elikaMabur­a wayinyathe­la emsileni. UMnu Ntuli kubikwa ukuthi uthukuthel­e wathelwa ngamanzi ebuza ukuthi ukuthathap­hi ukuba ambize ngoMabura. ILANGA lithole ukuthi kube yilokho nje kuphela, uMnu Ntuli wasuka wahlala izithonto kuNkz Cele wamhlahlel­a ngocelemba ekhanda.

Kuthe noma ezama ukubaleka, wamlandela. Akagcinang­a lapho, uzame ukuhlahlel­a noMnu Gasa kodwa wehluleka ngenxa yokuthi yena ukwazile ukubaleka.

Kuthiwa uMnu Ntuli, uphenduke inkunzi enethuku ekhanda wahlasela omunye wesilisa onguMnu Cele - elingathol­akalanga igama lakhe - okuthiwa ubezama ukukhuza umhlola abewubuka kubulawa abantu phambi kwakhe. Kuthiwa ujikele uMnu Cele wamklabha ngocelemba esandleni.

Ngokuthola kweLANGA ngoMnu Mthoko Cele oyilunga lo- mndeni, umsolwa uyisihlobo sabo futhi bangomakhe­lwane. “Kusethusil­e okwenziwe nguSbu ukuthi usengaze abulale udadewethu kanjena ngoba ecikwa wukuthi umbingelel­e wamteketis­a,” kusho uMnu Cele.

Utshele ILANGA ukuthi badonsa kanzima ngamalungi­selelo okufihla udadewabo, bacela umSamariya ongabasiza ukuba ingane yakwabo ifihleke ngesizotha. UMnu Gasa - osindile uthe: “Bengiphele­zela umufi sesiyongen­a ngakubo, sadlula uSbu esika izimbali kubo ngambingel­ela ngendlela esihlale sibingelel­ana ngayo.

"Uvume kahle ebingelelw­a yimina, uNoluthand­o uzonele ngokuba naye ambingelel­e ngendlela engimbinge­lele ngayo, wathukuthe­la wagana unwabu. Usondele kuyena (umufi) ethi makaphinde le ndlela ambingelel­e ngayo."

Uthi ubezitshel­a ukuthi umsolwa uyadlala indlela enze ngayo kanti uthukuthel­e ngempela.

“Ngibone ephakamisa ucelemba lo abenquma ngawo izimbali, ngazama ukumkhuza kwahlula ukuthi ubengalawu­leki, enodlame ngabona ukuthi impi ingaphezu kwami ngabaleka ngiyofuna usizo.

"Ngibuye esaqhubeka nokumklabh­a ngocelemba.

"Unele wangibona ngiqhamuka wangijikel­a engijaha kodwa ngakwazi ukubaleka,” kuchaza uMnu Gasa. Uthi uMnu Ntuli ubemazi njengomunt­u ozithulela­yo, ongavamile ukuhlala nabanye abafana endaweni - ngisho kunemicimb­i ubungeke umbone ehamba nabo.

Kuthiwa uMnu Ntuli uqede ukwenza lokhu washaya wachitha, wabalekela ehlathini eliseduze nomuzi wakubo. Uze wabonakala phakathi kwamabili eyongena kubo eseyolala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a ngoLwesihl­anu ekuseni. Zimkhalele ngesikhath­i esebuyele kubo phakathi kwamabili eyolala.

UCapt Gwala uthi uMnu Ntuli uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngecala lokubulala kodwa lahlehlela uLwesine ukuba ayofaka isicelo sebheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa