Owesifazane uhlahlelwe yisihlobo esibingelela
Indaba isuke ngegama lika"Mabura"
USASHAQEKILE namanje umphakathi waseNkukhwini, eNsuze, eBhamshela, enyakatho yeTheku ngesenzo sowesilisa osolwa ngokuhlahlela isihlobo sakhe sesifazane ngocelemba ngenxa nje yokuthi simbingelelile.
Kubikwa ukuthi uNkz Nothando Cele (19), obefunda uGrade 12 eNtabinamafutha Secondary School khona eNsuze, uhlaselwe nguMnu Sibusiso Ntuli (34) ngeledlule, oyisihlobo sakhe futhi bangomakhelwane.
Kwenzeka lokhu nje, uNkz Cele ubehamba nomhlobo wakhe, uMnu Ntuthuko Gasa, emphelezela egoduka. Kuthiwa sebeyongena ngakubo kamufi, badlule uMnu Ntuli esika izimbali kubo, uMnu Gasa wambingelela sakumteketisa embiza ngoMabura (okuyisiteketiso esihambisana negama lakhe uSibusiso).
Kuthiwa noNkz Cele ube esembingelela, naye embiza ngalo elikaMabura wayinyathela emsileni. UMnu Ntuli kubikwa ukuthi uthukuthele wathelwa ngamanzi ebuza ukuthi ukuthathaphi ukuba ambize ngoMabura. ILANGA lithole ukuthi kube yilokho nje kuphela, uMnu Ntuli wasuka wahlala izithonto kuNkz Cele wamhlahlela ngocelemba ekhanda.
Kuthe noma ezama ukubaleka, wamlandela. Akagcinanga lapho, uzame ukuhlahlela noMnu Gasa kodwa wehluleka ngenxa yokuthi yena ukwazile ukubaleka.
Kuthiwa uMnu Ntuli, uphenduke inkunzi enethuku ekhanda wahlasela omunye wesilisa onguMnu Cele - elingatholakalanga igama lakhe - okuthiwa ubezama ukukhuza umhlola abewubuka kubulawa abantu phambi kwakhe. Kuthiwa ujikele uMnu Cele wamklabha ngocelemba esandleni.
Ngokuthola kweLANGA ngoMnu Mthoko Cele oyilunga lo- mndeni, umsolwa uyisihlobo sabo futhi bangomakhelwane. “Kusethusile okwenziwe nguSbu ukuthi usengaze abulale udadewethu kanjena ngoba ecikwa wukuthi umbingelele wamteketisa,” kusho uMnu Cele.
Utshele ILANGA ukuthi badonsa kanzima ngamalungiselelo okufihla udadewabo, bacela umSamariya ongabasiza ukuba ingane yakwabo ifihleke ngesizotha. UMnu Gasa - osindile uthe: “Bengiphelezela umufi sesiyongena ngakubo, sadlula uSbu esika izimbali kubo ngambingelela ngendlela esihlale sibingelelana ngayo.
"Uvume kahle ebingelelwa yimina, uNoluthando uzonele ngokuba naye ambingelele ngendlela engimbingelele ngayo, wathukuthela wagana unwabu. Usondele kuyena (umufi) ethi makaphinde le ndlela ambingelele ngayo."
Uthi ubezitshela ukuthi umsolwa uyadlala indlela enze ngayo kanti uthukuthele ngempela.
“Ngibone ephakamisa ucelemba lo abenquma ngawo izimbali, ngazama ukumkhuza kwahlula ukuthi ubengalawuleki, enodlame ngabona ukuthi impi ingaphezu kwami ngabaleka ngiyofuna usizo.
"Ngibuye esaqhubeka nokumklabha ngocelemba.
"Unele wangibona ngiqhamuka wangijikela engijaha kodwa ngakwazi ukubaleka,” kuchaza uMnu Gasa. Uthi uMnu Ntuli ubemazi njengomuntu ozithulelayo, ongavamile ukuhlala nabanye abafana endaweni - ngisho kunemicimbi ubungeke umbone ehamba nabo.
Kuthiwa uMnu Ntuli uqede ukwenza lokhu washaya wachitha, wabalekela ehlathini eliseduze nomuzi wakubo. Uze wabonakala phakathi kwamabili eyongena kubo eseyolala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesihlanu ekuseni. Zimkhalele ngesikhathi esebuyele kubo phakathi kwamabili eyolala.
UCapt Gwala uthi uMnu Ntuli uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngecala lokubulala kodwa lahlehlela uLwesine ukuba ayofaka isicelo sebheyili.