BAFAKA UNSWINYO KURAMAPHOSA
ZIYAQINA izinsolo zokuthi ubuholi be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal busemkhankasweni wokunswinya iSekelamengameli le-ANC neNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, ukuba lilokhu lingena liphuma KwaZulu-Natal njengoba ngoZibandlela (December) kuzobe kukhethwa ubuholi obusha kuleli qembu.
Okuqinisa lezi zinsolo zonswinyo, wukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bubhale incwadi buyibhekise kwiNational Executive Committee (NEC) yaleli qembu bufuna kuphoqwe uMnu Ramaphosa ukuba afake isicelo kusenesikhathi ebuholini obuphezulu uma kukhona imicimbi afuna ukuyihambela kulesi sifundazwe.
Lokhu bathi bakwenzela ukuvimba uMnu Ramaphosa ukuthi angahambeli yonke imicimbi angagunyazizwe ukuyihambela.
Kuthiwa lokhu bakwenza bevumela uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma - oncintisana noMnu Ramaphosa kwesokungamela i-ANC - ukuba ahambe ngokukhululeka kulesi sifundazwe.
Iphephandaba lesiNgisi eliphuma kanye ngeSonto, iCity Press, liveze ukuthi uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Super Zuma, useyibhalile le ncwadi eyibhekise kunobhala-jikelele waleli qembu, uMnu Gwede Mantashe, ecela umhlangano noMnu Ramaphosa ukuze ezomchazela
kabanzi nge-nkulumo yakhe ayenze eNewcastle amasontweni edlule.
Le nkulumo edalele uMnu Ramaphosa amazinyo abushelelezi ebuholini beqembu lakhe kulesi sifundazwe, buthi uyenze emenywe yiSouth African Civic Organisation (Sanco) - okuyinhlangano yezakhamizi edlelana ne-ANC - okugcine ngokuthi igatsha le-ANC esifundeni saseMalahleni eNewcastle, limthwale ngeqoma kwesokungamela i-ANC.
Ukumvumela ukuba acanase kulesi sifundazwe kubikwa ukuthi kuvuse ingebhe yokuthi azokwanda amagatsha azogcina emeseka.
Okunye okuthiwa kucasule ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, wukubonakala kukaMnu Ramaphosa emhlanganweni webandla lamaNa-zaretha eGibisila eMpangeni, ngokusombuluka kwale nyanga enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ehamba noMnu Senzo Mchunu obengundunankulu waKwaZulu-Natal, osule nyakenye - kanti kuvele ukuthi uphoqiwe ukwesula, njengoba kwenzeke kuMnu Thabo Mbeki phambilini.
Ilunga lephalamende le-ANC - igama lalo eligodliwe ngoba lingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba - lithe ubuholi baleli qembu KwaZulu-Natal bunetwetwe lokuthi ukungena ephuma kukaMnu Ramaphosa esebenzisana noMnu Mchunu, kuzomenza awole inqwaba yabavoti njengoba bebaningi ngaphakathi kwi-ANC abakhombise ukungenami ngokukhishwa esikhundleni kukaMnu Mchunu.
“Ukumdedela abe luvanzi uMnu Ramaphosa kungabadlisela ogageni, ngakho-ke kayikho enye indlela abangenza ngayo ngaphandle kokumnswinya.
UNobhala weSanco KwaZuluNatal, uMnu Richard Mkhungo, uthi bameme uMnu Ramaphosa ngoba bezwile ukuthi uzobe ekhona kulesi sifundazwe, nempela wabahlonipha wafika. Uthi ukube ukukhononda kwe-ANC bekusemthethweni, bekufanele bamvimbe noDkt Dlamini-Zuma njengoba naye engena ephuma kulesi sifundazwe.
Ekhuluma eNquthu ngeledlue, uMnu Zuma uvumile ukuthi bambhalelile uMnu Mantashe incwadi futhi ukukhononda kwabo kusemthethweni.
“Inhloso kakukhona ukuvimba uMnu Ramaphosa ukuba akhankase kodwa kuwusiko lwe-ANC ukuthi uma kuza ubuholi obuphezulu esifundazweni bazise obesifundazwe ukuthi bumenyiwe endaweni ethile bese nathi siba khona.
"UMnu Ramaphosa usevele atheleke noma yinini futhi singaziswanga ukuthi uzoza ngapha,” kusho uMnu Zuma.
ILANGA lizamile ukuthola uMnu Zuma izolo ngeSonto kodwa ucingo lwabanjwa ngowesilisa othe usematasa njengoba uMenga-meli Jacob Zuma ebeseNquthu ukuyogaya ivoti njengoba kunokhe-tho lobuholi bukamasipala ngoLwesithathu.