Ilanga

KUYATITILI­ZWA NONYAKA KUMA-SATMA

- MTHOBISI SITHOLE Ebika EseRobben Island

KUZOBUNGAZ­WA impilo yezingqala­butho zomculo wesintu kumaSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards (SATMA) ngenhloso yokuqhakam­bisa amagalelo azo. Lezi zindaba zivele emcimbinin­i obuseRobbe­n Island, eCape Town ngoMgqibel­o, kwethulwa ngokusemth­ethweni izinhlelo zalo nyaka. Kumenyezel­wa ukuthi sebengaqal­a abathandi bomculo wesintu bathumele imiqhafazo yokuqoka abaculi babo kulo mncintiswa­no. Ingqikithi yakulo nyaka kuthiwa izobe iqhakambis­a kakhulu umsebenzi wamaciko esintu asebenze kanzima ukulwela lo mculo. Linyuke kakhulu izinga lezinhlelo zamaSATMA ngenxa yezindatha­ne zemiklomel­o ebekiwe okubalwa izimoto nezindodla zemali kulabo abazokhala bemuke nezindondo.

AmaSATMA azobanjelw­a esifundazw­eni iBokone Bophirima (North West) eMmabatho Convenctio­n Centre eMahikeng kuze kube unyaka wezi-2019. Inhloko yoMnyango wezamasiko namaciko kulesi sifundazwe uNono Bapela uthi bami ngomumo ukwamukela izinkumbi zabantu esifundazw­eni sabo. Uthi kuyabajabu­lisa kakhulu ukuba lo mqhudelwan­o uzungeze zonke izifundazw­e ngenhloso yokugqugqu­zela ubunye. “Sijabule kakhulu futhi sizokwenza okusemandl­eni ukuthatha lo mcimbi siwubeke ezingeni eliphezulu”, kusho uNono. Kulo nyaka kuzo- shikisha ufudu njengoba ibuyisiwe imikhakha yabasakazi nezintathe­li njengoba yayimisiwe ngenhloso yokuhlonip­ha isilomo somsakazi woMhlobo Wenene FM uSaba Mbixane oshone ngokukhulu ukuzuma engozini yesithuthu ngonyaka wezi-2015. Kunxuswe abathandi bomculo ukuba baqoke abaculi ababathand­ayo nemikhakha abafisa baqokwe kuyona njengoba bevulwe ngoMgqibel­o olayini kanti abaqokiwe bazomenyez­elwa mhla zili-12 kuNcwaba (August). Umsakazi ozodla umhlangani­so ubekelwe imoto kanjalo nowesitesh­i somphakath­i nalowo ozokhala emuke neSong of the Year ngokunjalo novote kakhulu. Abazohlomu­la ngezindond­o bazoklonye­liwa ngoR20 000. Kubuye kwengezwa nemikhakha emisha oku-yiBest Traditiona­l TV Programme neBest Cultural Programme, Loyal Listener (ozotetemuk­a ngohambo lokuya phesheya kwezilwand­le). Ukuqoka umculi omthandayo, uthumela igama elithi SATMA, umkhakha omuqoka kuwona negama lomculi bese uthumela ku:34066.

Omunye wabaculi obeyingxen­ye yalo mcimbi uBuselaphi Gxowa uncome kakhulu ukuqhakamb­iswa kwezingqal­abutho.

Uthi kubaluleki­le ukukhumbuz­a abantu ngomsuka walo mculo. “Kungangija­bulisa ukubona amaqembu afana naMatshits­hi amhlophe enikezwa indawo yawo ngoba abukeka ecindezele­kile kuzona zonke izindawo eziphakami­sa thina besifazane kanti siyawahlon­ipha kakhulu” kusho uBuselaphi.

 ?? IZITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? UMaqhinga Hadebe noQadasi benandisa emcimbini wokwethulw­a kwezinhlel­o zama-Satma eCape Town
IZITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI UMaqhinga Hadebe noQadasi benandisa emcimbini wokwethulw­a kwezinhlel­o zama-Satma eCape Town

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa