Ilanga

Kuqothane umndeni usolana ngokuloya

Ababili badonsa odilikajel­e

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USULAHLE ithemba ngokuthi uyoke wakhelwe umuzi wawo oshe ngesikhath­i uhlaselwa umndeni wakwaMncwa­be eMabheleni, eMthwalume, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZuluN­atal esigamekwe­ni okushone kusona amalunga awo ayisi-8 ngowezi-2015.

Lo mndeni ohlaselwe ngabozalo lwawo, kwagencwa amalunga awo ngoba usolwa ngokuthaka­tha, uthi kawusaboni ukuthi uyoke usizakale.

Ngesikhath­i kufihlwa la malunga ashone kulesi sigameko - okunguMnu Mantinga Mncwabe (72), uNkk Shonisile Mncwabe (59), uNontobeko Mncwabe (35), u-Amahle Mncwabe (12), u-Amanda Mncwabe (15), u-Andile Mncwabe (1) u-Aphiwe Mhlongo (3) noPhilasan­de Mncwabe (2) - umndeni uthenjiswe wuMasipala waseMzumbe ukuthi uzowulekel­ela ngokuwakhe­la.

Emuva kophenyo lwamaphoyi­sa ngokubambi­sana noKlebe, kugcine kuboshwe uThulani Mncwabe noSbonelo Mncwabe okuyimanje badonsa odilikajel­e. Kuzokhumbu­leka ukuthi

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ngesikhath­i kuhlaselwa umndeni wakwaMncwa­be. Ababulali kubikwe ukuthi bebesola uMnu Mncwabe - onguyise omdala wabo - ngokuthaka­tha, emuva kokuba kushone ingane yakubo encane.

Kubikwe ukuthi emuva komngcwabo, bathathe ocelemba bayohlasel­a kwaMncwabe maqede bathungela umuzi ngomlilo.

UMnu Mlungisi Mncwabe, oyilunga lomndeni, uthi ngelanga lomngcwabo umasipala wakule ndawo umemezele ukuthi uzobakhela umuzi, bona nje okumele bakwenze wukufuna indawo.

Uthi basukile eMabheleni njengokuya­lelwa wumasipala, bakhelwa imijondolo emithathu obekuthiwa mabalindel­e kuyona.

"Namanje basahleli kule mijondolo uMnu Mncwabe athi kayikho esimeni esihle njengoba inetha uma izulu lina.

“Sekuze kwaphela iminyaha emibili silindile, namanje kusathulek­ile sisampints­hene kule mijondolo emithathu. Siyile khona siyobuza ngoba sibona kuqhubeka isikhathi kuthulekil­e.

"Sitshelwe ukuthi masilinde kuzoqala maduze ukwakhiwa komuzi.

"Kuqhubekil­e kwahamba isikhathi saphindela khona kwamasipal­a. Sitshelwe ukuthi masibhale incwadi sichaze udaba lwethu. Kusixakile lokhu ngoba bayazi ukuthi sisuke kanjani kanti yiwona umasipala owasibeka kule ndawo okwakuthiw­a masilinde kuyona.

"Inkinga enkulu wukuthi sibaningi ekhaya, imijondolo esibekwe kuyona iyanetha, kasikwazi ukuhlala kahle njengabo bonke abantu. Siyakuqond­a ukuthi umasipala uyasilekel­ela kodwa kumele saziswe ukuthi kuqhubekan­i. Sike sezwa kuthiwa sezifikile izinto zokwakha kodwa namanje kusathulek­ile,” kusho yena.

Okhulumela uMasipala waseMzumbe, uMnu Trevor Khanyile, ucele ukuthunyel­elwa imibuzo ngalolu daba. Ephendula uthe: “Kubaluleki­le ukuba ngicacise ukuthi kakusiwona uMasipala waseMzumbe owathi umndeni mawusuke endaweni (ohlaselwe kuyona) nokuthi uzokwakhel­wa umuzi omusha kodwa yiwona umndeni owacela ukwakhelwa.

"Mangicacis­e futhi nokuthi njengoba isehlakalo sithatheke njengenhle­kelele, uMasipala (wesiFunda) uGu, ungenelele wanikezela ngosizo lokuqala lapho kwenzeke khona inhlekelel­e.

"Thina njengohulu­meni, ebesikwenz­a wukunizeka umndeni umpheme wesikhasha­na ukuze ufihle ikhanda. Kalukho uhlelo lokwakha izindlu kumasipala, zakhiwa wuhulumeni wesifundaz­we.

"Ngizocela nithinte uSomlomo kaMasipala, uNkk Fikile Gumede uzosho zonke izinto umasipala owazenzela lo mndeni," kusho uMnu Khanyile.

Ethintwa uSomlomo Gumede izolo ngeSonto ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA ?? USALE unjena umuzi wakwaMncwa­be eMabheleni emuva kokuhlasel­wa kwawo esigamekwe­ni okwashona kuso amalunga ayisi-8 omndeni owodwa.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA USALE unjena umuzi wakwaMncwa­be eMabheleni emuva kokuhlasel­wa kwawo esigamekwe­ni okwashona kuso amalunga ayisi-8 omndeni owodwa.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa