AMANAZARETHA KAWABAKHONZI ABANGASEKHO KODWA AYABAKHUMBULA
MHLELI: Ngithanda ukukhuluma ngokuvuka kwabafileyo nokukhunjulwa kwabo. Kukhona inkolelo yokuthi amaNazaretha akhonza amadlozi. Mangikucacise nje ukuthi kakuyona imfundiso kaShembe leyo futhi kwawona amaNazaretha kawawakhonzi amadlozi.
Abantu abakhonza amadlozi yizangoma kuphela. Nazo uma sezikhethe iNkosi ziyehlukana nobungoma. Ngiyengizwe abantu bethi uma uthi umuntu ongasekho uyidimoni kusho ukuthi wena ungelikhulu ngoba idimoni lizala idimoni.
Empeleni kuyenzeka ukuba umuntu ongasekho abe yidimoni, hhayi ngoba nawe ophilayo uyidimoni. Ake sibheke umuntu obengumbulali futhi ethakatha, lowo muntu engaba yidlozi elihle kanjani?
Umuntu ongenwe ngumuntu onjalo yena ubanjani? Iqiniso lithi bakhona abantu abangasekho abangamadimoni ngoba vele idimoni liwumoya kodwa liyakwazi ukungena kumuntu lisebenze ngaye. Lokho kakusho-ke ukuthi umuntu ongasekho useyidimoni. Umuntu wangempela akafi ngoba ungumoya ohlala emzimbeni wenyama. Uma esephuma emzimbeni, umzimba uyashintsha ube yisidumbu ngoba umuntu obehleli kuwona akasekho. UPaul uyibeka kahle le nto.
2 AbaseKorinte 5:1; “Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinaso isakhiwo esivela kuNkulunkulu indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade.” Lapha uPaul ukhuluma ngemizimba yethu yalapha emhlabeni ukuthi uma isidilika kodwa sinayo engasayobhidlika, yasezulwini.
Uma amakholwa efuna ukuphikisana ngokubaluleka kokukhumbula abangasekho, avame ukucaphuna uMshumayeli ukuzeseka. Ngizoqala ngokuthi kufanele sazi ukuthi umbhali wale ncwadi wayekusiphi isimo. Ngisho ngoba into eningi ayibhalile kayilona iqiniso, uthi akusekho ukukhunjulwa kwabangasekho, sonke siyazi ukuthi kakunjalo.
Ziningi izibonelo zalokho. Kukhona isikole le ngakithi kwesakwaMthethwa esiqanjwe ngenkosi yakhona kwaMthe- thwa uMbude. Pho kungashiwo kanjani ukuthi kakukho ukukhunjulwa kwabangasekho? Ngizocaphuna incwadi yoMshumayeli 9:6;
“Uthando lwabo nokuzonda kwabo nomhawu wabo sekuphelile futhi kabasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa ngaphansi kwelanga.” Ngizoyibeka kanje le ndaba, lapha incwadi iqondise kumuntu obekuthi uma ekhona naye abe nepuleti lakhe. Uma benginobaba ebengimtshela konke okungixakayo, yena akulungise lokho, uma engasekho kangikwazi ukubuye ngikwenze lokho ngoba akasaphili enyameni.
Yileso sabelo-ke incwadi yoMshumayeli ekuchazayo. Ngokunjalo uma besiphaka izitsha ezine, sesizophaka izitsha ezintathu. Kukhona nokudideka kubantu ngokuthi uma sihlaba, laba esibakhumbulayo bona badla kanjani?
Ukuphendula lowo mbuzo ngizoqala ngicaphune encwadini 1 AbaseKorinte 15:42-46 kodwa ngizothatha ivesi lama42 nelama-46.
“Kunjalo nokuvuka kwabafileyo, kutshalwa kunokubola, kuvuswa kunge-
nakubola kepha okokuqala kakusikho okomoya kodwa ngokwemvelo, bese kuba ngokomoya.” Le ncwadi ikubeka obala ukuthi umuntu uma engcwatshwa umzimba wakhe uyabola kodwa avuke engesanakubola ngokomzimba kamoya, okuyiwona ongumuntu wangempela.
Umuntu unomehluko uma eqhathaniswa nesilwane. Isilwane sinomzimba nomphefumulo, kanti umuntu unomzimba, umoya nomphefumulo okwenza ukuba uma kufa umzimba umoya uvuke uphile ungesayophinde ukwembathe okufayo.
Isilwane sifa ingunaphakade. Thina ke esiphila enyameni sihlaba isilwane lapha enyameni, abangasekho badle emoyeni umphefumulo waso.
Lapha bengicacisa mayelana nombuzo abaye besibuze wona uma sihlaba. Ukuvuka kwabafileyo kuyinto ekhona. Lokho kufakazelwa nayiyona iNkosi uJesu uma iphendula abaFarisi ngabantu abangasekho, Mathewu 22:32.
“Mina nginguNkulunkulu ka-Abraham noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe.” Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa ngowabaphilayo. Iyona-ke lemfundiso asifundise yona uShembe. Izimfundiso zikaShembe kazehlukile neze kulezo ezeNkosi Jesu. Yingakho nje uShembe ekugcizelela ukuthi lo moya owawukwa-Israel yiwo lo olapha eKuphakameni.
Umuntu uma engenwe wumoya wobudlozi ungeniswa emanzini ayohlanjululwa ukuze agezeke ngokukaNkulunkulu. Ukhona-ke uMfu uNtombela ojutshelwe ukwenza lowo msebenzi lapha eBuhleni.
Kangifuni-ke bese nithi ngithe bangcolile labo abangenwe yilowo moya wabadala. Masikhumbule kodwa ukuthi uma ungenwa yilowo moya wabadala basuke befuna ubasebenzele lokhu ababekwenza besaphila, abanye bashona besebumnyameni. Manje-ke labo bantu bayadinga ukugezwa uma bengena kumuntu ophila enyameni. Isihlabelelo 228 (samaNazaretha) sithi:
“Ngikhumbule izihlobo nabazali bami. Bahambile ngale ndlela eshona ekufeni “. Uthi uShembe bakhumbule wena Nkosi badlulile besebumnya- meni. Yileso sizathu singabakhonzi abantu abangasekho, kodwa sibakhumbula ngaso sonke isikhathi ngokubanikelela, nabahamba bengezwani sibacelela intethelelo kuShembe ngoba nguyena oxhumanisa abaphilayo nabangasekho.
Ngithe mangithinte lesi sihloko ngoba kuningi ukushayisana ngokuvuka nokukhunjulwa kwabangasekho.
Lapha bengithinta nje incazelo yinde kakhulu.
IBhayibheli lithi uma sithi ukuvuka kwabafileyo kakukho, kusho ukuthi naye uJesu akavukanga. Sengiphetha nje Mhleli, ngizocaphuna incwadi 1 AbaseKorinte 15:40;
“Ikhona imizimba yasemhlabeni nemizimba yasezulwini”. Lokho okuchaza ukuthi uma siphila emhlabeni, siphila emzimbeni wenyama kodwa uma singasekho siphila emzimbeni wasemoyeni osekungokwaphakade. Makabongwe uJehova Amen