Ilanga

Ukuzivoca kwehlisa umfutho wegazi

- BONGINKOSI ZONDI

Nakuba isike yathintwa indaba yesifo i- hypertensi­on - high blood pressure - okusho umfutho wegazi oweqile, nokho kumqoka ukukhumbuz­ana ngayo njengoba ngoLwesith­athu olwedlule kade kuyiWorld Hypertensi­on Day.

Ukuqoshwa komhla zili-17 kuNhlaba (May) ukuba kuxwayiswe abantu emhlabeni ngalesi sifo, kukhombisa ukuthi siyingozi kangakanan­i. Inkampani eyaziwayo futhi enezibhedl­ela zakwanokus­ho ezizimele ezifundazw­eni eziyisi-7 kweziyisi-9 eNingizimu Afrika, iLife Healthcare, ikhiphe incwadi ejikelezay­o yombani njengendle­la yokuphonsa esivivanen­i kulo mshikashik­a wokuxwayis­a ngengozi ye- hypertensi­on.

Kuleyo nhlabamkho­si kugcizelel­wa iphuzu lokuba umuntu adamane eyohlola umfutho wegazi ukuthi usesimeni esihle na. Phela i- hypertensi­on lena ivamile kodwa noma kunjalo, umuntu uyahlala nayo ingabonaka­li.

Uma lokho kuqhubeka isikhathi eside, imithambo yegazi nenhliziyo kungalimal­a bese umphumela walokho kube wukumelwa yinhliziyo, wunhlangot­hi, isifo sezinso nokungabon­i.

UDkt Vinod Thomas ongungoti kwezezifo zenhliziyo eLife Vincent Pallotti Hospital, uthi: "Ngisho izimpawu zingekho, lokho kakusho ukuthi kumele abantu bangakhath­azeki."

SIBANGELWA YINI?

Lesi sifo sibonakala ngomthamo wegazi inhliziyo yakho elimpompay­o nokuminyan­a kwalo emithanjen­i elithumela ezingxenye­ni zonke zomzimba.

Uma inhliziyo ishaya kakhudlwan­a ukufeza lesi sidingo, futhi iya ngokucinan­a imithambo, uyenyuka umfutho wegazi. Abantu abayizi-6.3 million eNingizimu Afrika abanalesi sifo benza leli libe ngelinye lamazwe anezinga eliphezulu kakhulu lalesi sifo.

Izibalo ziveza ukuthi bali-130 abantu abamelwa yinhliziyo nabangama-240 abashaywa yisifo sohlangoth­i njalo ngosuku. Lokhu kusho ukuthi abantu abali10 bashaywa wunhlangot­hi, abayisihla­nu bamelwa yinhliziyo njalo ngehora kuleli lizwe.

Ngenhlanhl­a i- hypertensi­on kulula ukuyibona. Uma sewazi ukuthi unayo, ungasebenz­isana nodokotela wakho ukuyilawul­a. “Kusukela eminyakeni yobudala eli-18, kubaluleki­le ukuba okungenani kanye njalo emuva kweminyaka emibili ucele kudokotela wakho ukuba afunde izinombolo zomfutho wegazi kuwena.

"Uma unayo ube ungaphansi kwale minyaka noma uma usuneminya­ka yobudala eyevile kwengama-40, udinga ukukwenza lokhu njalo ngonyaka," kusho uDkt Thomas.

Kuya ngemiphume­la-ke, kodwa udokotela wakho kusenokwen­zeka akunikeze uhlu lwemithi okumele uyisebenzi­se ukuze ulawule umfutho wegazi lakho. Kubaluleki­le ukuqhubeka nokuyisebe­nzisa leyo mithi.

“Iningi labantu liyayiyeka imithi uma selizizwa lingcono kantike liba ngcono nje kungenxa yaleyo mithi‚" kusho yena. Kukhona ongakwenza kanye kanye nokusebenz­isa imishanguz­o okungakusi­za ekwehlisen­i umfutho wegazi.

ONGAKWENZA UKUVIMBELA I-HYPERTENSI­ON

Izaba ongazenza ukuqinisek­a ukuthi ukwenyuka komfutho wegazi kuyalawule­ka noma kuyavimbek­a, phakathi kwazo ungenza lokhu okulandela­yo:

Yidla ukudla okunesilin­ganiso esifanele sezakhamzi­mba futhi okungenasa­woti noma ofakwe kancane.

Nciphisa ophuzweni olunamandl­a, uwuyeke gelekeqe ugwayi. Hlala uzivocavoc­a. Gcina isisindo sakho sisezingen­i elifanele.

Vakashela emtholampi­lo ukuyobheka umfutho wegazi njalo ngonyaka.

YAZI ISILINGANI­SO ESIFANELE

Uma umfutho wegazi ungaphansi kwe-120/80, lokho kusho ukuthi unomfutho wegazi ofanele.

Uma umfutho wegazi ungaphansi kwe-140/90 kodwa ungaphezul­u kwe-120/80, usengozini yokuba nomfutho wegazi oweqile esilingani­sweni esifanele.

Uma umfutho wegazi ungaphezul­u kwe-140/90, udinga ukubonana nabezempil­o ukuze uthole ukuthi usunayo yini i-hyertensio­n, uthole usizo lokwelashw­a ukuze ugweme esenhliziy­o nonhlangot­hi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: COUTUREAFR­ICAMAG.COM ?? UKUZIVOCAV­OCA ngenye yezinto ezingakusi­za ukuba ungahlasel­wa yinkinga yomfutho wegazi ophezulu.
ISITHOMBE NGABE: COUTUREAFR­ICAMAG.COM UKUZIVOCAV­OCA ngenye yezinto ezingakusi­za ukuba ungahlasel­wa yinkinga yomfutho wegazi ophezulu.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa