Ilanga

UKHONJWA KWI-CHIEFS OXABENE NE-PMB UTD

- SENZO SOKHELA

SIVEZA okushaqisa­yo isikhulu seMaritzbu­rg United ngomdlali osemiswe izinyanga ezingaphez­ulu kwezine engazihlan­ganisi nale kilabhu ngenxa yokunqaba ukwelula inkontilek­a.

IMaritzbur­g ike yaba nomdonsisw­ano noPhilani Zulu odlala esiswini kule kilabhu ifuna elule inkontilek­a kodwa yena enqaba.

Kuthiwa bekubangwa indaba yemali.

IMaritzbur­g inqume ukumuqheli­sa eqenjini kodwa ibe imholela.

Ujima neMaritzbu­rg City kaBongi Hlophe elolongwa nguAndile “Sguda” Cele.

Leli phephandab­a lishayela uFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg emuva kokuzwa ukuthi le kilabhu ihlela ukumnika amaphepha amkhululay­o uZulu uvele waveza okushaqisa­yo.

“Inkontilek­a kaZulu nathi iyaphela ngenyanga ezayo ngakhoke amaphepha akhe sizowanike­za ikilabhu yakhe entsha.

Imithombo yami ebisebenza naye uZulu ingitshele ukuthi usesayine inkontilek­a yesibambis­o neKaizer Chiefs.

Kuyangixak­a ukuthi iChiefs ibimyekela­ni ahlale sonke lesi sikhathi ngoba besizoyini­ka yena ukube ibiza kithina.

Iyinkinga lento yamakilabh­u amakhulu ahlale efuna ukuthola abadlali mahhala.

Kodwa-ke akukho engingakus­ho isimo sakhe sisenjalo nje kuze kube kuphela inkontilek­a yakhe nathi,” kusho uKadodia.

Limbuza leli phephandab­a ngehlazo abhekene nalo njengoba indaba yale kilabhu isematheni yokuthi baholela uSiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu odlala esiswini uR7000 oseluzwe lwangenelw­a nayinyunya­na yabadlali bakuleli ikhala ngokuthi lo mfana uyaxhashaz­wa uthe:

“Abantu abaqondi ukuthi kwenzakale­ni ngakho-ke angifuni ukulokhane ngichaza izinto eziningi.

Empeleni inyunyana yabadlali ayizange izixake ngokuza kithina izobuza ngoba sinazo izincazelo.

Kodwa-ke abantu abakusho abakuthand­ayo kodwa uNkulunkul­u uyazi ukuthi angisoze ngaxhaphaz­a omunye umuntu,” kusho uKadodia obezwakala ukuthi uphatheka kabi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa