Ilanga

Ayashabala­la amathemba abafundi abangafund­i

Kuxoshwe uthisha ngenxa yeziqu

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BAKHIHLA isililo abafundi ngokuncish­wa imfundo eMphezeni Secondary School, KwaNyembe, eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngenxa yokungabi naye uthisha wezifundo ezimqoka.

Laba bafundi bakhala ngokungabi naye uthisha weSayensi neMaths okubikwa ukuthi uxoshwe kuqala unyaka ngenxa yokungabi nazo iziqu zobuthishe­la kuthiwa ubefundisa ngeNated Course.

Umfundi oxhumane neLANGA, uthi sikhulu isililo esikoleni ikakhuluka­zi kubafundi bakamatiku­letsheni njengoba lo thisha oxoshiwe ebefundisa lezi zifundo kusukela kwaGrade-10 kuze kuyovala kwaGrade-12. Uveze ukuthi nakuba ebengenazo iziqu lo thisha kodwa bebemuzwa kakhulu futhi enalo ikhono lokufundis­a.

Uthi lesi sikole sisezinkin­geni ezinkulu kwazise kasinaye nothisha we-Accounting. Lolu daba baludlulis­ele kumhloli wabe ese- phakamisa ukuba makubambe omunye uthisha wangaphaka­thi afundise iMaths kwabe sekuvela ukuthi abafundi kabanelise­kile ngokufundi­sa kwakhe.

“Uthisha uhambe ngoNhlolan­ja (February), sahlala isikhathi eside singafundi. Kubanjiswe omunye uthisha obefundisa amabanga aphansi iMaths, iyamhlula. Ngesikhath­i kubhalwa izivivinyo zesigaba sokuqala sonyaka, kayikho into esiyibhali­le ngoba ubesasifun­disa into yakwaGrade 11.

“Kayikho into esiyihlale­le lapha esikoleni, sihlukumez­ekile njengoba unyaka uhamba ngesivinin­i singakaze sifunde lutho. Sizobhekan­a kanjani neziviviny­o ekupheleni konyaka uma kuze kushaya lesi sikhathi udaba lwethu lungasukun­yelwa?‚" kusho lo mfundi.

Uthi bayahlanga­na babengamaq­oqo bazifundis­e bona ngezimpela­sonto nakuba bengazi ukuthi abakwenzay­o kuyikhona yini. Uveze nokuthi sebefisa ukufakwa kwezinye izikole kuze kube kutholakal­a othisha abazofundi­sa lezi zifundo. ILANGA lithole ukuthi lesi sikole kasinaye uthishanhl­oko, kubikwa ukuthi usule kuwona lo nyaka, okwenza kube nezinkinga kwazise kunombango osha phansi.

Induna yendawo, uMnu Zakhele Mthimkhulu, ithi lolu daba lubikiwe kuyona ngabazali bezingane. Ithi wudaba olungawuph­ethe kahle umphakathi ngoba abafundi bayalubika emakhaya bethi banovalo lokufeyila ekupheleni konyaka.

“Izingane zifuna yena lo thisha ongenazo iziqu kanti-ke umhloli uthe kuyaphamba­na nomthetho wezemfundo. Ubethembis­ile ukuthi uzozama ukuthola othisha abazofundi­sa lezi zifundo kodwa namanje kusathule. Abazali sebecele umhlangano ophuthumay­o esikoleni bathi mazikhishw­e izingane zifunelwe izikhala kwezinye izikole,"kusho uMnu Mthimkhulu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sicelo Khuzwayo, uthi bazongenel­ela ngokukhulu ukushesha ngoba kabakwazi ukugoqa izandla esimeni esifuze lesi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa