UPHINDE WABADIDA U-CASTER SEMENYA
UQHUBEKILE nokudlisa izimbangi ngamapayipi uCaster Semenya edla ubhedu emlenzeni wesithathu kweli-14 yeDiamond League ngoMgqibelo ebusuku e-Eugene, e-United States of America (USA).
UCaster ungomunye wabasubathi abathwelwe ngeqoma yiNingizimu Afrika ukwenza kahle kwi-International Association of Athletics Federation (IAAF) World Championships ngoNcwaba (August) eLondon. Kuzokhumbuleka ukuthi uCaster utholele elakuleli igolide kuma-Olympic eBrazil. E-USA unqobe egijima nazo zombili izimbangi zakhe azikhipha inkani eBrazil, uMa- rgaret Wambui waseKenya noFrancine Niyonsaba waseBurundi abangene endaweni yesibili nakweyesithathu ngokwahlukana. UCaster ushaye intambo ngesikhathi esingu-1:57:78 eshiya ngemizuzwana eli-10 uMargaret.
Kusenjalo, abeComrades Marathon Association (CMA) bacela abasubathi ukuba basebenzise amathoyilethi azokube ebekwe lapho kusukela khona umjaho nasemzileni, bangangcolisi yonke indawo. Lo mjaho uzokuba ngeSonto kusuka ngo-05h30 eThekwini kuphikelelwe eMgungundlovu. Abagijimi banxuswa ukuba bangazikhululi noma yikuphi kwazise sekube nezikhalo eziningi eziphuma kwabakhuculula emuva komjaho.