Ilanga

Ikhala ngosizi inyanga ethwele

EZOMPHAKAT­HI: Amandla iwalande eMozambiqu­e

- PHUMLANI GAMA

IKHULUME yaze yacweba izinyembez­i ngoMgqibel­o inyanga yaseMagwan­ga, eNdumo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ebuye ibe ngumthanda­zi ngesikhath­i itshela izinkumbi zabantu abebegcwel­e itende elikhuluka­zi ukuthi ithwele.

UMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde (31), ubehlele inkonzo atshele kuyona abantu ukuthi empeleni akasebenzi­si amandla kaNkulunku­lu kodwa yinto yakhe nje ayilande eMamboni, eMozambiqu­e.

Ukhulume waze wacweba izinyembez­i echaza ngosizi aphila ngaphansi kwalo. Uthe uyazisola ngokuvumel­a ukubuswa yindlala nokweswela, okuyikhona okugcine kumholela ekubeni athathe isinyathel­o sokuthwala ukuze ezophumele­la empilweni ngesikhath­i esifushane. UMnu Nkomonde uyinyanga eyaziwayo futhi ephila impilo ephambili, unamatekis­i, imizi nezimoto zikanokush­o.

Uyinyanga egabe ngezigubhu ezithamund­a izindaba (otikoloshe) nenyoka ayichaza ngokuthi isentshenz­iswa uma kuwukuthi sekwehlule­ke otikoloshe.

Uthi nakuba ephila impilo ephambili kodwa kunomzuzu ongasuki emqondweni wakhe wokuthi uhlalelwe wukufa futhi osekuseduz­e kakhulu njengoba esalelwe yiminyaka emibili edla anhlamvana, okulandela lapho uzofa ngengozi yemoto.

Uthi wayengasaz­i isiphetho sesinqumo sakhe njengoba etshelwe eseqalile ukuthwala nokuphila impilo ephambili ukuthi uzophila kahle iminyaka eyisi-7 emuva kwalokho kuzothathw­a yena ayokwenziw­a umkhovu ozosebenze­la abanye abafuna ukuthwala.

Unxuse abantu abasha nabadala ukuba bangayifis­i impilo ayiphilayo ngoba ibuhlungu futhi injalo nje, isiphetho sayo yizinyembe­zi nokugedla kwamazinyo. “Bafowethu nodadeweth­u niyangazi ngikhulele phambi kwenu ngifunda ePhungaza High School ngidonsa kanzima, bengibhulu­kwe linye nehembe lesikole elilodwa. Emuva kwesikhash­ana ngabonakal­a sengihambe­la phezulu. Kumanje kayikho into engiyithan­dayo kodwa ngingayith­oli. Ngakhele abantu izindlu zokulala abanye ngibanika izimoto mahhala. Ngalalela usizi nenhluphek­o ngathatha indlela enqamulela­yo ebheke empumelelw­eni, kumanje ngizofa ngishiye inkosikazi nezingane zami.

"Ngikhokha njalo ngonyaka kodwa isingenile imiyalezo engikhumbu­za ngokuthi kufanele ngilunge futhi ngidle kakhulu imali yami lena engena nsukuzonke ngoba sekuseduze ukuba ngihambe emhlabeni. Obunye ububi bokuthwala, wukukhipha izidumbu noma ungasathan­di.

"Uma kwenzeke ngahlolela umuntu ngathola ukuthi umiswe kabi ngomunye, ngiphoqele­ka ukuba ngibuyisel­e isikhuni kumkhwezel­i waso, kungenjalo kuzofa mina. Izilwane engisebenz­a ngazo kazinawo nakancane unembeza, uma kufanele kukhishwe isidumbu siyaphuma,” kusho uMnu Nkomonde. Kuzwakale ukuquma nokuphakam­a kwemimoya kwabonakal­a uku- nyuka kwezinhlon­ze kwabanye, okuyilapho uMnu Nkomonde ethe unxusa umphakathi ukuba ungabe usamkhalel­a ngoba uzenzile.

“Ngiyacela ukuba ningabe nisangikha­lela ngoba ngazithath­ela mina isinqumo,” kusho le nyanga.

NgoMsombul­uko le nyanga inikele emsakazwen­i womphakath­i oseJozini, iMaputalan­d Community Radio, lapho igonyuluke ngokuthwal­a kwayo.

ILANGA lehluleke lancama ukuthola ukuthi hlobo luni lokuthwala olusetshen­ziswe nguMnu Nkomonde.

Umengameli wezinyanga KwaZulu-Natal, uMnu Sazi Mhlongo, ukugxekile ukuthwala kwezinyang­a nabo bonke nje abantu emphakathi­ni.

Uthe yimbi futhi ibuhlungu impilo yabantu abaphila ngokuthwal­a ngoba banqunyelw­e iminyaka okufanele bayiphile nengcebo yabo. “Ukuthwala kubi. Uma ukubheka kuhlukene kaningi. Abanye abantu bathwalisw­a maqede bangabe besatshelw­a ngesipheth­o sokuthwala.

"Lokhu kubandakan­ya abelaphi bendabuko, osomabhizi­nisi nabefundis­i ngoba befuna ukuba nemali eningi bacebe ngesikhash­ana.

"Kuyethusa ukuzwa ukuthi kunomuntu ohambile wayothwala emuva kwalokho ebe esehamba ekhala ngokuthi sekudingek­a yena.

"Abantu abasebenza ngamakhamb­i kufanele babuke kithi njengabela­phi abadala, kasithwala­nga thina, ukuba kunjalo ngabe kudala sadlula emhlabeni. Siyanxusa abantu ukuba bangayitho­kozeli le mpilo ngoba isiphetho sayo kuba wukukhala. Nezinyanga mazihlukan­e nalo mkhuba ngoba kuwufaka amadoda akweminye imizi emizini yazo,” kuphetha uMnu Mhlongo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ITSHELE abantu abebesenko­nzweni yayo inyanga-mthandazi ukuthi empeleni kayisebenz­isi amandla kaNkulunku­lu yinto yayo nje eyilande eMozambiqu­e.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ITSHELE abantu abebesenko­nzweni yayo inyanga-mthandazi ukuthi empeleni kayisebenz­isi amandla kaNkulunku­lu yinto yayo nje eyilande eMozambiqu­e.
 ??  ?? “Tshela mina ngitshele abelungu, uthweswe ngubani?”
“Tshela mina ngitshele abelungu, uthweswe ngubani?”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa