Ikhala ngosizi inyanga ethwele
EZOMPHAKATHI: Amandla iwalande eMozambique
IKHULUME yaze yacweba izinyembezi ngoMgqibelo inyanga yaseMagwanga, eNdumo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ebuye ibe ngumthandazi ngesikhathi itshela izinkumbi zabantu abebegcwele itende elikhulukazi ukuthi ithwele.
UMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde (31), ubehlele inkonzo atshele kuyona abantu ukuthi empeleni akasebenzisi amandla kaNkulunkulu kodwa yinto yakhe nje ayilande eMamboni, eMozambique.
Ukhulume waze wacweba izinyembezi echaza ngosizi aphila ngaphansi kwalo. Uthe uyazisola ngokuvumela ukubuswa yindlala nokweswela, okuyikhona okugcine kumholela ekubeni athathe isinyathelo sokuthwala ukuze ezophumelela empilweni ngesikhathi esifushane. UMnu Nkomonde uyinyanga eyaziwayo futhi ephila impilo ephambili, unamatekisi, imizi nezimoto zikanokusho.
Uyinyanga egabe ngezigubhu ezithamunda izindaba (otikoloshe) nenyoka ayichaza ngokuthi isentshenziswa uma kuwukuthi sekwehluleke otikoloshe.
Uthi nakuba ephila impilo ephambili kodwa kunomzuzu ongasuki emqondweni wakhe wokuthi uhlalelwe wukufa futhi osekuseduze kakhulu njengoba esalelwe yiminyaka emibili edla anhlamvana, okulandela lapho uzofa ngengozi yemoto.
Uthi wayengasazi isiphetho sesinqumo sakhe njengoba etshelwe eseqalile ukuthwala nokuphila impilo ephambili ukuthi uzophila kahle iminyaka eyisi-7 emuva kwalokho kuzothathwa yena ayokwenziwa umkhovu ozosebenzela abanye abafuna ukuthwala.
Unxuse abantu abasha nabadala ukuba bangayifisi impilo ayiphilayo ngoba ibuhlungu futhi injalo nje, isiphetho sayo yizinyembezi nokugedla kwamazinyo. “Bafowethu nodadewethu niyangazi ngikhulele phambi kwenu ngifunda ePhungaza High School ngidonsa kanzima, bengibhulukwe linye nehembe lesikole elilodwa. Emuva kwesikhashana ngabonakala sengihambela phezulu. Kumanje kayikho into engiyithandayo kodwa ngingayitholi. Ngakhele abantu izindlu zokulala abanye ngibanika izimoto mahhala. Ngalalela usizi nenhlupheko ngathatha indlela enqamulelayo ebheke empumelelweni, kumanje ngizofa ngishiye inkosikazi nezingane zami.
"Ngikhokha njalo ngonyaka kodwa isingenile imiyalezo engikhumbuza ngokuthi kufanele ngilunge futhi ngidle kakhulu imali yami lena engena nsukuzonke ngoba sekuseduze ukuba ngihambe emhlabeni. Obunye ububi bokuthwala, wukukhipha izidumbu noma ungasathandi.
"Uma kwenzeke ngahlolela umuntu ngathola ukuthi umiswe kabi ngomunye, ngiphoqeleka ukuba ngibuyisele isikhuni kumkhwezeli waso, kungenjalo kuzofa mina. Izilwane engisebenza ngazo kazinawo nakancane unembeza, uma kufanele kukhishwe isidumbu siyaphuma,” kusho uMnu Nkomonde. Kuzwakale ukuquma nokuphakama kwemimoya kwabonakala uku- nyuka kwezinhlonze kwabanye, okuyilapho uMnu Nkomonde ethe unxusa umphakathi ukuba ungabe usamkhalela ngoba uzenzile.
“Ngiyacela ukuba ningabe nisangikhalela ngoba ngazithathela mina isinqumo,” kusho le nyanga.
NgoMsombuluko le nyanga inikele emsakazweni womphakathi oseJozini, iMaputaland Community Radio, lapho igonyuluke ngokuthwala kwayo.
ILANGA lehluleke lancama ukuthola ukuthi hlobo luni lokuthwala olusetshenziswe nguMnu Nkomonde.
Umengameli wezinyanga KwaZulu-Natal, uMnu Sazi Mhlongo, ukugxekile ukuthwala kwezinyanga nabo bonke nje abantu emphakathini.
Uthe yimbi futhi ibuhlungu impilo yabantu abaphila ngokuthwala ngoba banqunyelwe iminyaka okufanele bayiphile nengcebo yabo. “Ukuthwala kubi. Uma ukubheka kuhlukene kaningi. Abanye abantu bathwaliswa maqede bangabe besatshelwa ngesiphetho sokuthwala.
"Lokhu kubandakanya abelaphi bendabuko, osomabhizinisi nabefundisi ngoba befuna ukuba nemali eningi bacebe ngesikhashana.
"Kuyethusa ukuzwa ukuthi kunomuntu ohambile wayothwala emuva kwalokho ebe esehamba ekhala ngokuthi sekudingeka yena.
"Abantu abasebenza ngamakhambi kufanele babuke kithi njengabelaphi abadala, kasithwalanga thina, ukuba kunjalo ngabe kudala sadlula emhlabeni. Siyanxusa abantu ukuba bangayithokozeli le mpilo ngoba isiphetho sayo kuba wukukhala. Nezinyanga mazihlukane nalo mkhuba ngoba kuwufaka amadoda akweminye imizi emizini yazo,” kuphetha uMnu Mhlongo.