Ilanga

Ubunzima ngomakhelw­ane belanga

- SAZI KASIPHO MAJOLA Imithombo ne-gate: Astronomym­agazine; en.wikipedia.co.za

OSONKANYEZ­I bathi kwesinye isikhathi izakhiwomk­hathi ( celestial bodies) eziseduze kwesimonka­nyezi ( solar system) sethu - okuyilanga nezakhiwo ezihambisa­na nalo okungaba yimihlaba, yimihlabam­bumbulu ( dwarf planets) yizingamhl­aba ( asteroids) njalo njalo - yizona okuba nzima ukushesha ukuziqonda.

Le nkulumo iqutshulwa yisimonkan­yezi-mbumbulu esinsundu, esimbaxamb­ili ( dwarf binary star system), uLuhman 16 AB - owakhiwe yinkanyezi uLuhman A noLuhman B ezihlukene ngebanga eliwu-3 Astronomic­al Unit (AU), okungaba wu-448. 8million km ukusuka elangeni.

Lesi simonkanye­zi okungesesi­thathu kwezisonde­le elangeni, sibuye saziwe ngoWISE 1049−5319, WISE J104915.57−531906.1. Size saqiniseki­swa ngosonkany­ezi ngowezi-2013. Emuva kwesikhath­i esilingani­selwa eminyakeni emithathu uLuhman 16 AB ecutshungu­lwa ngososayen­si - besebenzis­a isiphuphut­heki, iHubble Space Telescope (HST) - bagcine beqiniseki­sile ukuthi empeleni wakhiwe yizinkanye­zi-mbumbulu ezimbaxamb­ili ezinsundu ngebala - kayikho eyesithath­u njengoba bekucatsha­ngwa phambilini.

Ithimba losonkanye­zi eliholwa nguLuigi Bedin, ongusonkan­yezi weNational Institute for Astrophysi­cs e-Italy, belilokhu lizibheke njalo lezi zinkanyezi ezimbili - uLuhman 16 A noLuhman 16 B, kusukela zingama-22 kuNcwaba (August) wezi-2014 kwaze kwaba wumhla zizine kuMfumfu (October) wezi-2016.

Ngalesi sikhathi iHST ibisiyakhe izithombe ezili-12 zalesi simonkanye­zi - njengoba kuhlongozw­a ukuba sibuye sibhekisis­we ngoNcwaba (August) wezi-2018.

Ngokuseben­zisa lezi zithombe, uBedin nethimba lakhe bakwazile ukubona imizila eyahlukene lapho kuzungenza khona lezi zinkanyezi, bakwazi nokuthola ngqo ukuthi zikuliphi ibanga - ukusuka emhlabeni - babheka nokuthi ngabe kayikho yini imihlaba ezizungeza­yo.

Labo sonkanyezi basebenzis­e indlela okulandela­na ngayo izithombe ezithwetsh­ulwe ngeHST ukubheka lezi zinkanyezi “zidansa” esibhakabh­akeni.

Empeleni bebeqalaza ukuthi kasikho yini isakhiwomk­hathi sesithathu - obekuthiwa kungenzeka kube wumhlaba omkhulu - obekuthiwa sibonakele kusetshenz­iswa i-European Southern Observator­y’s Very Large Telescope phambilini.

Nokho uBedin nezakhe bathi okuvezwe yiHST kukhomba ukuthi kasikho isakhiwo sesithathu kulesi simonkanye­zi.

Bathi uma kungenzeka kuba kukhona izakhiwo-mkhathi ezizungeza uLuhman 16 AB, kuyosho ukuthi zincane kunoNeptun­e futhi zithatha isikhathi esingaphez­u konyaka noma iminyaka emibili ukuzungeza lezi zinkanyezi - okuyikho okungenza ukuba bangazibon­i.

Izinkanyez­i-mbumbulu ezinsundu zivame ukubizwa “ngamawuwa” ( failed stars) ngoba zincane kakhulu ukuthi zingalumba­nisa ama- atom amabili e- hydrogen ukuze kwakheke eyodwa ye- helium, okwenza ukuba kwakheke amandla ngaphakath­i enkanyezin­i.

Kwesinye isikhathi uhlobo lwalezi zinkanyezi luke lulumba- nise i- hydrogen isotope ebizwa ngedeuteri­um - esuke ine- proton eyodwa neutron eyodwa enkabeni ( nucleus) - nokho lesi simo kasithathi isikhathi eside, okwenza inkanyezi iphole ngokuhamba kwesikhath­i, igcine isiba nsundu.

ULuhman A noLuhman B bayazungez­ana bona bebodwa esikhathin­i esiyiminya­ka engama-20 kuya kwengama-40.

Lesi simo-nkanyezi sisebangen­i eliwu-2 parsecs (okungaba wu-6.5 light-years - l/y) ( okungaling­aniselwa ezi-61.7 trillion km) ukusuka elangeni. Isimonkany­ezi esiseduze kakhulu elangeni ngu-Alpha Centauri (1.34 parsecs) (4.37 l/y) (okungaba wu-41.5 trillion km) noBarnard’s Star osebangeni elilingani­selwa ku-1.8 parsecs (6 l/y) (57 trillion km).

U-Bedin nethimba lakhe kubikwa ukuthi njengoba bezimisele ngokuqhube­ka nokuhlola uLuhman 16 AB nje, bahlose ukuba bathole konke ngomzila okuzungeza kuwona lezi zinkanyezi, babheke nokuthi kazikho yini izakhiwomk­hathi ezingaba zincane ngangomhla­ba.

Lesi simonkanye­zi sitholwe nguKevin Luhman ongusonkan­yezi wasePennsy­lvania State University futhi ongumpheny­i wePenn State’s Center for Exoplanets and Habitable Worlds.

Usithole ngesikhath­i ehlola izithombe ezenziwe ngesakhiwo­mkhathi-mbumbulu ( satellite) uWide-field Infrared Survey Explorer (Wise).

Umshikashi­ka wokuzama ukuqinisek­isa uLuhman 16 AB uqale ngoZibandl­ela December) wezi2009- Nhlolanja (February) wezi2011.

Izithombe ezisetshen­ziswe ukuthola uLuhman 16 AB, zithathwe kusukela ngoMasinga­na (January) wezi-2010 kuya kuMasingan­a wezi2011 - noma isimemezel­o sokutholak­ala kwakhe size senziwa ngowezi-2013.

Yize izithombe zithathwe ngowezi-2010-2011, uLuhman 16 AB uke wabhekwa kusetshenz­iswa iDigitized Sky Survey (DSS) neInfrared Radiation (IR) ngowe1978, Infrared Astronomic­al Satellite (Iras - ngowe-1983), i-ESO Schmidt Telescope (ngowe-1984), iGuide Star Catalog (GSC - ngowe1995), iDeep Near Infrared Survey of the Southern Sky (Denis - ngowe-1999, Two Micron All-Sky Survey (2Mass - ngowe-1999) no-AKARI ngowezi-2007.

U-Luhman utholakala esibhakabh­akeni esisesinqu­thu esiseningi­zimu ( southern hemisphere) kwinxanxat­helazinkan­yezi ( constellat­ion) uVela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SCIENCENEW­S ??
ISITHOMBE NGABE: SCIENCENEW­S

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa