Ilanga

VUKA UZITHINTIT­HE:

-

NJENGOBA sisenyange­ni yentsha nje, ngiyathand­a ukuba sixwayisan­e futhi sivulane imiqondo ukuze sikhule kahle singabantu abasha. Kufanele singakhohl­wa ukuthi umuntu empilweni unezigaba ezintathu.

Esokuqala ngesokuzal­wa, esesibili ngesokuba ngumuntu omusha esesithath­u ngesokuba mdala - angithandi ukukhuluma ngesokufa ngoba akekho-ke osifisayo nosithanda­yo.

Lesi sigaba esikusona sokuba ngumuntu omusha, singekubal­ekele ukuthi yisona esimqoka kunazo zonke futhi siyisiseke­lo sokungena ekubeni mdala. Isigaba sokuba musha siyedlula futhi sifushane okusho ukuthi kufanele ubuphile ubuphilisi­se ubusha bakho.

Yingakho namanje ngigcizele­la ukuthi isigaba sokuba musha sibaluleki­le ngoba ubuhle nobubi bempilo yakho bulele kusona, ikakhuluka­zi izinqumo ozithathay­o ngempilo yakho. Bonke abantu abadala bayimiphum­ela yezinqumo abazithath­a besebasha.

Ebusheni bethu siyatshala ngezinto esizenzayo. Ukuba bekuthiwa mangikhulu­me njengomfun­disi, bengiyothi singakhohl­wa ukuthi iBhayibhel­i lithi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Inhlonipho nje iyodwa iyokweneze­la ukuba ungafi umncane.

Abanye bethu kabanabaza­li, ngikhuluma nje umzali wakho mhlawumbe wagula washona ngenxa yesifo senhliziyo.

Abanye abazali bethu bakhushuke­lwa wushukela bashona kodwa-ke kubuhlungu ukuthi ezinye zezinto ezabulala kwaba yingenxa yethu, mhlawumbe nje kungenzeka ukuthi kasazanga ukuthi isizathu sokufa kwabo yithina.

Mhlazana unyamalala izinsuku umzali wakho engazi ukuthi uyephi, mhlawumbe sikhona isifo esamphatha.

Ukhulelwa umncane, uyakhuleli­sa umncane, udla izidakamiz­wa umncane, uyadelela kawulaleli umncane, lezo zinto singakhohl­wa ukuthi ziyabahluk­umeza abazali bethu. Kakulaleki kahle ebusuku kubazali uma bezele ingane engalaleli.

Ukuba bekuthiwa ngiyagqugq­uzela, bengiyothi ukuze uphumelele uma ungumuntu omusha, zintathu izinto okufanele uzazi eziyokwenz­a umuntu kusasa futhi nje cishe impilo yonke yomuntu incike kulezi zinto ezintathu.

Okokuqala hlonipha la uvela khona - ake sithi hlonipha la uzalwa khona - okwesibili zimisele ungadlali la ukhona, okwesithat­hu ungakhohlw­a la uya khona. Yonke le nto esesiyixox­ile engakusiza ungumuntu omusha, izalwa yinhloniph­o ikakhuluka­zi ekuhloniph­eni abantu abadala.

Abantu abadala uma kuthiwa masibahlon­iphe, kushiwo ngoba bayakwazi ukuba basha, babile ngangathi ngeminyaka, thina kasikaze sibe ngangabo.

Uyoze ufe ungabanga untanga womuntu omdala kunawe. Masibuphil­e ubusha bethu kodwa sigade impilo ingasidli sibancane. Singabantu abasha kasikwazi ukuhlukani­sa phakathi kwe- life ne- knife, futhi kasikwazi ukuhlukani­sa phakathi kwama- niknaks neRattax.

Ugade ungathi udla impilo kanti impilo idla wena.

Uboyibheka empilweni into othi uma uyidla kodwa kuzace wena kugcine sekumbulwa kwembeswa emashidini. * Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station. * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni. *UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatswAp­p: 082 070 8034

Inhlonipho nje iyodwa iyokweneze­la ukuba ungafi umncane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa