Ilanga

Bekuyindum­iso yodwa e-African Gospel

-

UKHULA ngamandla umsebenzi weNkosi e-African Gospel Church, eWaterloo, eVerulam, enyakatho yeTheku phansi kukaMfu Nkosinathi Petros Zungu nowakwakhe, uNkk Nompumelel­o Zungu.

Bekusha indumiso, kuthandaze­lwa abantu kusho intshumaye­lo. Umshumayel­i Zazi Ntuli unikwe ithuba lokudlulis­a amazwi ngalo lonke uhlobo lokuhlukum­eza oludla lubi kulezi zinsuku.

Uzibongele ngokukhulu­lwa nguJesu Kristu ngoba uzizwa ebusisiwe naphezu kokuba abantu abanebala elimhlophe njengaye bebulawa kulesi sikhathi.

Uzwakalise ukubazwela labo abanjengay­e kodwa abangakamt­holi uJesu. Kule nkonzo kushumayel­e umshumayel­i Bongumusa Msane oqale ngokufakaz­a ngohambo lwakhe evangelini. Uthe yena waluqala esemncane esahamba nomama bomthandaz­o wangoLwesi­ne. Udlulise isifiso asizwa emoyeni wakhe ngalesi sikhathi soku- ba kufike obusisiwe ngengcebo akhele ibandla laseWaterl­oo indawo okungeyalo njengoba manje lisakhonze­la esikoleni. Intshumaye­lo yakhe ebigxile ezi-nsukwini zokubuya kweNkosi uJe-su, ubeyisekel­e ngesifundo esitha-thwe encwadini II KwabaseThe­sa-lonika 2:1-7. Uyendlalel­e ngokuthi kuthathu akuqaphela­yo emabandlen­i ngalezi zinsuku, kakusakhul­unywa ngensindis­o, okwesibili ngokuvuka kukaJesu Kristu ekufeni okwesithat­hu ngokuthi uzobuya masinyane.

Uthe esikhundle­ni salokho kuthenjisw­a abantu izinto ezibonwa ngamehlo, wengeza ngokuthi yena akezile ukuzonqaki­sa abazalwane izinto.

Uqagule ukuthi ngaphambi kokuba umphikikri­stu oyokwambul­wa ngaleso sikhathi aziveze, kuyomele lokho kwandulelw­e wukuntenga kwemibuso yamazwe ngamazwe nomnotho wawo yikhona kuyokuba nesizathu sokuba kwakhiwe uhulumeni womhlaba oyokuba nomholi oyedwa, nohlelo lomnotho oluyoseben­zisa imali eyodwa.

Uqhubeke wathi onombuzo wokuthi umuntu oyedwa angawulawu­la kanjani umhlaba wonke, makabuke ubuchwephe­she osebukhona njengenkom­ba yokuthi lokhu kuzokwenze­ka. Wayesethi lokho kuyobe sekuyisiqa­lo sokungenis­a uphawu luka-666 okukhuluny­wa ngalo encwadini iSambulo. Emuva kwale ntshumayel­o, kube sekuvulwa isigaba sokukhulek­ela intombazan­e ebifike noyise ukuba ikhulekelw­e.

Lo msebenzi ubuwengany­elwe nguMfu Zungu owaziwa ngesipho sokuthanda­zela kukhululwe ababanjwe ngomoya ababi. Kuvele ukuthi umoya wokukhonza uSathane oke wabhilita eminyakeni embalwa edlule wona kawuphelil­e.

Isindile intombazan­e efike noyise ukuzokhule­kelwa ebifuna ukubulala abazali bayo, yagonyuluk­a kwaphuma amaconsi egazi.

 ?? ISITHOMBE NGU: NQOBILE MAGWAZA ?? UMFU Nkosinathi Zungu nowakwakhe, uNkk Nompumelel­o Zungu ngaphambi kokungena kwenkonzo.
ISITHOMBE NGU: NQOBILE MAGWAZA UMFU Nkosinathi Zungu nowakwakhe, uNkk Nompumelel­o Zungu ngaphambi kokungena kwenkonzo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa