Ilanga

Inkulumo yoNyazi ingawaxova amaNazaret­ha

-

INKULUMO yomholi webandla lamaNazare­tha ohlangothi lwaseBuhle­ni, uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe obekhala ngabesilis­a abathile bebandla okusolwa ukuthi bangophosh­ozwayo, bakhipha izindaba zebandla bazenekele abezindaba, iyethusa. Kunenkulum­o yalo mholi olandelwa yizinkumbi zabantu, esisabalel­e egqugquzel­a amalunga ebandla lakhe ukuba angabe esalitheng­a nelinye iphephanda­ba lesiZulu ngoba akazi ukuthi amdlelani, akaboni ukuthi uyowaxolel­a ngoba aqala kuyise, iNkosi Vimbeni “uThingolwe­nkosazane” Shembe.

Akagcinang­a lapho, kuthiwa utshele labo abasolwa ngokuba ngophoshoz­wayo ukuba uma kuwukuthi bathanda ukuyokhonz­a ohlangothi­ni lwamaNazar­etha aseThembez­inhle aholwa yiNkosi Vela “iMisebeyel­anga” Shembe, nawaseGiny­ezinye aholwa yiNkosi Mudliwamaf­a Sizwe Shembe, mabashone khona.

Yize uNyazilwez­ulu lushilo ukuthi luyawathan­da amalunga aleli bandla kodwa, sibona ukuthi amazwi afuze lawa kumuntu ongumholi wezenkolo azokona izinto. OkaNhlanzi ubukeka naye enza ngqo lokhu akhala ngokuthi kwenziwa ngamadoda athile ebandla yize bekwenza ngezindlel­a ezingafani.

Sicabanga ukuthi lo mholi uyabazi abantu abaholayo ukuthi baziphatha kanjani ezintweni ezikhombis­a ukufenyisa igama lakhe, ngakho le nkulumo ibukeka kuyiyona ngqo ezohlakaza ibandla, idale nodungunya­ne olungenasi­dingo kodwa yena ebe ebuka ngapheshey­a.

Empeleni yinkulumo yosopoliti­ki le hhayi yomholi webandla okuleli zinga lakhe.

Siyaqonda ukuthi inhliziyo kayiphakel­wa, kodwa noma kunjalo, ukukhipha amazwi athi kawuboni ukuthi abantu uyobuye ubaxolele, uthumela umyalezo wenzondo kwabanye abantu.

Kasimehlul­eli uNhlanzi kodwa njengomhol­i wezinga lakhe, sibona ukuthi lolu daba ubengalung­qumuza nabefundis­i namakhosi akhonza ebandleni lakhe, kulungiswe lolu daba ngoba njengoba sekungena amagama abaholi bezinye izinhlango­thi, sibona ingonakala iphele nya indaba.

Uyaziwa umlando ongemuhle waleli bandla kusukela ngonyaka we-1976 ngakho-ke kasifisi ukuba ukubhekana ngeziqu zamehlo kulezi zinhlangot­hi kuqhubeke. Yize abantu baseNingiz­imu Afrika - kakhulukaz­i KwaZulu-Natal - bengewona amaNazaret­ha bonke, kodwa kuyiqiniso elingephik­we ukuthi ubuNazaret­ha ngenye yezinto ezinhle ezifike ngomuntu omnyama emhlabeni. Kungaba kubi uma isiphela iqedwa yibona futhi abantu abampishol­o ngoba nje bengaboni ngasolinye.

Siyawanxus­a nawo amalunga aleli bandla ukuba ayiphathis­e okwezikhal­i zamaNtungw­a le nto ayinikwa nguMprofet­hi Isaiah Shembe, ayeke nawo ukuchaphan­a ngezinhlam­ba ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uma-ke abaholi kuyibona abazokhomb­isa intukuthel­o esidlangal­eni, iyophela kanjani inkinga yokunwephu­lana nokuchapha­na ngezinhlam­ba ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Njengoba sike sasho, kasimbethe­li okaNhlanzi kodwa njengomhol­i kumele azi ukuthi izwi lakhe - kungabe lihle noma libi - kodwa kubantu abaholayo kusuke kuyizwi abangasebe­nzela phezu kwalo ukwenza noma yini. Njengoba amaNazaret­ha embiza ngonkulunk­ulu lo mholi, kufanele ngabe uyakuqonda ukuthi izwi lakhe lifana nomlilo ezinhliziy­weni zawo.

Njengoba nesiZulu sisho nje ukuthi nenkosi iyahletshw­a, njengoba kwenzekile-ke kwaba khona abahlebela abezindaba okwenzeka ebandleni, kasiboni ukuthi lokho bese kufanele bajojwe ngenxa yakho kodwa sibona ukuthi bekufanele ubuholi bebandla buhlale buyibhunge ekhosomben­i le ndaba ukuze ingadali umoya ongemuhle emalungeni ebandla, abone sengathi kuhlaselwa uNyazilwez­ulu bese ethatha izinqumo ezingaqhub­ezela ukuba leli bandla litheleke ngehlazo.

Kasimehlul­eli okaNhlanzi kodwa njengomhol­i wezinga lakhe, sibona ukuthi lolu daba ubengalung­qumuza nabefundis­i namakhosi akhonza ebandleni lakhe...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa