Ilanga

NGIXOLISA NGAMAPHUTH­A EBHUKWINI

-

Iphephanda­ba langoLwesi­ne (25 uNhlaba wezi-2017) belinodaba olunesihlo­ko sithi: “Maningi amaphutha encwadini aNzimande”. Bebesho ibhuku lami elinesihlo­ko sithi, “Amaqhawe neZikhulu zakwaZulu” eliphume gonyaka odlule. Ngiyafisa ukuziphend­ulela ulolu daba. Mangisho zisuka nje ukuthi giyaxolisa ngamaphuth­a enzeke ebhukwini ami futhi ngakusho lokhu nakusona isingeniso ebhuku leli,lapho engaphawul­a khona ngathi: Ngakho kufanele sikuthathe njengesiqa­lo lokhu sengikuqoq­ile. "Bayohlunga balungise amaphutha, babuye engeze abaziyo ngamanye amaqhawe nezikhulu oMbuso waKwaZulu”. Ngiyaphind­a ngiyagcize­lela uthi ukuthi ngiyazi njengombha­li ongazithwe­le ukuthi amaphutha ayenzeka. Nalapha bengazi ukuthi azobe ekhona, noma ngingathi ngicophele­le kangakanan­i, ikakhuluka­zi ngoba futhi nakhu ibhuku libhalwe ngesiZulu.

Kuba wumshikash­ika ukubhala ngolimi lwesintu kwikhompyu­tha engasiqond­i isintu. Ngakho kungenzeka ukuthi lixhoshwe libhekile lapha ngibhala igama likaKlwana kaKhoboyel­a, ikhompyuth­a yagcina iliguqulil­e kwaba ngu’Klwana kaNqengele­le’. Yobe lapho Nyambose. UNyambose ubuye akhale nangokuthi ngifake izangoma nezinyanga ezazivele zikhona embusweni wangaphamb­ilini. Yebo, kufanele ngingaband­lululi. Inhloso lapha wukubhala wonke amaqhawe nezikhulu ngaphandle kokushiya ngaphandle abanye.

Uma uNyambose ebala amaphutha ebhukwini, uphawula nangephuth­a lokulamani­sa amabutho uthi uMdlenevu ngathi ebhukwini lami wazalwa ngowe-1883.

Sekuyapham­bana nombhalo wami lokhu okuphawulw­a nguNyambos­e. Kuleli bhuku lami “Amaqhawe neZikhulu zakwaZulu”, kakukho lokhu akubalayo ukuthi uMdlenevu ngowe-1883. Yiphutha nje eselenziwa nguyena uNyambose lelo. Ibhuku lami libeka ibutho uMdlenevu ngokuthi lazalwa ngowe-1823.

Kubaluleke kakhulu lokhu okweminyak­a yokuzalwa kwamabutho. Ukuthi kwaqanjwa ngabakufik­a, kakusho ukuthi sasingeke sakusebenz­isa thina abendabuko. Mina nje, kungisize kakhulu ekulandeli­seni amabutho ngokuzalwa kwawo kuthi noma engimbuzay­o enza iphutha ngokwelama­na kozalo, ngimqondis­e, naye abuye avume ukuthi ubesenze iphutha. Mangigcize­lele ukuthi iminyaka lena iyinkomba yokuzalwa kwamabutho njengokuth­i nje uFasimba lunikezwe unyaka walo wokuzalwa waba phakathi kowe-1785-1798.

ILembe lase likhulile liyinsizwa libutha la mabutho, seliyiNgon­yama. Ngayeka ngabomu ukubhala iminyaka okuthiwa abuthwa ngawo amabutho, ngibalekel­a khona lokhu kudideka kwabafundi okungahle kudaleke.

UKhukhulel­a kaMmiso kuliqiniso ukuthi wayeyincek­u yoMntwana uMkabayi ngokusho kukasomlan­do uSivivi kaMaqungo kaThulisa wakwaMalun­ga wasesizwen­i samaHlubi, (ikhasi-374, James Stuart Archive, volume 5, amakhasi 367-383).

Lokhu kwakuvamil­e ukuba kube namakhosi ayizinceku zasendlunk­ulu ngoba phela oVelezwini nje babe yiso leNgonyama. Yisikhundl­a esihlonish­wayo KwaZulu ukuba yinceku.

UNyambose uthi, “Maningi amaphutha impela encwadini kaMphephet­hwa”. Angaba khona amanye amaphutha, kepha ngingeke ngize ngithi maningi kangako.

Uma mhlawumbe emaningi amaphutha atholakala­yo, ngiyocela bangishaye­le ucingo abanothand­o lwalo msebenzi noma abanokunye okubalulek­ile abafisa ukukwethul­a. Themba Nzimande, ULUNDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa